Okwenza Singakwazi Ukuzimela Sodwa
“Ababili bangcono kunoyedwa . . . Uma kungenzeka omunye wabo awe, lo omunye angamvusa umngane wakhe.”—INkosi uSolomoni
INKOSI USOLOMONI yakwa-Israyeli wasendulo yathi: “Ababili bangcono kunoyedwa, ngoba banomvuzo omuhle ngomsebenzi wabo onzima. Ngoba uma kungenzeka omunye wabo awe, lo omunye angamvusa umngane wakhe. Kodwa kuyoba njani ngalowo oyedwa nje owayo lapho kungekho omunye wokumvusa?” (UmShumayeli 4:9, 10) Ngaleyo ndlela, le ngqapheli ehlakaniphile yokuziphatha kwabantu igcizelela isidingo sethu sokuba nabangane nokubaluleka kokungazihlukanisi. Nokho, lona kwakungewona umbono womuntu nje. Amazwi kaSolomoni avela ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu nasekuphefumulelweni nguYe.
Akuhlakaniphile ukuba unkom’ idla yodwa. Abantu bayadingana. Sonke siyakudinga ukuqiniswa nokusizwa abanye abantu. Isaga seBhayibheli sithi: “Ozihlukanisayo uyozifunela isifiso sobugovu; uyophulukundlela aphambane nakho konke ukuhlakanipha okusebenzayo.” (IzAga 18:1) Ngakho akumangalisi ukuthi ososayensi bezenhlalo bakhuthaza abantu ngabanye ukuba bazihlanganise neqembu futhi babe nesithakazelo kwabanye.
Phakathi kwezinto azisikisela zokuvuselela ukuphila komphakathi, uProfesa Robert Putnam waveza “ukuqiniswa kwethonya lokholo.” OFakazi BakaJehova bavelele kakhulu kulesi sici ngoba bajabulela isivikelo emabandleni asamikhaya emhlabeni wonke. Ngokuvumelana namazwi omphostoli uPetru, ‘babathanda bonke abazalwane abanokwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu.’ (1 Petru 2:17) OFakazi bagwema nokuzihlukanisa nemiphumela yako elimazayo ngoba imisebenzi eminingi emihle, ehlangene nokukhulekela kweqiniso, ibagcina behileleke ekusizeni omakhelwane babo ukuba bafunde iqiniso elitholakala eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli.—2 Thimothewu 2:15.
Uthando Nobungane Kwashintsha Ukuphila Kwabo
OFakazi BakaJehova bawumphakathi onobunye olungu lawo ngalinye linendima ebalulekile. Ngokwesibonelo, cabanga ngendaba kaMiguel, uFroylán, no-Alma Ruth, abangamalungu omkhaya ofanayo waseLatin America. Bazalwa benesifo samathambo esibangela ubufishane obungavamile. Bobathathu bahamba ngezihlalo zabakhubazekile. Ukuzihlanganisa noFakazi kuye kwakuthinta kanjani ukuphila kwabo?
UMiguel uthi: “Ngiye ngabhekana nezikhathi ezibucayi, kodwa lapho ngiqala ukuzihlanganisa nabantu bakaJehova, ukuphila kwami kwashintsha. Ukuzihlukanisa kuyingozi enkulu. Ubudlelwano nesikholwa nabo emihlanganweni yobuKristu, ukuba nabo masonto onke, kwangisiza kakhulu ukuba ngithole ukwaneliseka nokugculiseka.”
U-Alma Ruth uyanezela: “Ngangivame ukuba nezikhathi zokucindezeleka okukhulu; ngangidumazeka kakhulu. Kodwa ngemva kokufunda ngoJehova, ngaba nomuzwa wokuthi ngangingaba nobungane obuseduze naye. Lokho kwaba into eyigugu kakhulu ekuphileni kwami. Umkhaya wakithi uye wasisekela kakhulu, futhi lokho kusenze saba nobunye nakakhulu.”
