Ukusekelwa Ekulingweni Okunzima
NJENGOBA ILANDISWA U-ÉVA JOSEFSSON
Iqembu lethu elincane lalibuthene e-Újpest esifundeni saseBudapest, eHungary, ukuze libe nomhlangano omfushane ngaphambi kokuphuma liye enkonzweni yobuKristu. Kwakungu-1939, ngaphambi nje kokuqala kweMpi Yezwe II, futhi umsebenzi wokushumayela woFakazi BakaJehova wawuvinjelwe eHungary. Labo ababehlanganyela ekufundiseni ngeBhayibheli obala ngalezo zinsuku babevame ukuboshwa.
NJENGOBA ngangiqala ukuhlanganyela kulo msebenzi, kumelwe ukuba ngangibonakala ngikhathazekile futhi ngiphaphathekile. Umfowethu osekhulile ongumKristu waphendukela kimi wathi: “Éva, akudingekile ukuba wesabe. Ukukhonza uJehova ilungelo elikhulu kunawo wonke umuntu angaba nalo.” Lawo mazwi okucabangela naqinisayo asiza ekungisekeleni ekulingweni okunzima okuningi.
Isizinda SobuJuda
Ngangiyingane endala emkhayeni ongamaJuda onezingane ezinhlanu. Umama wayenganelisiwe ubuJuda, futhi waqala ukuhlola ezinye izinkolo. Lena indlela ahlangana ngayo no-Erzsébet Slézinger, omunye wesifazane ongumJuda naye owayefuna iqiniso leBhayibheli. U-Erzsébet waxhumanisa umama noFakazi BakaJehova, futhi ngenxa yalokho, nami ngaba nesithakazelo esijulile ezimfundisweni zeBhayibheli. Ngokushesha ngaqala ukuhlanganyela nabanye lokho engangikufundile.
Lapho ngiba neminyaka engu-18 ubudala ehlobo lika-1941, ngabonakalisa ukuzinikezela kwami kuJehova uNkulunkulu ngokubhapathizwa eDanube River. Nomama wabhapathizwa ngaleso sikhathi, kodwa ubaba akazange ahlanganyele nathi enkolweni yethu yobuKristu esasisanda kuyithola. Ngemva nje kokuba ngibhapathiziwe, ngahlela ukuphayona, okuwukuhlanganyela enkonzweni yesikhathi esigcwele. Kwakudingeka ngithole ibhayisekili, ngakho ngaqala ukusebenza endaweni yokuthaka efektri enkulu yezindwangu.
Ukuqala Kokulingwa
AmaNazi ayethathe iHungary, futhi ifektri engangisebenza kuyo yaphathwa amaJalimane. Ngolunye usuku zonke izisebenzi zabizelwa kubaphathi ukuze zenze isifungo sokuzinikela kumaNazi. Satshelwa ukuthi ukuhluleka ukwenza kanjalo kwakuyoba nemiphumela emibi. Phakathi nomkhosi okwakufanele sikhulekele kuwo uHitler, ngama ngenhlonipho kodwa angizange ngenze okwakuthiwa sikwenze. Ngabizelwa ehhovisi ngalo kanye lolo suku, nganikwa iholo lami, ngaxoshwa. Njengoba umsebenzi wawuntuleka, ngazibuza ukuthi kwakuzokwenzekani ngokuhlela kwami ukuphayona. Nokho, ngakusasa, ngathola umsebenzi omusha owawukhokhela ngisho neholo elingcono.
Manje isifiso sami sokuphayona sase singafezeka. Ngaphayona nabantu abaningana, futhi owokugcina kwakunguJuliska Asztalos. Sasisebenzisa iBhayibheli kuphela enkonzweni yethu, singenazo izincwadi esasingazihambisa. Lapho sithola umuntu onesithakazelo, sasiphindela bese simboleka incwadi.
