Ingabe UDeveli Uyasenza Sigule?
UKUGULA KWAKUNGAFANELE KUBE KHONA. UNkulunkulu wasidalela ukuba siphile phakade siyimingqabavu. Yisidalwa somoya, uSathane, esabangela ukuba ukugula, ubuhlungu nokufa kuhluphe umkhaya wesintu lapho siholela abazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva, esonweni.—GENESISE 3:1-5, 17-19; ROMA 5:12.
INGABE lokhu kusho ukuthi konke ukugula kubangelwa ngokuqondile yizidalwa zomoya? Njengoba kuphawuliwe esihlokweni esandulele, abaningi namuhla bacabanga kanjalo. Nogogo ka-Owmadji wayecabanga kanjalo. Kodwa ingabe ukuhuda kuka-Owmadji—isifo esizibulalayo izingane ezincane ngezinye izikhathi emazweni ashisayo—sasibangelwa yimimoya engabonakali ngempela?
Indima KaSathane
IBhayibheli liwuphendula ngokucace bhá lo mbuzo. Okokuqala, libonisa ukuthi imimoya yokhokho bethu ayikwazi ukuba nethonya kwabaphilayo. Lapho abantu befa, “abazi lutho.” Abanayo imimoya eqhubeka iphila. Balele ethuneni, lapho ‘kungekho khona msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha.’ (UmShumayeli 9:5, 10) Abafileyo abasoze bakwazi ukwenza abaphilayo bagule!
Nokho, iBhayibheli lembula ukuthi ikhona imimoya emibi. Isihlubuki sokuqala ezulwini nasemhlabeni kwakuyisidalwa somoya esesaziwa ngokuthi uSathane. Nezinye zazibandakanya naye futhi zabizwa ngokuthi amademoni. Ingabe uSathane namademoni bangakubangela ukugula? Bake bakubangela. Ezinye zezimangaliso zikaJesu zokuphulukisa zazihilela ukuxosha amademoni. (Luka 9:37-43; 13:10-16) Nokho, iningi lezifo uJesu azelapha laliyizifo ezingabangelwanga amademoni ngokuqondile. (Mathewu 12:15; 14:14; 19:2) Nanamuhla, ngokuvamile ukugula kunezimbangela ezingokwemvelo, hhayi ezingavamile.
Kuthiwani ngokuthakatha? IzAga 18:10 ziyasiqinisekisa: “Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.” UJakobe 4:7 uthi: “Melanani noDeveli futhi uyonibalekela.” Yebo, uNkulunkulu angabavikela abathembekile bakhe ekuthakathweni nakunoma yimaphi amandla angavamile. Leyo enye yezinto ezisikiselwa amazwi kaJesu athi: “Iqiniso liyonikhulula.”—Johane 8:32.
Abanye bangase babuze: ‘UJobe yena? Akaguliswanga yini umoya omubi?’ Yebo, iBhayibheli lithi ukugula kukaJobe kwabangelwa uSathane. Kodwa okwenzeka kuJobe kwakuhlukile. Kwase kuyisikhathi eside uJobe evikelwe ngokwaphezulu ekuhlaselweni amademoni ngokuqondile. USathane wabe esebekela uJehova inselele yokuba amhlasele uJobe, kwathi ngenxa yezimpikiswano ezibalulekile ezazihilelekile, uJehova wasusa ingxenye yesivikelo sakhe kumkhulekeli wakhe kule ndaba.
Nokho, uNkulunkulu wabeka imingcele. Lapho evumela uSathane ukuba ahluphe uJobe, uSathane wayengamenza agule uJobe okwesikhathi esithile, kodwa wayengenakumbulala. (Jobe 2:5, 6) Ekugcineni, ukuhlupheka kukaJobe kwaphela, futhi uJehova wamvuza ngokucebile ngobuqotho bakhe. (Jobe 42:10-17) Izimiso ezafakazelwa ubuqotho bukaJobe sezinesikhathi eside zalotshwa eBhayibhelini futhi zisobala kuwo wonke umuntu. Akukho sidingo sokunye ukuvivinywa okunjengalokhu.
Usebenza Kanjani USathane?
Cishe kuzo zonke izimo, okuwukuphela kwento ehlanganisa uSathane nokugula kwabantu ukuthi uSathane walinga umbhangqwana wokuqala ongabantu, wawusuwela esonweni. Akuyena noma amademoni akhe ababangela ngokuqondile ukugula ngakunye. Nokho, asinakusho ukuthi uSathane akazami ukusithonyela ukuba senze izinqumo ezingahlakaniphile futhi sihlehle okholweni lwethu, okungase kuphumele ekulimaleni kwempilo yethu. Akazange abathakathe, ababulale noma abagulise o-Adamu no-Eva. Wathonya u-Eva ukuze angamlaleli uNkulunkulu, futhi u-Adamu wamlandela ekungalalelini kwakhe. Ukugula nokufa kwakuyingxenye yomphumela.—Roma 5:19.
Umprofethi ongathembekile okuthiwa uBalami wake waqashwa yinkosi yabakwaMowabi ukuba aqalekise isizwe sakwa-Israyeli, esasikanise emingceleni yakwaMowabi ngendlela ewusongo. UBalami wazama ukuqalekisa u-Israyeli, kodwa wehluleka ngoba lesi sizwe sasivikelwe nguJehova. AbakwaMowabi babe sebephuma inqina beyoyengela u-Israyeli ekukhonzeni izithombe nasekuziphatheni okubi kobulili. Leli cebo laphumelela, futhi uJehova akabange esamvikela u-Israyeli.—Numeri 22:5, 6, 12, 35; 24:10; 25:1-9; IsAmbulo 2:14.
Singafunda isifundo esibalulekile kuleso senzakalo sasendulo. Usizo lwaphezulu luvikela abakhulekeli abathembekile bakaNkulunkulu ekuhlaselweni ngokuqondile yimimoya emibi. Nokho, uSathane angase azame ukwenza abathile bahlehle okholweni lwabo. Angase azame ukubayengela ekuziphatheni okubi. Noma, njengebhubesi elibhodlayo, angase azame ukubesabisa ukuze benze into eyobalahlekisela isivikelo sikaNkulunkulu. (1 Petru 5:8) Yingakho umphostoli uPawulu ebiza uSathane ngokuthi ‘yilowo onendlela yokubangela ukufa.’—Heberu 2:14.
Ugogo ka-Owmadji wazama ukuncenga uHawa ukuba asebenzise iziphandla nezithombe njengesivikelo ekuguleni. Kwakuyokwenzekani ukube uHawa wavuma? Wayeyobe ubonisa ukuthi akamethembi ngokugcwele uJehova uNkulunkulu, futhi wayengeke esaqiniseka ngokuthi uJehova uyomvikela.—Eksodusi 20:5; Mathewu 4:10; 1 Korinte 10:21.
USathane wazama ukuthonya noJobe. Ukubulala umndeni wakhe, athathe ingcebo yakhe futhi alimaze nempilo yakhe kwakunganele. UJobe wathola neseluleko esibi kakhulu kumkakhe lapho ethi: “Thuka uNkulunkulu ufe!” (Jobe 2:9) Wabe esevakashelwa “abangane” abathathu abazama kakhulu ukumkholisa ukuthi nguye owayenecala ngokugula kwakhe. (Jobe 19:1-3) Ngale ndlela uSathane wasebenzisa isimo esibuthakathaka uJobe ayesekuso ukuze azame ukumdikibalisa futhi amenze ayeke ukwethembela ekulungeni kukaJehova. Nokho, uJobe waqhubeka encike kuJehova njengowukuphela kwethemba lakhe.—Qhathanisa neHubo 55:22.
Lapho sigula, nathi singase sicindezeleke. Esimweni esinjalo, uSathane akachithi sikhathi ekuzameni ukusenza senze okuthile okuyosihlehlisa okholweni lwethu. Ngakho, lapho sihlaselwa ukugula, kubalulekile ukukhumbula ukuthi imbangela eyisisekelo yokugula kwethu cishe iwukungapheleli esikuzuze njengefa, kunokuba kube yithonya elithile elingaphezu kokuvamile. Khumbula, u-Isaka othembekile waba yimpumputhe iminyaka eminingana ngaphambi kokuba afe. (Genesise 27:1) Imbangela kwakungeyona imimoya emibi kodwa kwakuwukuguga. URaheli washona ebeletha, hhayi ngenxa kaSathane, kodwa ngenxa yobuthakathaka bobuntu. (Genesise 35:17-19) Ekugcineni, bonke abathembekile basendulo bafa—hhayi ngenxa yokuqalekiswa kodwa ngenxa yokungapheleli okuzuzwe njengefa.