Ngothando uyise kaMiguel wafundisa uMiguel ukufunda nokubhala. UMiguel wabe esefundisa uFroylán beno-Alma Ruth ukuba nabo benze okufanayo. Lokhu kwakubalulekile engokomoyeni labo. “Ukufunda ukuzifundela kwasizuzisa kakhulu ngoba sase sizokondleka ngokomoya ngokufunda iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini,” kusho u-Alma Ruth.
Njengamanje, uMiguel ukhonza njengomdala ongumKristu. UFroylán uselifunde lonke iBhayibheli izikhathi ezingu-9. U-Alma Ruth uye wandisa inkonzo yakhe kuJehova ngokukhonza njengesikhonzi esiyiphayona, noma ummemezeli woMbuso wesikhathi esigcwele, kusukela ngo-1996. Uthi: “Ngesibusiso sikaJehova ngiye ngawufinyelela lo mgomo, njengoba ngisekelwa odade abathandekayo abangangisizi nje ukuba ngishumayele kuphela kodwa futhi nokuba ngifundise ngokuqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-11 engiye ngakwazi ukuziqala.”
Esinye isibonelo esihle siye sabekwa ngu-Emelia, owathola ingozi ebangela ukuba asebenzise isihlalo sabakhubazekile ngenxa yokulimala imilenze nomgogodla. OFakazi BakaJehova baseMexico City bafunda naye iBhayibheli, wabe esebhapathizwa ngo-1996. U-Emelia uthi: “Ngaphambi kokwazi iqiniso, ngangifuna ukuzibulala; ngangingasakufuni ukuphila. Nganginomuzwa onamandla wokuba yize, ngikhala ubusuku nemini. Kodwa lapho ngizihlanganisa nabantu bakaJehova, ngathintwa uthando lwabazalwane. Isithakazelo somuntu siqu abangibonisa sona siye saba isikhuthazo. Omunye wabadala ubelokhu efana nomfowethu noma ubaba kimi. Lo mdala kanye nezinceku ezikhonzayo ezithile bangiyisa emihlanganweni nasemsebenzini wokushumayela ngesihlalo sami sabakhubazekile.”
UJosé, owabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova ngo-1992, uhlala yedwa. Uneminyaka engu-70 ubudala, kanti-ke wathatha umhlalaphansi ngo-1990. UJosé wayevame ukubhekana nokucindezeleka, kodwa ngemva kokuba uFakazi emshumayezile, ngokushesha waqala ukuya emihlanganweni yobuKristu. Wakuthanda lokho akuzwa nakubona khona. Ngokwesibonelo, waqaphela ubungane babazalwane futhi wathintwa indlela abamkhathalela ngayo njengomuntu. Manje abadala nezinceku ezikhonzayo ebandleni akulo bayamnakekela. (Filipi 1:1; 1 Petru 5:2) Amakholwa anjalo ‘awusizo oluqinisayo’ kuye. (Kolose 4:11) Bamyisa kudokotela, bamvakashele ekhaya lakhe, futhi baye bamsekela phakathi nokuhlinzwa kwakhe izikhathi ezine. Uthi: “Bayangikhathalela. Bangumkhaya wami ngempela. Ngiyabujabulela ubungane babo.”
Kukhona Injabulo Yangempela Ekupheni
Lapho iNkosi uSolomoni ithi “ababili bangcono kunoyedwa,” yayisanda kukhuluma ngobuze bokunikela ngawo onke amandla ekufuneni ingcebo yezinto ezibonakalayo. (UmShumayeli 4:7-9) Yilokho kanye abantu abaningi namuhla abakuphishekela ngamandla, ngisho noma lokhu kusho ukudela ubuhlobo kokubili ekhaya nangaphandle.
