Isahluko Seshumi
Lapho Ilungu Lomkhaya Ligula
1, 2. USathane wazisebenzisa kanjani izenzakalo eziyinhlekelele nokugula ukuze azame ukuphula ubuqotho bukaJobe?
INDODA enguJobe ngokuqinisekile kumelwe ibalwe phakathi kwalabo ababejabulela ukuphila komkhaya okujabulisayo. IBhayibheli liyibiza ngokuthi ‘yayinkulu kunabo bonke abantu basempumalanga.’ Yayinamadodana ayisikhombisa namadodakazi amathathu, izingane eziyishumi zizonke. Yayinamandla futhi okondla kahle umkhaya wayo. Okubaluleke nakakhulu, yayihola emisebenzini engokomoya futhi yayikukhathalela ukuma kwezingane zayo phambi kukaJehova. Konke lokhu kwaphumela ebuhlotsheni obuseduze nobujabulisayo bomkhaya.—Jobe 1:1-5.
2 USathane, isitha esikhulu sikaJehova uNkulunkulu, wasiqaphela isimo sikaJobe. USathane, ohlale efuna izindlela zokuphula ubuqotho bezinceku zikaNkulunkulu, wahlasela uJobe ngokuqothula umkhaya wakhe ojabulayo. Wabe ‘eseshaya uJobe ngamathumba amabi, kusukela ematheni onyawo kuze kufike okhakhayini.’ Ngaleyo ndlela uSathane wayenethemba lokuthi ngokusebenzisa ukuhlupheka nokugula wayezokwazi ukuphula ubuqotho bukaJobe.—Jobe 2:6, 7.
3. Zaziyini izimpawu zesifo sikaJobe?
3 IBhayibheli alilisho igama labezokwelapha lesifo sikaJobe. Nokho, liyasitshela izimpawu. Inyama yakhe yayigcwele izimpethu, isikhumba sakhe saba uqweqwe, sabhicika. Umoya kaJobe wawunephunga elibi nomzimba wakhe unuka phú. Wayesezinhlungwini. (Jobe 7:5; 19:17; 30:17, 30) Esosizini, uJobe wahlala emlotheni wazenwaya ngocezu lodengezi. (Jobe 2:8) Isimo esidabukisayo ngempela!
4. Yonke imikhaya ibhekana nani ngezikhathi ezithile?
4 Ungenzenjani uma ungase uhlushwe isifo esibi kanjalo? Namuhla, uSathane akazihlaseli izinceku zikaNkulunkulu ngesifo njengoba enza kuJobe. Noma kunjalo, ngenxa yokungapheleli kobuntu, ukucindezela kokuphila kwansuku zonke, nendawo ewohlokayo esihlala kuyo, kumelwe kulindeleke ukuthi ngezikhathi ezithile, amalungu omkhaya ayogula. Naphezu kwezinyathelo zokuvimbela izifo esingase sizithathe, sonke siyangenwa izifo, nakuba bembalwa abahlupheka ngezinga uJobe ahlupheka ngalo. Lapho ukugula kuhlasela umkhaya wethu, kungaba inselele ngempela. Ake sibone-ke indlela iBhayibheli elisisiza ngayo ukuba sibhekane nalesi sitha sesintu esihlala sikhona.—UmShumayeli 9:11; 2 Thimothewu 3:16.
UZIZWA KANJANI NGAKHO?
5. Ngokuvamile amalungu omkhaya asabela kanjani ekuguleni kwesikhashana?
5 Ukuphazanyiswa kwesimiso esivamile sokuphila, kungakhathaliseki imbangela, kunzima ngaso sonke isikhathi, futhi lokhu kuyiqiniso nakakhulu uma ukuphazamiseka kubangelwa ukugula okungapheli. Ngisho nokugula kwesikhashana kudinga ukuzivumelanisa nezimo okuthile, ukubonelelana, nokuzidela. Kungase kudingeke ukuba amalungu omkhaya aphilayo athule ukuze ogulayo aphumule. Kungase kudingeke adele izinto ezithile. Noma kunjalo, emikhayeni eminingi ngisho nezingane ezincane ziyayihawukela ingane yakubo egulayo noma umzali, nakuba ngezikhathi ezithile kungase kudingeke zikhunjuzwe ukuba zibonise ukucabangela. (Kolose 3:12) Lapho ukugula kungokwesikhashana, ngokuvamile umkhaya usuke ukulungele ukwenza okudingekayo. Nangaphandle kwalokho, ilungu lomkhaya ngalinye lingafisa ukucatshangelwa ngendlela efanayo uma nalo lingagula.—Mathewu 7:12.
6. Yikuphi ukusabela okubonakalayo ngezinye izikhathi uma ilungu lomkhaya liphethwe isifo esingathi sína, nesingapheli?
6 Nokho, kuthiwani uma ukugula kukubi kakhulu futhi ukuphazamiseka kukukhulu futhi kuthatha isikhathi? Ngokwesibonelo, kuthiwani uma othile ekhaya ekhutshazwe isifo sohlangothi, noma isifo okuthiwa i-Alzheimer, noma exhwaliswe esinye isifo? Noma kuthiwani uma ilungu lomkhaya lihlushwa isifo sengqondo, njenge-schizophrenia? Ukusabela kokuqala kuba ukubonisa ukudabuka—udatshukiswa ukuthi othandekayo ugula kakhulu. Nokho, ukudabuka kungase kulandelwe okunye ukusabela. Njengoba amalungu omkhaya ezithola ethinteke kakhulu nenkululeko yawo iphazanyiswe ukugula komuntu oyedwa, angase azizwe ecasuka. Angase azibuze: “Kungani lokhu kumelwe kwenzeke kimina?”
7. UmkaJobe wasabela kanjani ekuguleni kukaJobe, futhi yini ngokusobala ayikhohlwa?
7 Kubonakala sengathi umkaJobe wacabanga into efanayo. Khumbula, kakade wayeselahlekelwe izingane zakhe. Njengoba lezo zenzakalo ezihlasimulisayo zenzeka, akungabazeki ukuthi wazizwa edideka ngokwengeziwe. Ekugcineni, lapho ebona umyeni wakhe owayeke waba umqemane futhi enobungqabavu ehlushwa isifo esibuhlungu nesinyanyekayo, wabonakala esekhohlwe isici esibalulekile esasingaphezu kwazo zonke izinsizi—ubuhlobo yena nomyeni wakhe ababenabo noNkulunkulu. IBhayibheli lithi: “Wayesethi [umkaJobe] kuye: Usabambelela ekupheleleni kwakho na? Thuka uNkulunkulu, ufe.”—Jobe 2:9.
8. Uma ilungu lomkhaya ligula kakhulu, imuphi umbhalo oyosiza amanye amalungu omkhaya ukuba abe nombono oqondile?
8 Abaningi bazizwa bekhungathekile, ngisho bethukuthele, lapho ukuphila kwabo kushintshwa isigubhukane ukugula kothile. Noma kunjalo, umKristu ocabanga ngesimo kufanele agcine ebonile ukuthi lokhu kumnikeza ithuba lokubonisa ubuqotho bothando lwakhe. Uthando lweqiniso ‘lubhekakade futhi lunomusa aluzifuneli izinzuzo zalo siqu. Lubekezelela zonke izinto, lukholelwa yizo zonke izinto, luthemba zonke izinto, lukhuthazelela zonke izinto.’ (1 Korinte 13:4-7) Ngakho-ke, kunokuvumela imizwa ebuhlungu isibuse, kubalulekile ukuba senze okusemandleni ethu ukuba siyithibe.—IzAga 3:21.