Ukucabanga ukuthi imimoya engabonakali inethonya eliqondile kukho konke ukugula kwethu kuwugibe. Kungase kusenze sikhwantabaliswe ukwesaba imimoya. Kungase kuthi lapho sihlatshwa ukugula, bese silingeka ukuba sizame ukushweleza emademonini kunokuba siqhele kakhulu kuwo. Uma uSathane engasesabisa asenze senze imikhuba yemimoya, lokho kuyoba ukulahla uNkulunkulu weqiniso, uJehova. (2 Korinte 6:15) Kufanele siqondiswe ukwesaba uNkulunkulu okunenhlonipho, hhayi ukwesaba iSitha sakhe okunezinkolelo-ze.—IsAmbulo 14:7.
U-Owmadji omncane unaso kakade isivikelo esingcono kakhulu angasithola sokumlonda emimoyeni emibi. Ngokomphostoli uPawulu, uNkulunkulu ubheka u-Owmadji ‘njengongcwele’ ngoba unina uyakholwa, futhi unina angathandazela ukuba uNkulunkulu abe nendodakazi yakhe ngomoya ongcwele. (1 Korinte 7:14) Ebusiswe ngolwazi olunjalo olunembile, uHawa wakwazi ukufunela u-Owmadji ukwelashwa okusebenzayo kunokuba athembele eziphandleni.
Izimbangela Ezihlukahlukene Zokugula
Iningi labantu alikholelwa emimoyeni. Lapho ligula, liya kudokotela—uma linawo amandla ngokwezimali. Yiqiniso, umuntu ogulayo angaya kudokotela kodwa angelapheki. Odokotela abakwazi ukwenza izimangaliso. Kodwa abantu abaningi abanezinkolelo-ze abebengase belapheke baya kudokotela sekwephuze kakhulu. Baqale bazame izindlela zokwelapha zemimoya, uma zingasebenzi bese kuba yimá beya kudokotela. Abaningi bafa kungadingekile.
Abanye bafa ngaphambi kwesikhathi ngenxa yokungazi. Abaziqapheli izimpawu zokugula futhi abazi ukuthi yini okufanele bayenze ukuze bavikele ukugula. Ulwazi luyasiza ekuvikeleni ukuhlupheka ngokungadingekile. Kuyaphawuleka ukuthi omama abakwaziyo ukufunda nokubhala bashonelwa yizingane ezimbalwa ngenxa yokugula kunomama abangafundile. Yebo, ukungazi kungabangela ukufa.
Ubudedengu bungenye yezimbangela zokugula. Ngokwesibonelo, abaningi bagula ngoba bavumela izinambuzane ukuba zihambe ekudleni kungakadliwa noma ngoba abasuke bekwenza lokho kudla abazigezi izandla kuqala. Ukulala ngaphandle kwesihenqo sawomiyane ezindaweni ezigcwele umalaleveva nakho kuyingozi.a Ngokuphathelene nempilo, ngokuvamile kuyiqiniso ukuthi “kungcono ukuyinqanda okhalweni kunokuyikhipha ekhaya.”
Indlela yokuphila engahlakaniphile iye yabangela izigidi ukuba zigule futhi zife ngaphambi kwesikhathi. Ukudakwa, ukuziphatha kabi ngokobulili, ukusebenzisa kabi izidakamizwa nokubhema kuye kwawohloza impilo yabaningi. Uma umuntu ezitika ngalezi zinto ezimbi abese egula, ingabe ugula ngoba ethakathiwe noma ehlaselwe umoya? Cha. Uzibangele yena lokho kugula. Ukusola imimoya kungaba ukwenqaba ukwamukela imiphumela yendlela yokuphila engahlakaniphile.
