Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w04 11/1 kk. 3-4
  • Ukufuna Abaholi Abanekhono

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukufuna Abaholi Abanekhono
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Kumelwe Saneliswe Yilabo Abakhona”—Noma Ingabe Ukhona Ongcono?
  • Hambani Ngethemba Ekuholeni KukaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Ubani Ongumholi Ofanelekayo Namuhla?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Singakutholaphi Ukuhola Okuhle?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Uzokhetha Muphi Umholi?—Lithini IBhayibheli?
    Izihloko Ezengeziwe
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
w04 11/1 kk. 3-4

Ukufuna Abaholi Abanekhono

“Ngithi hamba, sesiqedile ngawe. Egameni likaNkulunkulu, hamba!”—U-Oliver Cromwell; ecashunwa uLeopold Amery, ilungu lePhalamende LaseBrithani.

Kwase kuphele izinyanga ezingu-8 iMpi YeZwe II icekela phansi, futhi kwakungayihambeli kahle iBrithani kanye nemibuso eyayisizana nayo. KuLeopold Amery nabanye abangamalungu kahulumeni, kwakudingeka umholi omusha. Ngenxa yalokho, ngo-May 7, 1940, eMkhandlwini Omelela Abantu Abavamile, uMnumzan’ u-Amery wacaphuna la mazwi angenhla ewasho kuNdunankulu uNeville Chamberlain. Ezinsukwini ezintathu kamuva, uMnumzan’ uChamberlain wasishiya isikhundla sakhe futhi sathathwa uWinston Churchill.

ISINTU sinesidingo esikhulu somholi, kodwa hhayi noma yimuphi nje umholi. Ngisho nasekhaya, ubaba kumelwe abe nekhono lokuhola ukuze umkakhe nezingane bajabule. Cabanga-ke ukuthi kufuneka ikhono elikhulu kangakanani ngomholi wesizwe noma womhlaba wonke! Shono kunzima kangaka ukuthola abaholi abanekhono.

Ngenxa yalokho, sekuphele izinkulungwane zeminyaka kulokhu kubekwa amakhosi, kuvukelwa imibuso futhi iketulwa, kubekwa abathile ezikhundleni, kuba nokhetho, kubulawa futhi kushintshwa ababusi. Amakhosi, ondunankulu, amakhosi ohlanga, abengameli, onobhala-jikelele nomashiqela bebelokhu bephuma bengena ezikhundleni. Ushintsho olungalindelekile luye lwasusa ngisho nababusi abanamandla esikhundleni. (Bheka ibhokisi elithi “Basuka Ezikhundleni Bengazelele,” ekhasini 5.) Noma kunjalo, kunzima ukuthola umholi onekhono nohlala isikhathi.

“Kumelwe Saneliswe Yilabo Abakhona”—Noma Ingabe Ukhona Ongcono?

Ngenxa yakho konke lokhu, akumangazi ukuthi abaningi baye baphelelwa ithemba lokuthola umholi onekhono. Kwamanye amazwe, imizwa yabantu yokunganaki nokuphelelwa yithemba ibonakala ngokukhethekile ngesikhathi sokhetho. UGeoff Hill intatheli yase-Afrika, waphawula: “Kuvamile ukunganaki noma ukungavoti lapho abantu bezizwa bengenamandla okushintsha usizi ababhekene nalo ekuphileni. . . . E-Afrika, uma abantu bengavoti, akusho ukuthi banelisekile. Kaningi, basuke bekhalela usizo ngoba benomuzwa wokuthi abanakiwe.” Ngokufanayo, omunye umlobeli wephephandaba e-United States wabhala maqondana nokhetho olwaluseduze: “Ngifisa sengathi ngabe bekukhankasa umuntu onekhono.” Wanezela: “Akekho umuntu onjalo. Akwenzeki abe khona. Kumelwe saneliswe yilabo abakhona.”

Ingabe akukho ngempela isintu esingakwenza ngaphandle kokumane nje “saneliswe” abaholi abangaphelele? Ingabe iqiniso lokuthi abaholi abangabantu baye bahluleka ukwanelisa izidingo zabantu babo libonisa ukuthi asisoze saba naye umholi onekhono? Cha. Ukhona umholi osezingeni eliphakeme. Isihloko esilandelayo sizobonisa ukuthi ubani umholi wesintu ophelele nokuthi ukuhola kwakhe kungazizuzisa kanjani izigidi zabantu bazo zonke izizinda—kuhlanganise nawe.

[Izithombe ekhasini 3]

Phezulu kwesobunxele: UNeville Chamberlain

Phezulu kwesokudla: ULeopold Amery

Ngezansi: UWinston Churchill

[Imithombo]

Chamberlain: Photo by Jimmy Sime/Central Press/Getty Images; Amery: Photo by Kurt Hutton/Picture Post/Getty Images; Churchill: The Trustees of the Imperial War Museum (MH 26392)

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela