Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 2/1 kk. 30-31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela Yokubhekana Nokudlwengulwa
    I-Phaphama!—1993
  • Amaqiniso Ngokudlwengula
    I-Phaphama!—1993
  • Indlela Yokuvimbela Ukudlwengulwa
    I-Phaphama!—1993
  • Ukudlwengula—Wavikelwa Yilokho Akufunda
    I-Phaphama!—1989
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 2/1 kk. 30-31

Imibuzo Evela Kubafundi

Kungani iBhayibheli lithi umuntu kufanele amemeze lapho ehlaselwa umdlwenguli?

Noma ubani ongakaze akuzwe ukwesaba okuxhaphazelisa izibilini okubangelwa ukuhlaselwa umdlwenguli ngonya ngeke ayiqonde ngempela indlela okungakucekela ngayo phansi ukuphila komuntu. Kwesabisa kangangokuthi umuntu kungamkhathaza ukuphila kwakhe konke.a Owesifazane osemusha ongumKristu owahlaselwa umdlwenguli eminyakeni ethile edlule uthi: “Awekho amagama engingachaza ngawo ukwesaba engakuzwa ngalobo busuku; noma ukuhlukumezeka okuye kwadingeka ngilwisane nakho kusukela ngaleso sikhathi.” Kuyaqondakala ukuthi kungani abaningi bekhetha ukungacabangi nokucabanga ngale ndaba esabisayo. Nokho, ukudlwengulwa kuyinto engenzeka ngempela kuleli zwe elonakele.

IBhayibheli alikugwemi ukulandisa ngezinye izindaba zokudlwengula nezokuzama ukudlwengula ezenzeka esikhathini esidlule. (Genesise 19:4-11; 34:1-7; 2 Samuweli 13:1-14) Kodwa linikeza neseluleko sokuthi yini umuntu okufanele ayenze lapho ehlaselwa umdlwenguli. Okushiwo uMthetho kule ndaba kutholakala kuDuteronomi 22:23-27. Kukhulumela izimo ezimbili. Esimweni sokuqala, indoda ithole intombazane emzini yase ilala nayo. Noma kunjalo, intombazane ayimemezanga noma yakhala ifuna usizo. Ngenxa yalokho, kuphethwa ngokuthi intombazane inecala “ngesizathu sokuthi ayizange imemeze emzini.” Ukube ibimemezile, abantu abaseduze bebeyokwazi ukuyisiza. Esimweni sesibili, indoda ithole intombazane esigangeni, “yayibamba yalala nayo.” Izivikela, intombazane “imemezile, kodwa bekungekho muntu wokuyophula.” Ngokungafani nentombazane esimweni sokuqala, kusobala ukuthi le ntombazane ayivumelananga nezenzo zomhlaseli. Yenze isenzo sokumelana naye, ikhalile ifuna usizo, kodwa yehlulwa. Ukumemeza kwayo kubonise ukuthi ibingathandi; ayinacala.

Nakuba amaKristu namuhla engekho ngaphansi koMthetho KaMose, izimiso ezishiwo kuwo ziwanika isiqondiso. Ukulandisa okungenhla kugcizelela ukubaluleka kokuba umuntu amelane nomdlwenguli futhi amemeze efuna usizo. Ukumemeza lapho uhlaselwa umdlwenguli kusabhekwa njengesenzo sokuhlakanipha. Esinye isazi sokuvimbela ubugebengu sathi: “Uma owesifazane ehlaselwa, isikhali sakhe esingcono kakhulu kuseyizwi lakhe.” Ukumemeza kowesifazane kungahlabela abanye umkhosi, abangase bamsize, noma kungamethusa umhlaseli kumenze abaleke. Owesifazane osemusha ongumKristu owahlaselwa umdlwenguli wathi; “Ngamemeza ngalo lonke izwi, wangiyeka. Lapho ephinda eza kimi, ngamemeza ngabaleka. Esikhathini esedlule ngangike ngicabange ngithi, ‘Ukumemeza kungangisiza kanjani lapho ngibanjwe isidlakela sendoda esifuna into eyodwa nje?’ Kodwa ngifundile ukuthi kuyasebenza!”