Ngokuphindaphindiwe, mina noJuliska kwakudingeka sishintshe insimu esiyisebenzayo. Lokhu kwakungenxa yompristi, okwakuthi lapho ezwa ukuthi sihambela ‘izimvu zakhe,’ amemezele esontweni ukuthi uma oFakazi BakaJehova befika, kumelwe zibikele yena noma amaphoyisa. Lapho abantu abanobungane besitshela ngesimemezelo esinjalo, sasisuka siye kwenye insimu.
Ngolunye usuku mina noJuliska sahambela umfanyana owabonisa isithakazelo. Sabeka usuku lokuphindela ukuze simboleke okuthile kokufunda. Kodwa lapho siphindela, sathola kunamaphoyisa, futhi saboshwa sayiswa esiteshini samaphoyisa eDunavecse. Lowo mfana wayesetshenziswe njengesicupho sokusibamba. Lapho sifika esiteshini samaphoyisa, sabona umpristi lapho, futhi sazi ukuthi naye wayehilelekile.
Ukulingwa Kwami Okunzima Kunakho Konke
Lapho, esiteshini samaphoyisa, ngagundwa zonke izinwele, futhi kwakudingeka ngime nginqunu phambi kwamaphoyisa angaba ngu-12. Angisesha ngemibuzo, efuna ukwazi ukuthi ubani owayengumholi wethu eHungary. Ngachaza ukuthi sasingenaye omunye umholi ngaphandle kukaJesu Kristu. Abe esengishaya ngesihluku ngezinduku zawo, kodwa angizange ngibakhaphele abafowethu abangamaKristu.
Ngemva kwalokho, angibopha izinyawo futhi aphakamisa izandla zami azibophela ndawonye ngenhla kwekhanda lami. Abe esengidlwengula wonke, elinye ngemva kwelinye, ngaphandle kwephoyisa elilodwa. Ngangiboshwe ngaqiniswa kangangokuthi ngangisenezibazi ezihlakaleni nangemva kweminyaka emithathu. Ngangihlukunyezwe kangangokuthi ngagcinwa egunjini elingaphansi amasonto amabili kwaze kwaba yilapho amanxeba amabi kakhulu ayesethe ukupholaphola.
Inkathi Yokukhululeka
Kamuva ngayiswa ejele elaliseNagykanizsa, lapho kwakunoFakazi BakaJehova abaningi khona. Kwalandela iminyaka emibili yenjabulo, uma kuqhathaniswa, nakuba sasiboshiwe. Sasiqhuba yonke imihlangano yethu ekufihlekeni, futhi sasisebenza cishe njengebandla. Futhi sasinamathuba amaningi okufakaza ngokwethukela. Kwakukuleli jele lapho ngahlangana khona no-Olga Slézinger, udadewabo ka-Erzsébet Slézinger, owesifazane mina nomama esezwa ngaye okokuqala amaqiniso eBhayibheli.
Ngo-1944 amaNazi eHungary ayezimisele ukuqothula amaJuda aseHungary, njengoba nje ayebulawa ngendlela ehleliwe kwezinye izindawo ezazithathiwe. Ngolunye usuku alanda mina no-Olga. Safakwa enqoleni yesitimela ethwala izinkomo, futhi ngemva kohambo olunzima sidlula eCzechoslovakia, safika lapho sasiyiswa khona eningizimu yePoland—ekamu lokufa i-Auschwitz.
Ukusinda E-Auschwitz
Ngangizizwa ngilondekile lapho ngino-Olga. Wayekwazi ukwenza ihlaya ngisho nasezimweni ezilingayo. Lapho sifika e-Auschwitz, sema phambi kukaDkt. Mengele onedumela elibi, owayesebenza ukuhlukanisa abafikayo ababengenakukwazi ukusebenza kulabo ababenemizimba eqinile. Laba ababengenakukwazi ukusebenza babethunyelwa emagunjini esisi esibulalayo. Lapho kufika isikhathi sethu, uMengele wabuza u-Olga, “Uneminyaka emingaki?”
Ngesibindi, futhi ebakaza ngendlela yokwenza ihlaya, waphendula, “engu-20.” Eqinisweni wayeneminyaka ephindwe kabili kuleyo. Kodwa uMengele wahleka futhi wathi makaye ngakwesokudla ngaleyo ndlela aqhubeke ephila.
Zonke iziboshwa e-Auschwitz zazinophawu ezingutsheni zazo zasejele—amaJuda ayene-Star of David, futhi oFakazi BakaJehova benonxantathu onsomi. Lapho befuna ukuthungela i-Star of David ezingutsheni zethu, sachaza ukuthi singoFakazi BakaJehova futhi sifuna unxantathu onsomi. Lokhu kwakungabangelwa ukuthi sasinamahloni ngokuba kwethu amaJuda, kodwa sase singoFakazi BakaJehova. Bazama ukusiphoqelela ukuba samukele uphawu lwamaJuda ngokusikhahlela nokusishaya. Kodwa sama siqinile, kwaze kwaba yilapho besamukela njengoFakazi BakaJehova.
Ngokuhamba kwesikhathi, ngahlangana nodadewethu u-Elvira, owayemncane kunami ngeminyaka emithathu. Wonke umkhaya wakithi wabangu-7 wawulethwe e-Auschwitz. Kwakungu-Elvira nami kuphela ababhekwa njengabangasebenza. Ubaba, umama nezingane zakithi ezintathu bafa emagunjini esisi esibulalayo. U-Elvira wayengeyena uFakazi ngaleso sikhathi, ngakho asizange sihlale engxenyeni eyodwa yekamu. Wasinda, wathuthela e-United States, waba uFakazi ePittsburgh, ePennsylvania, futhi kamuva washonela lapho ngo-1973.
Ukusinda Kwamanye Amakamu
Ebusika buka-1944/45, amaJalimane anquma ukusuka e-Auschwitz, njengoba amabutho aseRussia ayesondela. Ngakho sathuthelwa eBergen-Belsen engxenyeni esenyakatho yeJalimane. Ngemva nje kokufika kwethu lapho, mina no-Olga sathunyelwa eBraunschweig. Lapho kwakufanele sisize ekukhucululeni imfucumfucu ngemva kokubhonjwa okunamandla amabutho Amazwe Ahlangene. Mina no-Olga sabhunga ngalolu daba. Njengoba sasingaqiniseki ukuthi ukwenza lowo msebenzi kwakuyongqubuzana yini nokungathathi kwethu uhlangothi, sobabili sanquma ukungahlanganyeli kuwo.
Isinqumo sethu sabangela isiyaluyalu. Sabhaxabulwa ngeziswebhu futhi sayiswa emabuthweni adubulayo. Sanikwa umzuzu owodwa ukuba sicabange ngale ndaba, futhi satshelwa ukuthi uma singashintshi kulokhu esikucabangayo, sasizodutshulwa. Sathi sasingadingi sikhathi sokucabanga ngoba sase sisenzile isinqumo. Nokho, ngenxa yokuthi umphathi wekamu wayengekho futhi kunguye kuphela owayenegunya lokunikeza umyalo wokubulala, kwadingeka ukubulawa kwethu kuhlehliswe.
Okwaleso sikhathi saphoqelelwa ukuba sime egcekeni lekamu usuku lonke. Sasigadwe amasosha amabili ayeshintshwa njalo ngemva kwamahora amabili. Sasinganikwa kudla, futhi siqhuqhwa amakhaza, njengoba kwakungu-February. Kwadlula isonto siphathwa ngaleyo ndlela, kodwa umphathi engafiki. Ngakho safakwa ngemuva elolini, futhi samangala sesizithola sesibuyiselwe emuva eBergen-Belsen.
Ngaleso sikhathi mina no-Olga sasisesimweni esibi kakhulu. Izinwele zami zaziqothuke kakhulu futhi ngiphethwe imfiva enamandla. Kwakudingeka ngenze umzamo omkhulu ukuze ngenze nje umsebenzi omncane. Isobho elimanzi leklabishi nocezwana lwesinkwa usuku ngalunye kwakungenele. Kodwa kwakudingeka sisebenze ngoba labo ababengasakwazi ukusebenza babebulawa. Odade baseJalimane ababesebenza nami ekhishini babengisiza ukuba ngiphumule kancane. Lapho onogada abahlolayo beza, odade babengixwayisa, ukuze ngime ebhentshini lokusebenza, ngibonakale ngisebenza ngenkuthalo.