9. Yisiphi isiqinisekiso esingasiza umkhaya ngokomoya nangokomzwelo uma ilungu ligula kakhulu?
9 Yini engase yenziwe ukuze kuvikelwe inhlalakahle engokomoya nengokomzwelo yomkhaya lapho elinye lamalungu awo ligula kakhulu? Yiqiniso, isifo ngasinye sidinga ukunakekelwa nokulashwa okuqondene naso, futhi ngeke kufaneleke ukuba kulencwadi situse noma iziphi izinqubo zokwelapha noma zokunakekela ogulayo ekhaya. Nakuba kunjalo, ngomqondo ongokomoya, uJehova ‘uvusa bonke abathotshisiweyo.’ (IHubo 145:14) INkosi uDavide yabhala: “Ubusisiwe onakekela ohluphekayo; uJehova uyakumsindisa osukwini olubi. UJehova uyakumlondoloza, amphilise. . . . UJehova uyakumphasa ecansini egula.” (IHubo 41:1-3) UJehova ugcina izinceku zakhe ziphila ngokomoya, ngisho nalapho ngokomzwelo zivivinywa ngaphezu kwamandla azo. (2 Korinte 4:7) Amalungu amaningi omkhaya abhekene nokugula okungathi sína emikhayeni yawo aye ananela amazwi omhubi: “Ngiyahlupheka kakhulu; Jehova, ngiphilise ngokwezwi lakho.”—IHubo 119:107.
UMOYA OLULAMISAYO
10, 11. (a) Yini ebalulekile ukuze umkhaya ubhekane ngokuphumelelayo nokugula? (b) Omunye wesifazane wabhekana kanjani nokugula komyeni wakhe?
10 “Umoya womuntu uyasekela ubuthakathaka bakhe,” kusho isaga seBhayibheli, “kepha ngubani ongathwala umoya owaphukileyo na?” (IzAga 18:14) Usizi lungaphazamisa umoya womkhaya kanye ‘nomoya womuntu.’ Nokho, “inhliziyo ezolileyo ingukuphila kwenyama.” (IzAga 14:30) Ukuthi umkhaya ubhekana ngokuphumelelayo yini nokugula okungathi sína noma cha, ngezinga elikhulu kuxhomeke esimweni sengqondo, noma umoya, wamalungu awo.—Qhathanisa nezAga 17:22.
11 Owesifazane othile ongumKristu kwadingeka akhuthazelele ukubona umyeni wakhe egogwa isifo sohlangothi ngemva kweminyaka eyisithupha kuphela beshadile. “Umyeni wami wayengasakwazi ukukhuluma kahle, futhi kwaba nzima kakhulu ukuxoxa naye,” ekhumbula. “Ukucindezeleka kwengqondo kokuzama ukuqonda lokho ayezama ukukusho kwakukukhulu kakhulu.” Cabanga nangobuhlungu nokukhungatheka okumelwe ukuba umyeni wayekuzwa. Yini owayenza lombhangqwana? Nakuba wawuhlala kude nebandla lobuKristu, lodade wenza okusemandleni akhe ukuba ahlale eqinile ngokomoya ngokuhambisana nokwaziswa okusha kwenhlangano kanye nokudla okungokomoya okufika njalo komagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Lokhu kwamnikeza amandla angokomoya okunakekela umyeni wakhe othandekayo kwaze kwaba sekushoneni kwakhe ngemva kweminyaka emine.
12. Njengoba kubonakala endabeni kaJobe, iyiphi ingxenye efezwa umuntu ogulayo ngezinye izikhathi?
12 Endabeni kaJobe, kwakunguyena, yena owayehlupheka, owahlala eqinile. “Siyakwamukela okuhle kuphela kuNkulunkulu, singamukeli nokubi, na?” ebuza umkakhe. (Jobe 2:10) Akumangalisi ukuthi umfundi uJakobe kamuva wacaphuna uJobe njengesibonelo esivelele sokubekezela nokukhuthazela! KuJakobe 5:11 siyafunda: “Niye nezwa ngokukhuthazela kukaJobe futhi nabona umphumela uJehova awunikeza, ukuthi uJehova unesisa kakhulu ekusondelaneni ngokomzwelo futhi unesihe.” Ngokufanayo namuhla, ezimweni eziningi isimo sengqondo sesibindi selungu lomkhaya eligulayo siye sasiza abanye ekhaya ukuba bahlale benombono oqondile.
13. Yikuphi ukuqhathanisa okungafanele kwenziwe umkhaya ogulelwa kakhulu?
13 Iningi okuye kwadingeka libhekane nokugula ekhaya liyavuma ukuthi ekuqaleni kuvamile ukuba amalungu omkhaya akuthole kunzima ukubhekana namaqiniso. Liveza nokuthi indlela umuntu abheka ngayo isimo ibaluleke kakhulu. Ukwenza izinguquko nokulungisa enqubweni yomkhaya kungase kube nzima ekuqaleni. Kodwa uma umuntu enza umzamo ngempela, angazivumelanisa nesimo esisha. Ekwenzeni kanjalo, kubalulekile ukuba singaqhathanisi izimo zethu nezalabo abangagulelwa ekhaya, sicabange ukuthi ukuphila kwabo kumnandi nokuthi ‘kungani kukhetha thina!’ Eqinisweni, akekho oyazi ngempela imithwalo okudingeka abanye bayithwale. Wonke amaKristu aduduzwa amazwi kaJesu athi: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke.”—Mathewu 11:28.
UKUBEKA IZINTO EZIZA KUQALA
14. Zingabekwa kanjani izinto eziza kuqala?
14 Lapho ubhekene nokugula okungathi sína, umkhaya uyokwenza kahle ngokukhumbula amazwi aphefumulelwe: “Ngobuningi babeluleki [amasu] ayakuma.” (IzAga 15:22) Kungenzeka yini amalungu omkhaya ahlangane ndawonye axoxe ngesimo esibangelwa ukugula? Ngokuqinisekile kuyofaneleka ukwenza lokho ngomthandazo nokuphendukela eZwini likaNkulunkulu ukuze athole isiqondiso. (IHubo 25:4) Yini okumelwe icatshangelwe engxoxweni enjalo? Kunezinqumo eziphathelene nezokwelapha, izimali, nezomkhaya okumelwe zenziwe. Ubani ozoba umnakekeli oyinhloko? Umkhaya ungabambisana kanjani ukuze usekele lokho kunakekela? Amalungiselelo enziwayo ayolithinta kanjani ilungu lomkhaya ngalinye? Izidingo ezingokomoya nezinye zomnakekeli oyinhloko ziyokwaneliswa kanjani?
15. Yikuphi ukusekela uJehova akunikeza imikhaya egulelwa kakhulu?
15 Ukuthandazela isiqondiso sikaJehova ngobuqotho, ukuzindla ngeZwi lakhe, nokulandela ngesibindi indlela eboniswa iBhayibheli ngokuvamile kuphumela ezibusisweni ezingaphezu kwesizilindele. Isifo selungu lomkhaya eligulayo singase singabi ngcono njalo. Kodwa ukuncika kuJehova njalo kunemiphumela emihle kakhulu kunoma isiphi isimo. (IHubo 55:22) Umhubi wabhala: “Umusa wakho, Jehova, wangiphasa. Kubo ubuninginingi bemicabango yenhliziyo yami ukududuza kwakho kwathokozisa umphefumulo wami.”—IHubo 94:18, 19; bheka neHubo 63:6-8.
UKUSIZA IZINGANE
16, 17. Yimaphi amaphuzu angaqokonyiswa lapho kuxoxwa nezingane ezincane ngokugula kwengane yakubo?
16 Ukugula okungathi sína kungabangela izingane izinkinga ekhaya. Kubalulekile ukuba abazali basize izingane ziqonde izidingo eziye zaphakama nokuthi yini ezingayenza ukuze zisize. Uma kuyingane egulayo, izingane zakubo kumelwe zisizwe ziqonde ukuthi ukunakwa nokunakekelwa okwengeziwe okutholwa ogulayo akusho ukuthi ezinye izingane zithandwa kancane. Kunokuvumela inzondo noma umbango wakheke, abazali bangasiza ezinye izingane ukuba zakhe isibopho esiqinile ngomunye nomunye futhi zibe nothando lomzwelo lwangempela njengoba zibambisana ekusingatheni isimo esibangelwa ukugula.
17 Ngokuvamile izingane ezincane ziyosabela ngokushesha uma abazali bethinta imizwa yazo kunalapho zinikezwa izincazelo ezinde noma eziyinkimbinkimbi ngesimo sezokwelapha. Ngakho zinganikezwa umbono wokuthi ilungu lomkhaya eligulayo libhekene nani. Uma izingane eziphilayo zibona indlela ukugula okumvimbela ngayo ogulayo ekwenzeni izinto eziningi zona ezizithatha kalula, cishe ziyoba ‘nokusondelana kobuzalwane’ okwengeziwe futhi zibe ‘nobubele besisa.’—1 Petru 3:8.
