Khazimulisa UNkulunkulu, Hhayi Umuntu
EZINYANGENI ezidlule, abathandi bokulunga emhlabeni wonke bafunda indlela yokukhazimulisa uNkulunkulu njengoba babebuthene eMihlanganweni Yesigodi YoFakazi BakaJehova ‘Yokukhazimulisa UNkulunkulu.’ Ake sibukeze isimiso esifundisayo esanikezwa lapho.
Kwabaningi ababesemhlanganweni, isimiso esisekelwe eBhayibhelini saba izinsuku ezintathu zilandelana futhi kulabo abakwazi ukuya emihlanganweni ekhethekile yezizwe saba izinsuku ezine. Ababekhona bezwa izinkulumo ezingokomBhalo ezingaphezu kuka-30 ezajulisa ukwazisa ngezinto ezingokomoya, ezazihlanganisa okuhlangenwe nakho okwaqinisa ukholo, imiboniso eyagcizelela inzuzo engokoqobo yezimiso zeBhayibheli, nedrama yababegqoke ezasendulo eyabonisa izinselele amaKristu ekhulu lokuqala abhekana nazo. Uma wawukhona komunye wale mihlangano, kungani ungabukezi awakho amaphuzu owawabhala, njengoba ufunda lesi sihloko? Siyaqiniseka ukuthi kuzobuyisa izinkumbulo ezinhle zesidlo esingokomoya esihlwabusayo futhi kukwakhe.
Isihloko Sosuku Lokuqala: “Uyakufanelekela, Jehova, . . . Ukwamukela Inkazimulo”
Ngemva kwengoma nomthandazo wokuvula, isikhulumi sokuqala samukela bonke ababekhona ngezandla ezifudumele ngenkulumo eyagxila esizathwini esiyinhloko somhlangano: “Sihlangene Ngenjongo Yokukhazimulisa UNkulunkulu.” Sicaphuna isAmbulo 4:11, isikhulumi sagcizelela isihloko esikhulu somhlangano. Ngokushesha sachaza lokho okushiwo ukukhazimulisa uNkulunkulu. Sisebenzisa incwadi yamaHubo, sagcizelela ukuthi ukukhazimulisa uNkulunkulu kuhlanganisa ‘ukukhulekela,’ ‘ukubonga,’ kanye ‘nokudumisa.’—IHubo 95:6; 100:4, 5; 111:1, 2.
Inkulumo eyalandela yayinesihloko esithi “Abakhazimulisa UNkulunkulu Bayabusiswa.” Isikhulumi sasho okuthile okuthakazelisayo. Njengoba kunoFakazi BakaJehova abangaphezu kwezigidi eziyisithupha emazweni angu-234 emhlabeni wonke, kungashiwo ukuthi ilanga alishoni kulabo abakhazimulisa uJehova. (IsAmbulo 7:15) Izingxoxo nabazalwane nodade abaningi abangamaKristu abasohlotsheni oluthile lwenkonzo yesikhathi esigcwele zaba yisici esaziswa sale nkulumo eyajabulisa izinhliziyo zezilaleli.
Inkulumo eyalandela yayithi “Indalo Imemezela Inkazimulo KaNkulunkulu.” Nakuba engakhulumi, amazulu angokoqobo adumisa ubukhulu bukaNkulunkulu futhi asisiza ukuba sijulise ukwazisa kwethu ngokunakekela kwakhe. Lokhu kwachazwa kahle ngendlela eningilizayo.—Isaya 40:26.
Ushushiso, ukuphikiswa, amathonya ezwe, nokuthambekela kwesono kubekela ubuqotho bamaKristu eqiniso inselele. Ngakho, kwakudingeka izilaleli ziyilalelisise zingacwayizi inkulumo ethi, “Hamba Endleleni Yobuqotho.” Kwalandela ingxoxo yevesi nevesi yeHubo 26 eyayihlanganisa izingxoxo noFakazi abasafunda isikole, omunye owama waqina endabeni yokuziphatha okuhle, nomunye owayechitha isikhathi esiningi ezijabulisa ngendlela engabazekayo, kodwa osethathe izinyathelo zokuyinqoba leyo nkinga.
Isimiso sasekuseni saphetha ngenkulumo eyisihluthulelo ethi, “Imibono Ekhazimulayo Eyisiprofetho Iyasishukumisa!” Isikhulumi sakhuluma ngomprofethi uDaniyeli nangabaphostoli ababili uJohane noPetru, njengezibonelo ezikholo lwazo lwavuselelwa yimibono ekhazimulayo eyisiprofetho ephathelene nokumiswa koMbuso kaNkulunkulu ophethwe uMesiya kanye nokusebenza kwawo. Sikhuluma nganoma ibaphi okungenzeka ababunaki ubufakazi obucacile obubonisa ukuthi siphila esikhathini sokuphela, isikhulumi sathi: “Sinethemba eliqotho lokuthi abanjalo bayophinde bagxile ekubeni khona kukaKristu okungokoqobo enkazimulweni yoMbuso futhi basizwe ukuba bathole amandla amasha ngokomoya.”
Isimiso santambama saqala ngenkulumo enesihloko esithi, “Inkazimulo KaJehova Yembulelwa Abathobekileyo.” Isikhulumi sabonisa ukuthi uJehova ubeka isibonelo sokuthobeka, nakuba enguMuntu ophakeme kunabo bonke endaweni yonke. (IHubo 18:35) UJehova uthanda abathobeke ngempela, kodwa umelene nalabo ababonakala bethobekile lapho besebenzelana nontanga yabo noma ababaphethe, kodwa babaphathe kabi labo abaphathiswe bona.—IHubo 138:6.
Kwalandela isiprofetho seBhayibheli esaba ingxenye yochungechunge olwaqokomisa izici ezihlukahlukene zesihloko esiyinhloko esithi: “Isiprofetho Sika-Amose—Esikuphathele Usuku Lwethu.” Sibhekisela esibonelweni sika-Amose, isikhulumi sokuqala sadonsela ukunaka emthwalweni wemfanelo esinawo wokuxwayisa abantu ngesahlulelo sikaJehova esizayo. Isihloko senkulumo yaso sasithi, “Khuluma Izwi LikaNkulunkulu Ngesibindi.” Isikhulumi sesibili sabuza lo mbuzo: “Ingabe uJehova uyoke abuqede ububi nokuhlupheka kulo mhlaba?” Inkulumo yaso eyayithi, “Isahlulelo SikaNkulunkulu Kwababi,” yabonisa ukuthi isahlulelo sikaNkulunkulu ngaso sonke isikhathi sitholwa yilabo abasuke besifanele, ngeke baphunyule, futhi asigadli kunoma ubani. Isikhulumi sokugcina kulolu chungechunge sasingatha isihloko esithi, “UJehova Uhlola Inhliziyo.” Labo abalangazelela ukujabulisa uJehova bayolalela amazwi atholakala ku-Amose 5:15: “Zondani okubi, nithande okuhle.”
Iziphuzo ezinotshwala, njengewayini elenza inhliziyo ijabule, zingasetshenziswa kabi. Enkulumweni yaso ethi, “Gwema Ugibe Lokusebenzisa Kabi Utshwala,” isikhulumi sabala izingozi ezingokwenyama nezingokomoya zokusebenzisa utshwala ngokungalinganiseli, ngisho noma bungase bungamdaki umuntu. Sanikeza isimiso esiqondisayo: Njengoba ukujwayela komzimba utshwala kuhluka kumuntu ngamunye, noma yisiphi isilinganiso esikhinyabeza ‘ukuhlakanipha okusebenzayo nekhono lakho lokucabanga’ sisuke seqile kuwe.—IzAga 3:21, 22.
Njengoba siphila ezikhathini ezibucayi, isihloko esalandela esithi, “UJehova ‘Uyinqaba Yethu Ngezikhathi Zokucindezeleka,’” saduduza ngempela. AmaKristu esikanye nawo, umthandazo, nomoya ongcwele, kungasisiza sibhekane nazo ngokuphumelelayo.
Inkulumo yokugcina yosuku eyayithi, “‘Izwe Elihle’—Amazwibela EPharadesi,” yaphetha ngento ejabulisayo bonke ababengayilindele—incwadi entsha enamabalazwe amaningi ezindawo eziseBhayibhelini! Inesihloko esithi Bona Izwe Elihle.
Isihloko Sosuku Lwesibili: “Memezelani Inkazimulo Yakhe Phakathi Kwezizwe”
Ngemva kwengxoxo yetekisi losuku, kwaba nochungechunge lwesibili lomhlangano olwalunesihloko esithi, “Sibonakalisa Inkazimulo KaJehova Njengezibuko.” Inkulumo yokuqala yaningiliza ngesihloko esithi, “Sisakaza Izindaba Ezinhle Yonke Indawo” futhi kwaboniswa ngokoqobo okuhlangenwe nakho kwasensimini. Inkulumo yesibili yayinomboniso wempindelo, inesihloko esithi “Sisusa Umgubuzelo Kulabo Abaphuphuthekisiwe.” Inkulumo yokugcina eyayinesihloko esithi, “Sikwenza Ngokugcwele Enkonzweni Yethu,” yanandiswa izingxoxo ezithakazelisayo ezihlanganisa okuhlangenwe nakho kwasensimini.
Inkulumo eyalandela yesimiso yayinesihloko esithi, “Bazondwa Ngaphandle Kwesizathu.” Yahlanganisa izingxoxo ezikhuthazayo nabathile abathembekile okwathi ngamandla kaNkulunkulu bakwazi ukuhlala beqotho ngaphansi kokuphikiswa.
Isici esihlale silindwe ngabomvu emihlanganweni yinkulumo yobhapathizo elandelwa ukucwiliswa ngokuphelele emanzini kwalabo abafanelekela ukubhapathizwa. Ubhapathizo lwamanzi luwuphawu lokuzinikezela komuntu ngokuphelele kuJehova. Ngakho, inkulumo yalo yayifaneleka kakhulu: “Ukuphila Ngokuvumelana Nokuzinikezela Kwethu Kukhazimulisa UNkulunkulu.”
Isimiso santambama saqala ngenkulumo eyakhuthaza ukuba umuntu azihlole, eyayithi “Ukuhlakulela Umbono Ofana NokaKristu Ngobukhulu.” Isikhulumi sathinta leli phuzu elithakazelisayo: Umuntu uba mkhulu ngokulingisa ukuthobeka kukaKristu. Ngaleyo ndlela, umKristu akufanele afune ukuba nesikhundla sokuba nemithwalo yemfanelo ukuze nje anelise isifiso sakhe sokuvelela. Kufanele azibuze, ‘Ingabe ngikulungele ukwenza imisebenzi ewusizo kodwa engeke iqapheleke ngokushesha?’
Kuke kwenzeke yini ukhathale? Akubuzwa. Inkulumo ethi “Sikhathele Kodwa Amandla Awapheli” yajatshulelwa yiwo wonke umuntu. Izingxoxo noFakazi asebenesikhathi beseqinisweni zabonisa ukuthi uJehova angasenza sibe “namandla . . . esebenzisa umoya wakhe.”—Efesu 3:16.
Ukupha yimfanelo esingazalwa nayo kodwa yimfanelo okumelwe siyifunde. Leli phuzu elibalulekile lavezwa enkulumweni ethi, ‘Yiba Nesandla Esivulekile, Ulungele Ukupha Abanye.’ Kwabuzwa nalo mbuzo oshukumisa ingqondo: “Ingabe sikulungele ukupha abafowethu nodadewethu asebekhulile, abagulayo, abacindezelekile nabanesizungu imizuzu ethile yosuku lwethu?”
Inkulumo ethi “Qaphela ‘Izwi Lezihambi’” yabamba izilaleli. Le nkulumo yafanisa abalandeli bakaJesu nezimvu ezilalela kuphela izwi ‘likamalusi wazo omuhle’ futhi ezingalilaleli “izwi lezihambi” elisakazwa ngamanxusa amaningi athonywe uDeveli.—Johane 10:5, 14, 27.
Iqembu labahlabeleli kumelwe lihlabelele ngokuvumelana ukuze kuzwakale elikuhlabelelayo. Izikhonzi zeqiniso emhlabeni wonke kumelwe zibe munye ukuze zikhazimulise uNkulunkulu. Ngakho, inkulumo ethi, “Khazimulisani UNkulunkulu ‘Ngamlomo Munye’” yanikeza isiqondiso esizuzisayo sendlela sonke esingalukhuluma ngayo ‘ulimi oluhlanzekile’ olulodwa futhi sikhonze uJehova ‘silinganisene ihlombe nehlombe.’—Zefaniya 3:9.
Abazali, ikakhulukazi labo abanezingane ezincane, bayijabulela ngempela inkulumo yokugcina yosuku ethi, “Izingane Zethu—Ifa Eliyigugu.” Kwakhululwa incwadi entsha enamakhasi angu-256 eyajabulisa izilaleli. Incwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu izosiza abazali ukuba bachithe isikhathi esinemivuzo engokomoya nezingane zabo, ifa labo elivela kuNkulunkulu.
Isihloko Sosuku Lwesithathu: “Zonke Izinto Zenzeleni Inkazimulo KaNkulunkulu”
Izikhumbuzo zetekisi losuku zaqala usuku lokugcina ngamaphuzu angokomoya. Ingxenye yokuqala yalesi simiso sosuku yagxila kakhudlwana elungiselelweni lomkhaya. Inkulumo yokuqala ethi, “Bazali, Qinisani Imikhaya Yenu,” yalungiselela izingqondo zezilaleli. Ngemva kokubukeza imithwalo yemfanelo yabazali yokondla imikhaya yabo ngokwenyama, isikhulumi sabonisa ukuthi umthwalo wemfanelo oyinhloko wabazali ukondla izingane zabo ngokomoya.
