Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 4/15 k. 14
  • Ingabe Uyakhumbula?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyakhumbula?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuphila Kwami Nginochoko—Okujabulisayo Nokunesibusiso Esingokomoya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Ngisho Nangolimi Olungasasetshenziswa IBhayibheli Liyaphila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Ongakufunda Emithethweni Emayelana Nochoko
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2020
  • Ingabe Bewazi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 4/15 k. 14

Ingabe Uyakhumbula?

Ukujabulele yini ukufunda omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Bona ukuthi ungayiphendula yini le mibuzo elandelayo:

• Kungani kubaluleke kakhulu ukuba sigcine ubuqotho bethu njengamaKristu?

Ukugcina ubuqotho kusenza sikwazi ukumelela ubukhosi bukaJehova ngoba simthanda nokuba sibonise ukuthi uSathane ungumqambimanga. UNkulunkulu uyosahlulela ngesisekelo sobuqotho bethu, ngakho-ke, bubalulekile ethembeni lethu lesikhathi esizayo.—12/15, amakhasi 4-6.

• Iziphi ezinye zeziqu ezibonisa indima kaJesu enjongweni kaNkulunkulu?

INdodana ezelwe yodwa. ULizwi. U-Amen. UMlamuleli wesivumelwano esisha. UmPristi Ophakeme. INzalo ethenjisiwe.—12/15, ikhasi 15.

• Kungani kuphawuleka ukuthi ngesikhathi u-Eliya ethandazela imvula watshela inceku yakhe ukuba ibheke ngasolwandle? (1 AmaKh. 18:43-45)

U-Eliya wabonisa ukuthi wayewazi umjikelezo wamanzi. Amafu akheka phezu kolwandle ayekhuphukela ezweni, lapho ayeyoba imvula khona.—1/1, amakhasi 15-16.

• Singayandisa kanjani injabulo esiyithola enkonzweni yethu?

Singalungisa izinhliziyo zethu, sigxile endleleni esingabasiza ngayo abanye. Singashumayela sinomgomo wokuqala izifundo zeBhayibheli. Uma abantu bengasinaki, singashintsha izintshumayelo zethu ukuze zikhange abantu basensimini yethu.—1/15, amakhasi 8-10.

• Ingabe uchoko okukhulunywa ngalo eBhayibhelini luyafana nesifo esibizwa ngochoko namuhla?

Isifo esibangelwa amagciwane esibizwa ngokuthi uchoko sasikhona ezikhathini zeBhayibheli. (Lev. 13:4, 5) IBhayibheli likhuluma nangochoko olwaluba sezingutsheni nasezindlini. Kungenzeka ukuthi lolo “choko” kwakuwuhlobo oluthile lwesikhunta noma umngcithi. (Lev. 13:47-52)—2/1, ikhasi 19.

• Izimfundiso zeBhayibheli kufanele ziyithinte kanjani imikhuba nesimo sengqondo somKristu ngemingcwabo?

Nakuba umKristu engase abe lusizi ngenxa yokushonelwa abantu abathandayo, uyazi ukuthi abafileyo abazi lutho. Ngisho noma abangakholwa bengase bamgxeke, uyawagwema amasiko ahlobene nenkolelo yokuthi abafileyo bangabathonya abaphilayo. Ukuze agweme izinkinga, amanye amaKristu aye abhala phansi izifiso zawo mayelana namalungiselelo omngcwabo.—2/15, amakhasi 29-31.

• NgokwamaHubo 1:1, iziphi izinto ezintathu okumelwe sizigweme uma sifuna ukujabula?

Leli vesi likhuluma “ngeseluleko sababi,” ‘indlela yezoni’ ‘nokuhlala endaweni yabahleka usulu.’ Yebo, ukuze sijabule, kudingeka sibagweme labo abahleka usulu noma abangayinaki imithetho kaNkulunkulu. Kunalokho, kufanele siwujabulele umthetho kaJehova.—3/1, ikhasi 17.

• Ingabe ‘incwadi kaJashari’ ‘nencwadi yeziMpi ZikaJehova’ ziyizincwadi zeBhayibheli ezalahleka? (Josh. 10:13; Num. 21:14)

Cha. Kubonakala sengathi kwakuyizincwadi ezingaphefumulelwe ezazikhona ngezikhathi zeBhayibheli abalobi beBhayibheli ababhekisela kuzo.—3/15, ikhasi 32.

• Iluphi ushintsho oluphawulekayo olwenziwa enguqulweni yeBhayibheli yesiLatini yanamuhla?

Ngo-1979, uPapa uJohn Paul II wagunyaza i-Nova Vulgata, inguqulo entsha yesiLatini. Uhlelo lokuqala lwalunegama likaNkulunkulu elithi, Iahveh, ezindaweni ezithile. (Eks. 3:15; 6:3) Nokho, lapho kukhishwa uhlelo lwesibili olusemthethweni ngo-1986, kwafakwa igama elithi Dominus [Nkosi] esikhundleni selithi Iahveh.—4/1, ikhasi 22.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela