Ingabe Uyakhumbula?
Uye wakujabulela yini ukufunda omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Ake ubone ukuthi ungayiphendula yini le mibuzo elandelayo:
• Yayiyini iComplutensian Polyglot, futhi kungani yayibalulekile?
YayiyiBhayibheli elinezilimi eziningi elalikopishwe ngesandla, elalihlelwe laba nezinhlu ezihambisanayo, olunye eceleni kolunye. Yayiwumbhalo osezingeni eliphezulu kakhulu ngaleso sikhathi owawutholakala ngesiHebheru, isiGreki, isiLatini, kanye nezingxenye ezithile zesi-Aramu. Leli Bhayibheli eliyi-polyglot laliyigxathu elikhulu ekukhiqizeni umbhalo othuthukisiwe wezilimi zokuqala.—4/15, amakhasi 28-31.
• Abantu bangamjabulisa kanjani uNkulunkulu?
Njengomuntu wangempela ophilayo, uJehova uyakwazi ukucabanga nokwenza izinto, futhi unemizwa. ‘UnguNkulunkulu ojabulayo’ futhi uyakujabulela ukufeza injongo yakhe. (1 Thimothewu 1:11; IHubo 104:31) Lapho siyiqaphela ngokwengeziwe imizwa kaNkulunkulu, siyokwazi kangcono ukuthi yini esingayenza ukuze simjabulise.—5/15, amakhasi 4-7.
• Kungani uDavide avumela umkakhe uMikhali ukuba abe nesithombe setherafi?
Lapho iNkosi uSawule iceba ukubulala uDavide, uMikhali wamsiza ukuba aphunyuke ngokubeka isithombe embhedeni mhlawumbe esasimé njengomuntu. Kungenzeka ukuthi uMikhali wayenesithombe setherafi ngoba inhliziyo yakhe yayingaphelele kuNkulunkulu. Kungenzeka ukuthi uDavide wayengazi ngaso noma wayesishalazela ngoba eyindodakazi yeNkosi uSawule. (1 IziKronike 16:25, 26)—6/1, ikhasi 29.
• Imiyalo kaNkulunkulu ephathelene negazi yayigxile kuphi?
Ngokwalokho uNkulunkulu akusho ngemva kukaZamcolo, eMthethweni KaMose, nasemyalweni otholakala kuzEnzo 15:28, 29, uJehova wayekhomba emhlatshelweni owawuhilela igazi likaJesu elachitheka. Kungalelo gazi kuphela singathola intethelelo futhi sibe nokuthula noNkulunkulu. (Kolose 1:20)—6/15, amakhasi 14-19.
• Zingaki izimangaliso zikaJesu ezishiwo eBhayibhelini?
AmaVangeli abhekisela ezimangalisweni zikaJesu ezingu-35. Kodwa alembulwanga inani eliphelele lezimangaliso zakhe, kuhlanganise nalezo ezingabikwanga. (Mathewu 14:14)—7/15, ikhasi 5.