Ngolunye usuku u-Olga wayengenawo nhlobo amandla okuya lapho ayesebenza khona, futhi ngemva kwalokho asiphindanga sambona. Ngalahlekelwa umngane onesibindi, owaba usizo olukhulu kimi phakathi nalezo zinyanga ezinzima emakamu. Njengomlandeli ogcotshiwe weNkosi yethu uJesu Kristu, kumelwe ukuba ngokushesha wamukela umvuzo wakhe wasezulwini.—IsAmbulo 14:13.
Ukukhululwa Nokuphila Ngemva Kwalokho
Lapho kuphela impi ngo-May 1945 futhi kutholakala nenkululeko, ngangibuthaka kakhulu kangangokuba angikwazanga nokujabulela ukuthi ijoka labacindezeli lase lephuliwe ekugcineni; angikwazanga nokuhamba nezinqola ezaziyisa abakhululekile emazweni ayefisa ukubamukela. Ngahlala esibhedlela izinyanga ezintathu ukuze ngiphinde ngithole amandla. Ngemva kwalokho ngayiswa eSweden, okwaba ikhaya lami elisha. Ngokushesha, ngaxhumana nabafowethu nodadewethu abangamaKristu futhi ngokuhamba kwesikhathi ngaqala inkonzo yasensimini eyingcebo eyigugu.
Ngo-1949, ngashada noLennart Josefsson, owayesekhonze njengombonisi ojikelezayo woFakazi BakaJehova iminyaka eminingi. Naye wayeke waboshelwa ukulondoloza ukholo lwakhe phakathi neMpi Yezwe II. Saqala ukuphila kwethu sindawonye njengamaphayona ngo-September 1, 1949, futhi sabelwa ukuyokhonza edolobheni laseBorås. Eminyakeni yokuqala silapho, sasiqhuba izifundo zeBhayibheli eziyishumi isonto ngalinye nabantu abathakazelayo. Sajabulela ukubona ibandla laseBorås lihlukaniswa liba amabandla amathathu phakathi neminyaka engu-9, futhi manje sekunamahlanu.
Angikwazanga ukuqhubeka isikhathi eside ngiyiphayona ngoba ngo-1950 sathola indodakazi, kwathi ngemva kweminyaka emibili, saba nendodana. Ngakho ngaba nelungelo elijabulisayo lokufundisa izingane zethu iqiniso eliyigugu engalifundiswa umzalwane othandekayo eHungary lapho ngineminyaka engu-16 nje ubudala, lokuthi: “Ukukhonza uJehova ilungelo elikhulu kunawo wonke umuntu angaba nalo.”
Lapho ngibheka emuva ekuphileni kwami, ngiyaqaphela ukuthi ngiye ngakubona ngokoqobo ukuthi kuyiqiniso lokho umfundi uJakobe akubhala lapho esikhumbuza ngokukhuthazela kukaJobe: “UJehova unesisa kakhulu ekusondelaneni ngokomzwelo futhi unesihe.” (Jakobe 5:11) Nakuba nami ngabhekana nokulingwa okunzima, ngiye ngabusiswa ngokucebile ngezingane ezimbili, ngabangane bazo bomshado nangabazukulu abayisithupha—bonke abangabakhulekeli bakaJehova. Ngaphezu kwalokho, nginezingane nabazukulu abangokomoya abaningi kakhulu, abanye babo abakhonza njengamaphayona nanjengezithunywa zevangeli. Manje ithemba lami elikhulu liwukuhlangana nabathandekayo bami abalele ekufeni nokubasingatha lapho bevuswa emathuneni abo ayisikhumbuzo.—Johane 5:28, 29.
[Isithombe ekhasini 31]
Enkonzweni eSweden ngemva kweMpi Yezwe II
[Isithombe ekhasini 31]
Nginomyeni wami