Lowo moya wokuhaha nowobugovu uye waholela abaningi ekubeni onkom’ idla yodwa. Lokhu akubalethelanga njabulo nakwaneliseka ekuphileni, phela ukukhungatheka nokungabi nathemba kuvamile kulabo abavumela ukunqotshwa umoya onjalo. Ngokuphambene nalokho, lezi zindaba ezisanda kulandiswa zibonisa imiphumela emihle yokuzihlanganisa nalabo abakhonza uJehova nabashukunyiswa uthando ngaye nomakhelwane babo. Ukuba khona njalo emihlanganweni yobuKristu, ukusekela nokukhathalela kwamanye amaKristu, nokusebenza ngentshiseko enkonzweni kwaba izici ezibalulekile ekubasizeni ukuba banqobe imizwa engemihle ehlobene nokuzihlukanisa.—IzAga 17:17; Hebheru 10:24, 25.
Njengoba sincike komunye nomunye, kungokwemvelo ukuthi ukwenzela abanye izinto kuletha ukwaneliseka. U-Albert Einstein, omsebenzi wakhe wazuzisa abanye, wathi: “Isilinganiso somuntu . . . kufanele sibonwe kulokho aphana ngakho hhayi kulokho akwazi ukukuthola.” Lokhu kuvumelana nala mazwi eNkosi yethu uJesu Kristu: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Ngakho-ke, nakuba kukuhle ukuthola uthando, kunempilo futhi ukubonisa abanye uthando.
Umbonisi ojikelezayo osekuyiminyaka ehambela amabandla ukuze awanike usizo olungokomoya futhi wasiza ekwakhiweni kwezindawo zokuhlanganyela zamaKristu antulayo, uveza imizwa yakhe ngale ndlela: “Injabulo yokukhonza abafowethu nokubona ubuso babo bugcwele ukwazisa kungishukumisela ukuba ngiqhubeke ngifuna amathuba okusiza. Ngiye ngabona ukuthi ukubonisa isithakazelo somuntu siqu kwabanye kuyisihluthulelo senjabulo. Futhi ngiyazi ukuthi njengabadala, kufanele sibe ‘njengendawo yokucashela umoya, njengemifudlana yamanzi ezweni elingenamanzi, nanjengomthunzi wedwala elikhulu ezweni eligwadulekile.’”—Isaya 32:2.
Yeka Ukuthi Kumnandi Kanjani Ukuhlala Ndawonye Ngobunye!
Ngokuqinisekile kunenzuzo enkulu nenjabulo yangempela ekusizeni abanye nasekufuneni ubungane nalabo abakhonza uJehova. Umhubi wababaza: “Bheka! Yeka ukuthi kuhle futhi kumnandi kanjani ngabazalwane ukuba bahlale ndawonye ngobunye!” (IHubo 133:1) Ubunye bomkhaya buyisici esibalulekile ekusekelaneni, njengoba kuboniswe endabeni kaMiguel, uFroylán, no-Alma Ruth. Futhi yeka isibusiso okuyiso ukuhlanganiswa ndawonye ekukhulekeleni kweqiniso! Ngemva kokweluleka abayeni nabafazi abangamaKristu, umphostoli uPetru wabhala: “Ekugcineni, nonke yibani nomqondo ofanayo, nibonisa ukuzwelana, ninothando lobuzalwane, ninobubele besisa, nithobekile engqondweni.”—1 Petru 3:8.
Ubungane obuqotho bunezinzuzo eziningi, kokubili ezingokomzwelo nezingokomoya. Ekhuluma nabangane ayekholwa nabo, umphostoli uPawulu wakhuthaza: “Nikhulume ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile, nisekele ababuthakathaka, nibabekezelele bonke. . . . Ngaso sonke isikhathi niphishekele okuhle komunye nomunye nakubo bonke abanye.”—1 Thesalonika 5:14, 15.