18. Izingane esezikhulile zingasizwa kanjani ukuba ziqonde izinkinga ezibangelwa ukugula, futhi lokhu kungazisiza kanjani?
18 Izingane ezindadlana kufanele zisizwe ziqaphele ukuthi kunesimo esinzima futhi sidinga ukuzidela kwawo wonke umuntu ekhaya. Njengoba kumelwe kukhokhelwe udokotela nezindleko zokwelapha, abazali bangase bangakwazi ukunakekela ezinye izingane ngendlela abangathanda ngayo. Ingabe kuyozicasula izingane lokhu futhi zibe nomuzwa wokuthi zincishwa okuthile? Noma ingabe ziyosiqonda isimo futhi zizimisele ukwenza ukuzidela okudingekayo? Okuningi kuxhomeke endleleni okuxoxwa ngayo ngendaba nasemoyeni okhona ekhaya. Empeleni, emikhayeni eminingi ukugula kwelungu lomkhaya kuye kwasiza ekuqeqesheni izingane ukuba zilandele iseluleko sikaPawulu: “Ningenzi lutho ngokubanga noma ngokuzazisa, kodwa ngokuthobeka kwengqondo nibheka abanye njengabaphakeme kunani, ninakekela, hhayi ngesithakazelo somuntu siqu izindaba zenu kuphela, kodwa futhi ninakekela ngesithakazelo somuntu siqu nezabanye.”—Filipi 2:3, 4.
INDLELA YOKUBHEKA UKWELASHWA
19, 20. (a) Yimiphi imithwalo yemfanelo ethwalwa izinhloko zemikhaya uma kugula ilungu lomkhaya? (b) Nakuba lingeyona incwadi yezokwelapha, iBhayibheli lisinikeza ngayiphi indlela isiqondiso sokusingatha ukugula?
19 AmaKristu alinganiselayo awakwenqabi ukwelashwa uma nje kungamelene nomthetho kaNkulunkulu. Lapho ilungu lomkhaya wawo ligula, azimisela ukufuna usizo ukuze aphumuze ogulayo ezinhlungwini. Noma kunjalo, kungase kube nemibono yodokotela engqubuzanayo okumelwe icatshangelwe. Ngaphezu kwalokho, eminyakeni yamuva kuye kwaqubuka izifo ezintsha nokuphazamiseka okusha, futhi okuningi kwalokhu akunandlela yokukwelapha eyamukelwa njengeqondile. Ngezinye izikhathi kunzima ngisho nokubona ngokunembile ukuthi ukugula okuthile kuyisifo sini. Yini-ke okufanele umKristu ayenze?
20 Nakuba omunye umlobi weBhayibheli ayengudokotela futhi umphostoli uPawulu anikeza umngane wakhe uThimothewu iseluleko esiwusizo sokuzelapha, imiBhalo iyisiqondiso sokuziphatha nesingokomoya, ayiyona incwadi yezokwelapha. (Kolose 4:14; 1 Thimothewu 5:23) Ngakho, ezindabeni zokwelashwa, izinhloko zemikhaya yamaKristu kumelwe zizenzele izinqumo zazo ezinokulinganisela. Mhlawumbe zingaba nomuzwa wokuthi kudingeka zithole umbono kadokotela ongaphezu koyedwa. (Qhathanisa nezAga 18:17.) Ngokuqinisekile ziyofunela ilungu lomkhaya wazo eligulayo usizo olungcono kakhulu olungatholakala, futhi eziningi zilufuna kodokotela abavamile. Abanye bakhululeka kangcono ngezinye izindlela zokwelapha. Nalokhu kuyisinqumo somuntu siqu. Noma kunjalo, lapho esingatha izinkinga zempilo, amaKristu awayeki ukwenza ‘iZwi likaNkulunkulu libe isibani ezinyaweni zawo nokukhaya endleleni yawo.’ (IHubo 119:105) Ayaqhubeka elandela iziqondiso ezibekwe eBhayibhelini. (Isaya 55:8, 9) Ngenxa yalokho, ayazigwema izindlela zokwelapha ezihilela ukusebenzisa imimoya, futhi agwema ukwelashwa okuphula izimiso zeBhayibheli.—IHubo 36:9; IzEnzo 15:28, 29; IsAmbulo 21:8.
