AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | LEVITIKUSI 12-13
Ongakufunda Emithethweni Emayelana Nochoko
Izimiso esizithola emithethweni emayelana nochoko zisifundisani ngokugcina ubuhlobo bethu noJehova buqinile?
UJehova wafundisa abapristi indlela yokubona uchoko ngokushesha. Namuhla abelusi abangamaKristu bayashesha ukunikeza usizo kunoma ubani odinga ukuqinisa ubuhlobo bakhe noJehova. —Jak 5:14, 15
Ama-Israyeli kwakufanele ashise noma yini enochoko ukuze agweme ukuba uchoko lusakazeke. AmaKristu nawo kumelwe azimisele ukudela noma yini eyigugu kuwo kunokuba ayivumele ukuba iwaholele esonweni. (Math 18:8, 9) Lokhu kungase kuhlanganise izinto ezinjengemikhuba yawo, abantu azihlanganisa nabo noma ezokuzijabulisa
UmKristu angabonisa kanjani ukuthi uyafisa kakhulu ukwamukela usizo lukaJehova?