Okwenza Basebenzise Ubudlova
UMNTWANA othile, usana olunamasonto angu-27 olwazalwa ngaphambi kwesikhathi, wazalelwa eDenver, eColorado, e-U.S.A. Lo mfana waphila, futhi ngemva kwezinyanga ezintathu esesibhedlela, wabuyiselwa ekhaya kubazali bakhe. Ngemva kwamasonto amabili, umfana wabuyela esibhedlela. Ngani? Wayelimele kakhulu ebuchosheni ngenxa yokuxukuziswa uyise ngobudlova. Uyise wayengenakukumela ukukhala kwalo mntwana. Lo mfana omncane wavaleka amehlo futhi wakhubazeka. Ezokwelapha zanamuhla zazimsindise enkingeni yasekuzalweni kodwa zazingenakumsindisa ebudloveni bukayise.
Izingane ezingenakubalwa ziyahlukunyezwa, zibhambabulwe noma zibulawe kwenye yezindawo ezinobudlova ukuzedlula zonke emhlabeni—ikhaya! Abanye balinganisela ukuthi e-United States iyodwa, izingane ezifinyelela ku-5 000 zibulawa abazali bazo! Akuzona zodwa izingane eziyizisulu. Ngokukamagazini i-World Health, e-United States “ukuhlukunyezwa kwamakhosikazi kuyimbangela enkulu yokulimala kwabesifazane abasesethubeni lokuthola abantwana.” Kuthiwani ngamanye amazwe? “Abesifazane abayingxenye eyodwa kwezintathu kuya kwabangaphezu kwengxenye abahlolwa [emazweni asathuthuka] babika ukuthi baye bashaywa abantu abathandana nabo.” Yebo, ubudlova buyanda, ikakhulukazi ekhaya.
Amadoda namakhosikazi amaningi azama ukuxazulula ukungezwani kwabo ngobudlova. Kwamanye amazwe, abazali nothisha basebenzisa ubudlova ukuze bakhiphele intukuthelo yabo ezinganeni. Iziqhwaga zihlupha ababuthakathaka, zibaphathe ngobudlova ukuze nje zizijabulise. Kungani abantu beba nobudlova kangaka?
Okwenza Abantu Babe Nobudlova
Abanye bathi abantu banobudlova ngokwemvelo. Nakuba amacala obudlova ewonke eye ancipha e-United States, ubudlova buye banda entsheni. Futhi iye yaba nesithakazelo ngokwengeziwe ebudloveni. Iziteshi ezintathu eziyinhloko zethelevishini ziye zaliphinda kabili inani lemidlalo enobudlova futhi zaliphinda kathathu elemibiko yokubulala. Yebo, ubudlova buchumisa ibhizinisi! Isazi sezifo zengqondo uKarl Menninger, sathi: “Asigcini nje kuphela ngokububekezelela ubudlova kodwa sibenza bube yizihloko eziqavile emaphephandabeni ethu. Ingxenye eyodwa kwezintathu noma kwezine yezinhlelo zethu zethelevishini ibusebenzisela ukujabulisa izingane zethu. Buyashalazelelwa! Bangane bami abathandekayo, siyabuthanda.”
Ukuhlola kwezesayensi kwamuva nje kusikisela ukuthi kokubili izinqubo zasebuchosheni nendawo ezungezile kunengxenye enkulu ekubeni umuntu abe nonya. “Sonke sesiphetha ngokuthi izindawo ezonakele okuhlala kuzo izingane eziningi ngokwandayo, ziyakubangela ngempela ukudlanga kobudlova,” kusho uDkt. Markus J. Kruesi we-University of Illinois Institute for Juvenile Research. “Izinto ezenzeka endaweni ezungezile ngempela zibangela ushintsho emangqamuzaneni obuchopho okwenza ukuba abantu baqhubeke benza noma ikanjani.” Incwadi ethi Inside the Brain, ithi izici ‘ezinjengokuwohloka komkhaya, ukwanda kwabazali abangabodwa, ubumpofu obuphikelelayo nokusetshenziswa kabi kwezidakamizwa osekuwumkhuba, zingenza isimiso sokusebenza kobuchopho sithambekele endleleni enonya—into okwakungacatshangwa ukuthi ingabangelwa yilezi zici.’
Kuthiwa lezi zinguquko ebuchosheni zihlanganisa ukwehla kwezinga le-serotonin, ikhemikhali yobuchopho okucatshangwa ukuthi igcina izinga lolaka lisendaweni. Ukuhlola kubonisa ukuthi utshwala bungalehlisa izinga le-seretonin ebuchosheni, ngaleyo ndlela kwenze ukuhlobana kobudlova nokusebenzisa kabi uphuzo oludakayo, osekukudala kwaziwa, kube nesisekelo esingokwesayensi.
Noma kunjalo kusenesinye isici ekudlangeni kobudlova namuhla. “Khumbula,” kuxwayisa incwadi yeziprofetho ethenjwayo, iBhayibheli, ukuthi “kuyoba khona izikhathi ezinzima ezinsukwini zokugcina. Abantu bayoba abanobugovu, abaqhoshayo nabazidlayo; . . . bayoba abangenamusa, abangenasihe, abangabanyundeli, abanobudlova, abanolaka; bayozonda okuhle; bayoba abakhohlisayo, abangenandaba nabagcwele ukuziqhenya . . . Bagweme abantu abanjalo.” (2 Thimothewu 3:1-5, Today’s English Version) Yebo, ubudlova esibubonayo namuhla buwukugcwaliseka kwesiprofetho seBhayibheli ‘sezinsuku zokugcina.’
Kukhona nokunye okwenza lesi kube yisikhathi esinobudlova nakakhulu. “Mayé ngomhlaba nangolwandle,” kusho iBhayibheli, “ngoba uDeveli wehlele kini, enentukuthelo enkulu, azi ukuthi unenkathi yesikhathi emfushane.” (IsAmbulo 12:12) UDeveli nebutho lakhe lamademoni baye baphonswa ngaphandle kwasezulwini futhi manje bakhiphela isibhongo esintwini. ‘Njengombusi wegunya lomoya,’ uDeveli usebenzisa “umoya manje osebenza emadodaneni okungalaleli.”—Efesu 2:2.
Pho, singabhekana kanjani nalo “moya” wobudlova wezwe lanamuhla? Futhi singakuxazulula kanjani ukungezwani ngaphandle kobudlova?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 3]
Izingane ezingenakubalwa ziyahlukunyezwa, zibhambabulwe noma zibulawe kwenye yezindawo ezinobudlova ukuzedlula zonke emhlabeni—ikhaya!