Uke Uyizwe Yini Injabulo Etholakala Ngokupha?
KWASE kuyiminyaka ecela ku-50 eshiseka enkonzweni yobuKristu. Nakuba ayesebuthaka ngenxa yokuguga, kodwa wayezimisele ukuyobona iHholo LoMbuso elalisanda kwakhiwa. Ebambelele engalweni yomzalwane ongumKristu owayemsiza, wangena ehholo, watotoba eqonde ngqo kulokho ayephokophele kukho—ibhokisi lomnikelo. Wafika kulo wafaka imadlana ayeyongile. Nakuba ayengenakusiza ekwakhiweni kwehholo, wayefuna ukufaka isandla.
Lona wesifazane ongumKristu angase akukhumbuze omunye owesifazane othembekile—“umfelokazi ompofu” uJesu ambona efaka izinhlamvu ezimbili zemali encane ebhokisini lomnikelo ethempelini. Asitshelwa ukuthi zazinjani izimo zakhe, kodwa ngalezo zikhathi, ukungabi nandoda kwakungabeka umuntu wesifazane esimweni esibucayi ngokwezimali. Ngokuqinisekile uJesu wamhawukela, ngoba wayesiqonda kahle isimo sakhe. Emenza isibonelo kubafundi bakhe, waphawula ukuthi leyo madlana yakhe yayiyikho “konke abenakho, konke abeziphilisa ngakho.”—Marku 12:41-44.
Yini eyayingenza owesifazane oswele njengalo mfelokazi ompofu azidele kangaka? Kusobala ukuthi kwakuwukuzinikela kwakhe okujulile kuJehova uNkulunkulu, owayekhulekelwa ethempelini laseJerusalema. Nakuba kwakungekungakanani ayengakwenza, wayefuna ukusekela inkonzo engcwele. Futhi kumelwe ukuthi wajabula ngempela ngokunikela nganoma yini ayenganikela ngayo.
Ukupha Ukuze Kusekelwe Umsebenzi KaJehova
Ukunikela ngezimali nangezinto ezibonakalayo bekulokhu kuyisici esidingekile ekukhulekeleni okumsulwa, futhi bekulokhu kuyinto ebangela injabulo. (1 IziKronike 29:9) Kwa-Israyeli wasendulo iminikelo yayingasetshenziselwa nje kuphela ukuhlobisa ithempeli kodwa futhi nokugcina zonke izici zokukhulekela uJehova zisebenza. UMthetho wawuthi abantwana bakwa-Israyeli kwakumelwe banikele ngokweshumi komkhiqizo wabo basekele amaLevi ayenza izinkonzo zasethempelini. Kodwa namaLevi kwakumelwe anikele kuJehova ngokweshumi kwemikhiqizo ayeyithola.—Numeri 18:21-29.
Nakuba amaKristu akhululwa ezimfunekweni zesivumelwano soMthetho, asizange sishintshe isimiso sokuthi izinceku zikaNkulunkulu kumelwe zinikele ngezinto ezibonakalayo zisekele ukukhulekela kweqiniso. (Galathiya 5:1) Ngaphezu kwalokho, kwakuwajabulisa amaKristu ekhulu lokuqala ukunikelela izidingo zabafowabo. (IzEnzo 2:45, 46) Umphostoli uPawulu wakhumbuza amaKristu ukuthi njengoba nje uNkulunkulu ayewaphe izinto ezinhle ngesandla esivulekile, nawo kwakufanele aphe abanye ngesandla esivulekile. Wabhala: “Yala labo abacebile esimisweni samanje sezinto ukuba bangaqhoshi, futhi bangabeki ithemba labo engcebweni engaqinisekile, kodwa kuNkulunkulu, osinika zonke izinto ngokucebile ukuze sizijabulele; benze okuhle, bacebe emisebenzini emihle, babe nesandla esivulekile, belungele ukwabelana izinto nabanye, bezibekelela ngokulondekile isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze babambisise ukuphila kwangempela.” (1 Thimothewu 6:17-19; 2 Korinte 9:11) Ngempela, ngokwalokho ayezibonele khona, uPawulu wayengawafakazela amazwi kaJesu athi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”—IzEnzo 20:35.
Ukupha KwamaKristu Namuhla
Nanamuhla, izinceku zikaJehova zisasebenzisa izinto zazo ezibonakalayo ekusizaneni nasekusekeleni umsebenzi kaNkulunkulu. Ngisho nalabo abanokuncane banikela ngalokho abanamandla ako. ‘Inceku ethembekileyo neqondayo’ izizwa inesibopho kuJehova sokuzisebenzisa ngendlela engcono kakhulu zonke lezi zimali ezinikelwe. (Mathewu 24:45) Lezi zimali zisetshenziselwa ukunakekela amahhovisi egatsha, ukuhumusha nokukhiqiza amaBhayibheli nezincwadi zeBhayibheli, ukuhlela imihlangano emikhulu yobuKristu, ukuqeqesha nokuthumela ababonisi abajikelezayo nezithunywa zevangeli, ukunikeza usizo ngezikhathi zezinhlekelele, kanye nokufeza ezinye izinjongo eziningi ezibalulekile. Ake sigxile kweyodwa yalezo zinjongo—ukusiza ekwakheni izindawo zokukhulekela.
OFakazi BakaJehova bahlangana kaningana ngesonto emaHholo abo oMbuso ukuze bathole imfundo engokomoya futhi bajabulele ubungane obakhayo. Nokho, emazweni amaningi izimo zomnotho zenza kudingeke ukuba oFakazi bakulawo mazwe basizwe kuqala ukuze bakwazi ukubhekana nezindleko zokwakha amaHholo OMbuso. Ngakho, ngo-1999 oFakazi BakaJehova baqala uhlelo lokusebenzisa izimali ezivela emazweni anothile ukuze kwakhiwe amaHholo OMbuso emazweni ampofu. Ngaphezu kwalokho, izinkulungwane zezisebenzi zokuzithandela ziye zanikela ngesikhathi nangamakhono azo, ngokuvamile zisebenza ezindaweni ezisemaphandleni kulawo mazwe. Lapho kwakhiwa, oFakazi bendawo bafunda amakhono okwakha nawokugcina isakhiwo sisesimweni esihle, futhi imali yeSikhwama SamaHholo OMbuso ithenga izinto zokwakha nezokusebenza. OFakazi asebesebenzisa la mahholo amasha babonga ngokusuka ezinhliziyweni ngokuthi abanye abakholwa nabo baye banikela ngesikhathi nangezimali. Labo Fakazi babuye banikele nyanga zonke ukuze lelo Hholo LoMbuso elisha ligcinwe lisesimweni esihle futhi kukhokhwe izindleko zokwakha, ngaleyo ndlela kusizwe ekwakhiweni kwamanye amaHholo OMbuso.
AmaHholo OMbuso akhiwa ngezindlela nangezinto zokwakha zakulawo mazwe. Nakuba la mahholo engebona ubukhazikhazi, nokho ayakhanga, afeza injongo yawo futhi athokomele. Ngesikhathi lolu hlelo lokwakha luqala ngo-1999, kwakucatshangelwa amazwe ampofu angaba ngu-40. Kusukela ngaleso sikhathi, asengu-116 amazwe asefakwe kulolu hlelo lokwakha, okungamabandla angaphezu kwesigamu sawo wonke amabandla oFakazi BakaJehova emhlabeni. Eminyakeni emihlanu edlule, ngaphansi kwalolu hlelo, sekwakhiwe amaHholo OMbuso angaphezu kuka-9 000, okuyisilinganiso samahholo amasha angaphezu kwamahlanu usuku ngalunye! Noma kunjalo, kula mazwe angu-116, kusadingeka amaHholo OMbuso amasha angu-14 500. Kwethenjwa ukuthi ngesibusiso sikaJehova nangothando nokuphana koFakazi emhlabeni wonke, izoba khona imali eyanele yokufeza lesi sidingo.—IHubo 127:1.
AmaHholo OMbuso Abangela Ukwanda
Ube yini umphumela walo mzamo omkhulu kangaka koFakazi bakulawo mazwe nasemsebenzini wokushumayela ngoMbuso? Ezindaweni eziningi, inani lababa khona emihlanganweni landa ngendlela emangalisayo ngemva kokuba kwakhiwe iHholo LoMbuso elisha. Isibonelo salokhu sitholakala embikweni ovela eBurundi: “Lithi lingaphela nje iHholo LoMbuso, ligcwale. Ngokwesibonelo, ibandla elaliba nesilinganiso sabangaba yikhulu emihlanganweni lakhelwa iHholo LoMbuso elisha. Leli Hholo LoMbuso lihlalisa kahle abantu abangu-150. Ngesikhathi liqedwa, base bengu-250 ababa khona emihlanganweni.”
Yini ebangela lokhu kwanda? Isizathu ukuthi amaqembu abamemezeli boMbuso, okumelwe ahlangane ngaphansi komuthi noma esigangeni ngoba engenayo indawo ehlelekile yemihlangano, ngezinye izikhathi awethenjwa. Kwelinye izwe, amaqembu anjalo enkolo ahlotshaniswa nodlame lobuhlanga, ngakho umthetho uthi yonke imihlangano yenkolo kumelwe iqhutshelwe ezindlini zokukhulekela.
Ukuba namaHholo OMbuso abo kuyabasiza futhi oFakazi BakaJehova ukuba bakwazi ukubonisa umphakathi ukuthi ababona abalandeli bomfundisi othile. Ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova laseZimbabwe libhala lokhu: “Esikhathini esidlule, abazalwane kule ndawo bebehlangana emakhaya abazalwane, ngakho abantu bendawo bebebiza ibandla ngegama lomnikazi womuzi abahlangana kuwo. Bebebiza abazalwane ngokuthi abantu besonto likaMnumzan’ uSibanibani. Konke lokho kuyashintsha manje njengoba abantu bebona izimpawu ezibiza ihholo ngalinye ngokucacile ngokuthi ‘IHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova.’”
Abaphi Abajabulayo
Umphostoli uPawulu wabhala: “UNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.” (2 Korinte 9:7) Kuyiqiniso ukuthi iminikelo emikhulu iyasiza kakhulu. Kodwa ingxenye enkulu yezimali ezinikelelwa umsebenzi woFakazi BakaJehova zivela emabhokisini eminikelo emaHholo OMbuso. Yonke iminikelo, emincane nemikhulu, ibalulekile futhi ayishaywa indiva. Khumbula ukuthi uJesu wayehleli lapho ayengabona khona umfelokazi ompofu enikela ngezinhlamvu zakhe ezimbili ezincane. UJehova nezingelosi nabo bambona. Asilazi nakulazi igama lalo mfelokazi, kodwa uJehova waqikelela ukuthi leso senzo sakhe sokuzidela siyalondolozwa eBhayibhelini.
Ngaphandle kokusekela ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso, iminikelo yethu isekela zonke ezinye izici ezibalulekile zomsebenzi woMbuso. Ukusekela ngale ndlela kusinikeza isizathu sokujabula “nokuceba ngezenzo eziningi zokubonisa ukubonga kuNkulunkulu.” (2 Korinte 9:12) Abafowethu abangamaKristu eBenin bayabika: “Nsuku zonke siyisa kuJehova imithandazo eminingi yokubonga ngosizo lwezimali esiluthola kubafowethu emhlabeni wonke.” Ngesikhathi esifanayo, sonke esiwusekelayo ngezimali umsebenzi woMbuso sithola injabulo etholakala ngokupha kobuKristu!
[Ibhokisi ekhasini 22, 23]
Izindlela Abanye Abakhetha Ukunikela Ngazo
IMINIKELO YOMSEBENZI WOMHLABA WONKE
Abaningi babekela eceleni noma bahlele ukuba kube nemali ethile abayifaka emabhokisini omnikelo abhalwe ukuthi “Iminikelo Yomsebenzi Womhlaba Wonke—Mathewu 24:14.”
Inyanga ngayinye amabandla athumela le mali ehhovisi loFakazi BakaJehova elikhonza izwe akulo. Iminikelo yokuzithandela yezimali ingase ithunyelwe ngokuqondile e-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ehhovisi legatsha elikhonza izwe lakini. Amasheke kufanele abhalelwe i-“Watch Tower.” Kunganikelwa nangamatshe ayigugu (jewellery) noma ezinye izinto eziyigugu. Le minikelo kufanele ihambisane nencwadi emfushane echazayo ukuthi lokhu kuyisipho esiqondile.
UKUPHA OKUHLELIWE
Ngaphezu kwezipho eziqondile eziyimali, kunezinye izindlela zokupha ukuze kusekelwe inkonzo yoMbuso emhlabeni wonke. Lezi zihlanganisa:
Umshuwalense: I-Watch Tower Society ingase ibhaliswe njengendlalifa yomshuwalense wokuphila noma womhlalaphansi/wempesheni.
Amasheya Nama-bond: Amasheya nama-bond kunganikelwa kuyi-Watch Tower Society njengesipho esiqondile.
Izakhiwo Nezindawo: Izakhiwo nezindawo ezingathengiseka zinganikelwa ngokwenza isipho esiqondile noma, uma kuyindawo yokuhlala, ngokuba igcinelwe umniniyo osaphila, ongaqhubeka ehlala kuyo esaphila. Thintana nehhovisi legatsha lezwe lakini ngaphambi kokubhalisa noma isiphi isakhiwo noma indawo ngegama leNhlangano.
Izincwadi Zefa: Impahla noma imali ingashiyelwa i-Watch Tower Society njengefa ngokusebenzisa incwadi yefa ebhalwe ngokomthetho.
Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, ungathintana ne-Accounting Office ngencwadi noma ngocingo ekhelini elingezansi noma ehhhovisi legatsha elikhonza izwe lakini.
Accounting Office
Watch Tower Bible and Tract
Society of Pennsylvania
Private Bag X2067,
Krugersdorp, 1740,
South Africa
Ucingo: (011) 761 1000
[Izithombe ekhasini 20, 21]
Izindawo ezindala oFakazi BakaJehova ababehlangana kuzo kanye nezintsha
EZambia
ECentral African Republic