Yiqiniso, ezinye izinto asinakuzilawula. Ngokwesibonelo, singase sichayeke emagciwaneni abangela ukugula noma sichayeke ekungcoleni. Yilokho okwenzeka ku-Owmadji. Unina, wayengazi ukuthi yini eyayibangela lokho kuhuda. Izingane zakhe aziguli njalo njengezinye izingane ngoba ugcina indlu negceke lakwakhe kuhlanzekile futhi njalo ugeza izandla ngaphambi kokuba enze ukudla. Kodwa zonke izingane ziba neziqubu zokugula. Kunamagciwane angaba ngu-25 angabangela ukuhuda. Cishe akekho oyoke azi ukuthi yiliphi elabangela inkinga ka-Owmadji.
Ikhambi Elihlala Isikhathi
Ukugula akulona iphutha likaNkulunkulu. “UNkulunkulu akanakulingwa ngezinto ezimbi futhi yena ngokwakhe akalingi muntu.” (Jakobe 1:13) Uma omunye wabakhulekeli bakhe egula, uJehova uyamsekela ngokomoya. “UJehova uyakumphasa ecansini egula; wena uyakuguqula ukhukho lwakhe ekuguleni kwakhe.” (IHubo 41:3) Yebo, uNkulunkulu unobubele. Ufuna ukusisiza, hhayi ukusilimaza.
Empeleni, uJehova unekhambi elihlala isikhathi lokugula—ukufa nokuvuswa kukaJesu. Ngomhlatshelo kaJesu wesihlengo abanhliziyo zilungile bayahlengwa esimweni sabo sokuba nesono futhi ekugcineni bayothola impilo ephelele nokuphila okungunaphakade emhlabeni oyipharadesi. (Mathewu 5:5; Johane 3:16) Izimangaliso zikaJesu zabonisa kusengaphambili ukuphulukisa kwangempela okuyolethwa uMbuso kaNkulunkulu. UNkulunkulu uyosusa noSathane namademoni akhe. (Roma 16:20) Ngempela, uJehova ubagcinele izinto ezimangalisayo labo ababonisa ukholo kuye. Kudingeka nje sibe nesineke futhi sikhuthazele.
Okwamanje, uNkulunkulu unikeza ukuhlakanipha okusebenzayo nesiqondiso esingokomoya ngeBhayibheli nobuzalwane bomhlaba wonke babakhulekeli abathembekile. Usibonisa indlela yokugwema ububi obubangela izinkinga zempilo. Futhi usinika abangane beqiniso abayosiza lapho kuvela izinkinga.
Phinda ucabange ngoJobe. Ukuya enyangeni kwakungaba yiyonanto embi kunazo zonke uJobe ayengayenza! Kwakuyomlahlekisela isivikelo sikaNkulunkulu, futhi wayeyophunyukwa yizo zonke izibusiso ezazimlindele ngemva kokuhlupheka kwakhe. UNkulunkulu akamkhohlwanga uJobe, futhi ngeke asikhohlwe nathi. Umfundi uJakobe uthi: “Niye nezwa ngokukhuthazela kukaJobe futhi nabona umphumela uJehova awunikeza.” (Jakobe 5:11) Uma singayeki, nathi siyothola izibusiso ezimangalisayo ngesikhathi sikaNkulunkulu esifanele.
Kwenzekani kumntwana u-Owmadji? Unina wakhumbula isihloko esikumagazini ongumngane we-Nqabayokulinda, i-Phaphama!, esiphathelene nokwelapha ngokubuyisela uketshezi emzimbeni (oral rehydration therapy).b Walandela iziyalezo zaso, wamenzela isiphuzo u-Owmadji. Manje le ntombazanyana iwumqemane.
[Imibhalo yaphansi]
a Abantu abanomalaleveva bacela ezigidini ezingu-500. Unyaka ngamunye kufa abangaba yizigidi ezimbili bebulawa yilesi sifo, ikakhulukazi e-Afrika.
b Bheka i-Phaphama! (yesiNgisi) ka-September 22, 1985, amakhasi 24-5, “A Salty Drink That Saves Lives! [Isiphuzo Esinosawoti Esisindisa Ukuphila!]”
[Izithombe ekhasini 7]
UJehova uye wahlela ikhambi eliyohlala njalo lenkinga yokugula