21, 22. Owesifazane wase-Asia wasisebenzisa kanjani isimiso seBhayibheli, futhi isinqumo asenza sabonakala kanjani silungile esimweni sakhe?
21 Cabangela indaba yentokazi yase-Asia. Ngemva nje kokuba iqale ukufunda ngeBhayibheli ngenxa yokufunda nomunye woFakazi BakaJehova, yabeletha kungakabi isikhathi umntwana wentombazane owayenesisindo esicishe sibe ikhilogremu nengxenye. Lona wesifazane waphatheka kabi lapho udokotela emtshela ukuthi umntanakhe wayezokhubazeka kakhulu futhi wayengeke akwazi ukuhamba. Wameluleka ukuba ayise umntwana esikhungweni sokunakekela abakhubazekile. Nomyeni wakhe wayengaqiniseki ngalendaba. Wayengaphendukela kubani?
22 Uthi: “Ngiyakhumbula ngifunda eBhayibhelini ukuthi ‘abantwana bayifa elivela kuJehova, isithelo sesisu singumvuzo.’” (IHubo 127:3) Wanquma ukuya ‘nalelifa’ ekhaya futhi alinakekele. Izinto zaqale zaba nzima, kodwa ngosizo lwabangane abangamaKristu ebandleni lendawo loFakazi BakaJehova, lona wesifazane wakwazi ukubhekana nesimo nokunikeza lengane ukusekela okukhethekile okwakudingeka. Ngemva kweminyaka engu-12, lengane yayisiya emihlanganweni eHholo LoMbuso futhi ijabulela ubungane nezingane khona. Unina uyaphawula: “Ngibonga kakhulu ngokuthi izimiso zeBhayibheli zangishukumisela ukuba ngenze okulungile. IBhayibheli langisiza ngalondoloza unembeza omuhle phambi kukaJehova uNkulunkulu futhi ngangaba nokuzisola engangiyoba nakho ukuphila kwami konke.”
23. Iyiphi induduzo enikezwa iBhayibheli ngabagulayo nangababanakekelayo?
23 Ukugula ngeke kuhlale kukhona phakade. Umprofethi u-Isaya wakhomba phambili esikhathini lapho ‘abakhé khona bengayikusho ukuthi: Ngiyagula.’ (Isaya 33:24) Leso sithembiso siyogcwaliseka ezweni elisha elisondela ngokushesha. Nokho, singakafiki leso sikhathi, kumelwe sibhekane nokugula nokufa. Kuyajabulisa ukuthi iZwi likaNkulunkulu lisinika isiqondiso nosizo. Izimiso eziyisisekelo zokuziphatha ezinikezwa iBhayibheli zihlala njalo, futhi ziyidlula kude imibono yabantu abangaphelele eguquka njalo. Ngakho, umuntu ohlakaniphile uvumelana nomhubi owabhala: “Umthetho kaJehova uphelele, uvusa umphefumulo; ukufakaza kukaJehova kuqinisile, kuhlakaniphisa oyisiwula. . . . Imithetho kaJehova iyiqiniso, ilungile yonke. . . . Oyigcinayo uyakuba-nomvuzo omkhulu.”—IHubo 19:7, 9, 11.
LEZI ZIMISO ZEBHAYIBHELI ZINGAWUSIZA KANJANI . . . UMKHAYA UKUBA UBHEKANE NOKUGULA OKUNZIMA NOKUPHAZAMISEKA OKUKUBANGELAYO?
Uthando lubhekakade futhi lukhuthazelela zonke izinto.—1 Korinte 13:4-7.
Kubalulekile ukuhlakulela umoya omuhle.—IzAga 18:14.
Kuhle ukufuna iseluleko ngaphambi kokwenza izinqumo ezibalulekile.—IzAga 15:22.
UJehova uyasisekela lapho ukuphila kunzima.—IHubo 55:22.
IZwi likaJehova liyisiqondiso kuzo zonke izimo.—IHubo 119:105.
[Isithombe ekhasini 118]
AmaKristu abonisa ukujula kothando lwawo lapho abangane bawo bomshado begula
[Isithombe ekhasini 125]
Lapho umkhaya usebenza ndawonye, izinkinga zingasingatheka