Impicabadala Ewukugula
UMNTWANA U-OWMADJI UYAGULA, UYAHUDA. Unina, uHawa, ukhathazwa ukuthi uzophelelwa uketshezi emzimbeni; uzwe ukuthi udadewabo osemaphandleni usanda kushonelwa umntwana ngaleyo ndlela. Ugogo ka-Owmadji, uninazala kaHawa, ufuna ukumyisa enyangeni yesizwe u-Owmadji. Uthi: “Le ngane iguliswa umoya omubi. Walile ukuyifaka isiphandla sokuyiqinisa, bheka manje kuqala izinkinga!”
LESI simo sivamile ezingxenyeni eziningi zezwe. Amakhulu ezigidi akholelwa ukuthi imbangela ecashile yokugula yimimoya emibi. Ingabe lokhu kuyiqiniso?
Ukwakhiwa Kwale Mpicabadala
Kungenzeka wena ngokwakho awukholelwa ukuthi izifo zibangelwa yimimoya engabonakali. Eqinisweni, ungase uzibuze ukuthi yini engenza umuntu acabange kanjalo, ngoba ososayensi baye babonisa ukuthi iningi lezifo libangelwa amagciwane. Nokho, khumbula ukuthi ngaphambili isintu sasingazi ngamagciwane. Amagciwane ayengabonakali ngeso lomuntu kwaze kwaba yilapho u-Antonie van Leeuwenhoek akha isibonakhulu ngekhulu le-17. Yize kunjalo, ososayensi baze baqala ukuqonda ukuhlobana kwamagciwane nezifo ngemva kwalokho okwatholwa uLouis Pasteur ekhulwini le-19.
Njengoba izimbangela zokugula zazingaziwa engxenyeni enkulu yomlando wesintu, kwavela imiqondo eminingi eyizinkolelo-ze, kuhlanganise nowokuthi konke ukugula kubangelwa yimimoya emibi. I-New Encyclopædia Britannica isikisela enye yezindlela okungenzeka ukuthi kwenzeka ngayo lokhu. Ithi abelaphi bakudala babezama ukwelapha abagulayo ngezinhlobo ezihlukahlukene zezimpande, amaqabunga nanoma yini ababengayithola. Ngezinye izikhathi, okunye kwako kwakusebenza. Umelaphi wayebe esenezela imikhutshana nezenzo eziningi zenkolelo-ze, okwakwenza ikhambi langempela lingaziwa. Kanjalo umelaphi wayeqiniseka ukuthi abantu kwakuyodingeka baqhubeke bezocela usizo kuye. Ngale ndlela, ukwelapha kwaba yimpicabadala, futhi abantu bakhuthazwa ukuba balindele ukuthola usizo kokuthile okungavamile.
Lezi zindlela zokwelapha ezingokwesiko zisasetshenziswa emazweni amaningana. Abaningi bathi ukugula kubangelwa yimimoya yokhokho asebafa. Abanye bathi nguNkulunkulu osenza sigule futhi ukugula kuyisijeziso sezono zethu. Ngisho nalapho abantu abanolwazi beziqonda izimbangela zokugula ezingokwesayensi, bangase baqhubeke besaba amathonya ezinto ezingaphezu kwezivamile.
Abathakathi nezinyanga basebenzisa lokhu kwesaba ukuze baxhaphaze abantu. Yini-ke okufanele siyikholelwe? Ingabe kuyasiza ukuphendukela emimoyeni ukuze sithole ukwelashwa? Lithini iBhayibheli?