Izinkinga Zemikhaya Enosingamzali
KUNGENZEKA UKUBA IMIKHAYA ENOSINGAMZALI IJABULE! KANJANI?
Imikhaya enosingamzali iye yaba uhlobo oluvamile lomkhaya ezingxenyeni eziningi zomhlaba. Nokho, imikhaya enosingamzali inezinkinga zayo ezihlukile. Ngokungangabazeki, inkinga eyinselele kakhulu ukukhulisa izingane. Nokho, njengoba izihloko ezimbili ezilandelayo zizozama ukubonisa, kungenzeka ukukhulisa izingane ngokuphumelelayo emkhayeni onosingamzali.
NGOKUVAMILE, KUYE KWAKHULUNYWA KABI NGOSINGABABA NOSINGAMAMA. LAPHO SISEYIZINGANE, iningi lethu liye lezwa ngenganekwane ethile kaCinderella, owayehlushwa kakhulu usinganina ononya. Izingane zaseYurophu nazo zifunda ngenganekwane ethi Snow White and the Seven Dwarfs. Usinganina kaSnow White kwatholakala ukuthi unguhodoba womthakathi!
Ingabe izinganekwane ezinjalo zinikeza umbono onembile ngemikhaya enosingamzali? Ingabe bonke osingamzali babi kanjalo? Cha. Iningi labo lifuna izingane elizithole emshadweni ziphile kangcono kakhulu. Kodwa kudingeka libhekane nezinkinga ezinzima ezitholakala ekuphileni kwemikhaya enosingamzali.
Izinkinga Zokukhulisa Izingane
Lapho umshado wokuqala ubhidlika, imbangela ngokuvamile iwukungavuthwa kwabangane bomshado. Emshadweni wesibili, ukusebenzelana nezingane kungabonakalisa ubuhlobo. Imibhalo ethile egciniwe ibonisa ukuthi imikhaya engaphezu kwemine kweyishumi enosingamzali igcina ngokwehlukanisa phakathi neminyaka emihlanu yokuqala.
Abasanda kushada bangase bangakuqapheli ukuphazamiseka kwezingane ngokomzwelo, ukungaqiniseki ukuthi zithembeke kubani nemizwa yesikhwele nentukuthelo ebangelwa ukufika kukasingamzali. Zingase zicabange ukuthi umzali wazo usethanda usingamzali kunazo. Ngaphezu kwalokho, umzali olahlwe umngane womshado angase akuthole kunzima ukuqonda ukuthi kungani izingane ziqhubeka zisondelene nomngane womshado wangaphambili. Omunye umfana wazama ukuchaza ukuthi kungani enobuhlobo obuhle noyise omzalayo, wathi, “Mama, ngiyazi ukuthi ubaba wakuphatha kabi, kodwa ubelokhu ekahle kimi!” Amazwi anjalo, nakuba eqotho, angenza umama amthukuthelele kakhulu uyise wengane.
Omunye usingababa wavuma: “Ngangingakulungele ngempela ukubhekana nezinkinga eziphathelene nokukhulisa izingane ezingazalwa yimina. Ngangena kulesi simo ngicabanga ukuthi njengoba ngase ngishade nonina ngase ngiwuyise. Kwakulula kanjalo nje! Ngangingakuqondi ukusondelana kwezingane noyise ozizalayo, ngakho ngenza amaphutha amaningi.”
Kungaba khona ukucindezeleka ikakhulukazi endabeni yokuyala. Izingane ziyasidinga isiyalo sothando, kodwa ngokuvamile zimelana naso ngisho noma sivela kumzali ozizalayo. Yeka ukuthi kunzima kangakanani ukusamukela sivela kusingamzali! Ngokuvamile, lapho ibhekene nalokho kuyala, ingane okungeyona oyizalayo iyosho okuthile okunjengokuthi, “Awuyena ubaba wami!” Yeka ukuthi lawo mazwi akhungathekisa kanjani kusingamzali onezisusa ezinhle!
Ingabe izingane zingakhuliswa ngokuphumelelayo emikhayeni exubile? Ingabe osingamzali bangaba nengxenye enhle ekwakheni umkhaya ophumelelayo? Impendulo yayo yomibili le mibuzo inguyebo uma bonke abahilelekile belandela iseluleko seZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe, iBhayibheli.
[Isithombe ekhasini 3]
“Awuyena ubaba wami!”