Ngakho-ke, funa izindlela ezingokoqobo zokwenzela abanye okuhle. ‘Yenza okuhle kubo bonke, kodwa ikakhulukazi kulabo abahlobene nawe okholweni,’ ngoba lokhu kuyokwenezela injongo yangempela ekuphileni kwakho futhi kuyokhulisa ukwaneliseka nokugculiseka kwakho. (Galathiya 6:9, 10) Umfundi kaJesu uJakobe wabhala: “Uma umzalwane noma udade ehamba-ze futhi entula ukudla okwanele lolo suku, nokho othile kini athi kuye: ‘Hamba ngokuthula, ufudumale futhi usuthe,’ kodwa ningamniki izidingo zomzimba wakhe, kunanzuzoni?” (Jakobe 2:15, 16) Impendulo yalowo mbuzo isobala. Kudingeka ukuba ‘singakhathaleli nje kuphela izindaba zethu siqu, kodwa futhi sikhathalele nezabanye.’—Filipi 2:4.
Ngaphezu kokusiza abanye ngezinto ezibonakalayo lapho kunesidingo esikhethekile noma lapho kunenhlekelele ethile, oFakazi BakaJehova bamatasa bazuzisa abantu ngendlela ebaluleke kakhulu—ngokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 24:14) Ukuhlanganyela koFakazi abangaphezu kuka-6 000 000 ekumemezeleni lesi sigijimi sethemba nenduduzo kuwubufakazi besithakazelo sabo esiqotho nesinothando kwabanye. Kodwa ukunika usizo oluvela emiBhalweni Engcwele kusiza nasekwaneliseni esinye isidingo sabantu. Siyini leso sidingo?
Ukwanelisa Isidingo Esibalulekile
Ukuze sijabulele intokozo yangempela, kudingeka sibe nobungane obufanele noNkulunkulu. Kuye kwathiwa: “Iqiniso lokuthi umuntu, kuyo yonke indawo ngazikhathi zonke, kusukela ekuqaleni kuze kube manje, ubenesidingo sokuncika kokuthile akholelwa ukuthi kuphakeme futhi kunamandla amakhulu kunaye, libonisa ukuthi inkolo isegazini futhi kufanele iqashelwe ngokwesayensi. . . . Kufanele kusesabise, kusimangaze, kusibangele inhlonipho ukubona abantu emhlabeni wonke befuna, futhi bekholelwa, othile ophakeme.”—Man Does Not Stand Alone, ka-A. Cressy Morrison.
UJesu Kristu wamemezela: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” (Mathewu 5:3) Akubahambeli kahle abantu abazihlukanisa isikhathi eside nabanye abantu. Nokho, okubi nakakhulu ukuzihlukanisa noMdali wethu. (IsAmbulo 4:11) Ukufuna nokusebenzisa “ulwazi ngoNkulunkulu” kufanele kube into ebalulekile ekuphileni kwethu. (IzAga 2:1-5) Yiqiniso, kufanele sizimisele ukwanelisa isidingo sethu esingokomoya, ngoba asikwazi ukuzimela sodwa nangaphandle kukaNkulunkulu. Ukuphila okujabulisayo nokuzuzisa ngempela kuncike ebuhlotsheni obuhle noJehova, “oPhezukonke emhlabeni wonke.”—IHubo 83:18.
[Isithombe ekhasini 5]
UMiguel: “Ngiye ngabhekana nezikhathi ezibucayi, kodwa lapho ngiqala ukuzihlanganisa nabantu bakaJehova, ukuphila kwami kwashintsha”
[Isithombe ekhasini 5]
U-Alma Ruth: “Ngemva kokufunda ngoJehova, ngaba nomuzwa wokuthi ngangingaba nobungane obuseduze naye”
[Isithombe ekhasini 6]
U-Emelia: “Ngaphambi kokwazi iqiniso, . . . nganginomuzwa onamandla wokuba yize”
[Isithombe ekhasini 7]
Ukuzihlanganisa nabakhulekeli beqiniso kuyasiza ekwaneliseni isidingo sethu esingokomoya