Isikhulumi esalandela saxoxa nezingane futhi sadingida isihloko esithi, “Indlela Intsha Emdumisa Ngayo UJehova.” Sathi intsha ifana ‘namazolo’ ngoba iningi futhi intshiseko yayo yobusha iyaqabula. Abantu abadala bayakujabulela ukusebenza nayo enkonzweni kaJehova. (IHubo 110:3) Le nkulumo yayinezingxoxo ezijabulisayo nentsha eyisibonelo.
Amadrama eBhayibheli anabadlali abagqoke ezasendulo ayisici esijabulisayo ngaso sonke isikhathi emihlanganweni yesigodi, futhi kwaba okufanayo nakulo mhlangano. Idrama ethi, “Ukufakaza Ngesibindi Naphezu Kokuphikiswa” yayinabalandeli bakaJesu bekhulu lokuqala. Yayingajabulisi nje kuphela, kodwa okubalulekile, yayifundisa. Inkulumo eyalandela idrama ethi, “Memezela Izindaba Ezinhle ‘Ngaphandle Kokuyekethisa,’” yagcizelela amaphuzu avelele edrama.
Bonke ababekhona babebheke phambili esicini esiwumvuthwandaba wesimiso sangeSonto, esasiyinkulumo yeningi eyayithi, “Obani Abakhazimulisa UNkulunkulu Namuhla?” Isikhulumi sanikeza ubufakazi obuqand’ikhanda bokuthi isayensi nenkolo ngokuvamile akumkhazimulisi uNkulunkulu. Ngabantu begama lakhe kuphela, labo abashumayela futhi bafundise iqiniso ngoJehova, abakhazimulisa igama lakhe ngempela namuhla.
Ngemva kwenkulumo yeningi kwalandela ukubukezwa kwesifundo se-Nqabayokulinda sangalelo sonto. Kwabe sekulandela inkulumo yokugcina ethi, “‘Qhubekani Nithela Izithelo Eziningi’ Kukhazinyuliswe UJehova.” Isikhulumi sethula kubo bonke ababekhona izwi lesinqumo elinamaphuzu ayishumi. Laligxile ezindleleni ezihlukahlukene esingamkhazimulisa ngazo uJehova, uMdali. U-“Elethu” owashiwo ngazwilinye wezwakala kuyo yonke imihlangano emhlabeni wonke.
Waphela kanjalo umhlangano kunkeneneza ezindlebeni zababekhona isihloko esithi, “Khazimulisa UNkulunkulu.” Sisizwa umoya kaJehova nenhlangano yakhe ebonakalayo, kwangathi singahlala sifuna ukukhazimulisa uNkulunkulu, hhayi umuntu.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 23]
Imihlangano Yezizwe
Kwaba nemihlangano yezizwe eyadonsa izinsuku ezine eyaba se-Afrika, e-Asia, e-Australia, eNyakatho naseNingizimu Melika naseYurophu. OFakazi abathile emhlabeni wonke bamenywa ukuba babe izihambeli kule mihlangano. Ngale ndlela kwaba khona “ukukhuthazana” phakathi kwezivakashi nabavakashelwe. (Roma 1:12) Ubungane obudala bavuselelwa, kwakhiwa nobusha. Isici esikhethekile semihlangano yezizwe kwaba inkulumo eyayinesihloko esithi, “Imibiko Evela Kwamanye Amazwe.”
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 25]
Izincwadi Ezintsha Ezikhazimulisa UNkulunkulu
Kwakhululwa izincwadi ezimbili eMihlanganweni Yesigodi ‘Yokukhazimulisa UNkulunkulu.’ Incwadi yamabalazwe eBhayibheli ethi Bona Izwe Elihle linoqwembe olungasheshi ukuguga namakhasi angu-36 anamabalazwe nezithombe zezindawo zangesikhathi seBhayibheli. Ikhasi ngalinye linemibala egqamile futhi linamabalazwe emibuso yase-Asiriya, eBhabhiloni, eMediya nasePheresiya, eGrisi, naseRoma. Kukhona namanye amabalazwe ahlanganisa inkonzo kaJesu nokusabalala kobuKristu.
Incwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu inamakhasi angu-256 nezithombe ezingu-230. Kungachithwa isikhathi esiningi esimnandi nezingane ngokubuka nje izithombe nokuphendula imibuzo eshukumisa ingqondo etholakala encwadini. Le ncwadi entsha yenzelwe ukuphebeza ukuhlasela kukaSathane izingane zethu ezincane, okuhloselwe ukonakalisa ukuziphatha kwazo.
[Isithombe ekhasini 23]
Izithunywa zevangeli zalandisa okuhlangenwe nakho okuqinisa ukholo
[Izithombe ekhasini 24]
Ubhapathizo lwaba isici esibalulekile emihlanganweni ‘Yokukhazimulisa UNkulunkulu’
[Izithombe ekhasini 24]
Amadrama eBhayibheli athandwa abancane nabadala