Ngisho nasesimweni esibuhlungu lapho owesifazane enqotshwa futhi edlwengulwa, ukulwa kwakhe nokukhala efuna usizo kuyobe kungabanga yize. Kunalokho, kufakazela ukuthi wenze konke abengakwenza ukuze amelane nomhlaseli. (Duteronomi 22:26) Noma engadlwengulwa, usengaba nonembeza ohlanzekile, ukuzihlonipha nesiqiniseko sokuthi uhlanzekile emehlweni kaNkulunkulu. Lesi senzakalo esesabisayo singase simshiye elimele emzwelweni, kodwa ukwazi ukuthi wenze konke abengakwenza ukuze amelane nokuhlaselwa kuyomsiza kakhulu ukuba kancane kancane alulame.

Ukuze siqonde ukusebenza kukaDuteronomi 22:23-27, kumelwe siqaphele ukuthi lokhu kulandisa okufushane akuhlanganisi zonke izimo ezingenzeka. Ngokwesibonelo, akukhulumi ngesimo lapho owesifazane engakwazi ukumemeza ngoba eyisimungulu, equlekile, noma ephelelwe amandla ngenxa yokwesaba noma evalwe umlomo ngesandla noma ngenye into ukuze angamemezi. Nokho, njengoba uJehova ekwazi ukuhlola zonke izici, kuhlanganisa nezisusa, izimo ezinjalo uzisingatha ngokuqonda nangobulungisa, ngoba “zonke izindlela zakhe ziwubulungisa.” (Duteronomi 32:4) Uyakwazi okwenzeka ngempela nemizamo isisulu esayenza ukuze simelane nomhlaseli. Ngakho, isisulu esingakwazanga ukumemeza kodwa esenze konke ebesingakwenza ezimweni ezinjalo singashiya indaba ezandleni zikaJehova.—IHubo 55:22; 1 Petru 5:7.

Noma kunjalo, abanye besifazane abangamaKristu abaye bahlaselwa futhi badlwengulwa babeleselwa umuzwa obuhlungu wokuzizwa benecala. Uma becabanga ngalokho okwenzeka, baba nomuzwa wokuthi kwakufanele benze okwengeziwe ukuze bavimbele leso senzakalo. Nokho, kunokuba bazisole, abantu abanjalo bangathandaza kuJehova, bacele abasize, futhi baqiniseke ngomusa wakhe wothando ochichimayo.—Eksodusi 34:6; IHubo 86:5.

Ngakho, abesifazane abangamaKristu kumanje abakhotha amanxeba angokomzwelo ngenxa yokuhlaselwa umdlwenguli bangaqiniseka ukuthi uJehova uyiqonda ngokugcwele imizwa ebuhlungu abanayo. IZwi likaNkulunkulu liyabaqinisekisa: “UJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; futhi uyabasindisa abanomoya ochobozekile.” (IHubo 34:18) Olunye usizo lokubhekana nokuhlukumezeka kwabo lungatholakala ngokwamukela ukusekelwa ngomusa abakholwa nabo ebandleni lobuKristu kanye nokusiqonda kwabo okuqotho isimo. (Jobe 29:12; 1 Thesalonika 5:14) Ngaphezu kwalokho, imizamo yabo siqu yokugxila emicabangweni emihle iyobasiza labo ababe yizisulu ukuba bezwe “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga.”—Filipi 4:6-9.

[Umbhalo waphansi]

a Nakuba lesi sihloko sikhuluma ngezisulu zesifazane, izimiso okukhulunywa ngazo ziyasebenza nakwabesilisa abahlaselwa abadlwenguli.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela