Imibuzo Evela Kubafundi
Ibandla lobuKristu likubheka kanjani ukuminza?
IZwi likaNkulunkulu liyakulahla kokubili ukudakwa nokuminza, lithi kuyizenzo zokuziphatha ezingahambisani nokukhonza uNkulunkulu. Ngakho-ke, ibandla lobuKristu libheka umuntu oyisiminzi esaziwayo ngendlela efanayo noyisidakwa. Umuntu oyisidakwa noma oyisiminzi akanakuba ingxenye yebandla lobuKristu.
IzAga 23:20, 21 zithi: “Ungabi phakathi kwezinseli zewayini, phakathi kwamakloza. Ngoba isidakwa nesiminzi bayoba mpofu, futhi ukozela kuyokwembathisa umuntu amanikiniki nje.” KuDuteronomi 21:20, sifunda ngomuntu ‘onenkani futhi odlubulundayo,’ okwakufanele abulawe ngokoMthetho KaMose. Ngokwaleli vesi, lo muntu odlubulundayo futhi ongaphenduki wayenezici ezimbili ayephawuleka ngazo, ‘wayeyisiminzi futhi eyisidakwa.’ Ngokusobala, kwa-Israyeli wasendulo, ukuminza kwakubhekwa njengomkhuba ongamukelekile kulabo abafisa ukukhonza uNkulunkulu.
Nokho, yini isiminzi, futhi imiBhalo YamaKristu YesiGreki ithini ngale ndaba? Isiminzi sichazwa ngokuthi “umuntu ohahayo, onganeliseki ngokudla nangokuphuzwayo.” Ngakho, phakathi kwezinye izinto, ukuminza kuyisimo sokuhaha, futhi iZwi likaNkulunkulu lithi “abantu abahahayo” bawuhlobo lwabantu abangeke balizuze ifa loMbuso kaNkulunkulu. (1 Korinte 6:9, 10; Filipi 3:18, 19; 1 Petru 4:3) Ngaphezu kwalokho, lapho umphostoli uPawulu exwayisa amaKristu ‘ngemisebenzi yenyama,’ wakhuluma ‘ngezikhathi zokudakwa, imibuthano exokozelayo, nezinto ezifana nalezi.’ (Galathiya 5:19-21) Ukudla kakhulu ngokuvamile kuhambisana nezikhathi zokudakwa nemibuthano exokozelayo. Ngaphezu kwalokho, ukuminza ngokuqinisekile kuhlanganisiwe enkulumweni kaPawulu ethi “nezinto ezifana nalezi.” Njengakweminye “imisebenzi yenyama,” umKristu odume ngokuminza futhi owenqaba ngenkani ukuphenduka emkhubeni wakhe wokuhaha kumelwe asuswe ebandleni.—1 Korinte 5:11, 13.a
Nakuba iZwi likaNkulunkulu libeka isidakwa nesiminzi esimweni esifanayo, kulula kakhulu ukubona isidakwa kunesiminzi. Ngokuvamile izimpawu zokudakwa zibonakala kalula. Nokho, kunzima kakhulu ukunquma ukuthi kunini lapho kungashiwo khona ukuthi umuntu uyisiminzi ngoba lokho akunakunqunywa ngokubonakala kwangaphandle. Ngakho-ke, kudingeka abadala ebandleni bacophelele impela futhi babonise ukuqonda lapho besingatha izimo eziphathelene nale ndaba ebalulekile.
Ngokwesibonelo, ukukhuluphala kungaba uphawu lokuminza, kodwa akunjalo ngaso sonke isikhathi. Umuntu angase akhuluphale ngenxa yokugula. Ufuzo nalo lungase lube yimbangela yokukhuluphala. Futhi, kufanele sikhumbule ukuthi ukukhuluphala kuyisimo somzimba, kanti ukuminza kuyisimo sengqondo. Ukukhuluphala kuchazwa ngokuthi “ukunona komzimba,” kanti ukuminza kona ‘kuwuhaha noma ukudla kakhulu.’ Ngakho, ukuminza akubonakali ngomzimba womuntu kodwa ngesimo sakhe sengqondo maqondana nokudla. Umuntu angase abe nomzimba olingene noma aze azace imbala kodwa futhi abe isiminzi. Ngaphezu kwalokho, kuyahlukahluka kakhulu ngokwezindawo ukuthi ongakanani umzimba okahle.
Ziyini izimpawu zokuminza? Umuntu oyisiminzi unomkhuba wokuhluleka ukuzibamba, futhi uzigcingca ngokudla aze aphathwe isisu noma abuyise. Ukuhluleka kwakhe ukuzibamba kubonisa ukuthi akanandaba ngempela nendlela ahlambalaza ngayo uJehova nabantu baKhe abanedumela elihle. (1 Korinte 10:31) Ngakolunye uhlangothi, umuntu odla kakhulu ngezikhathi ezithile ngeke ngenxa nje yalokho kuthiwe ‘ungumuntu ohahayo.’ (Efesu 5:5) Noma kunjalo, ngokwalokho okushiwo eyabaseGalathiya 6:1, umKristu onjalo angase adinge usizo. UPawulu uthi: “Bazalwane, ngisho noma umuntu ethatha isinyathelo okungesona ngaphambi kokuba aqaphele, nina eninezimfanelo ezingokomoya zamani ukumlungisa ngomoya wobumnene umuntu onjalo.”
Kungani lesi seluleko seBhayibheli sokugwema ukudla ngokweqile sibaluleke kakhulu namuhla? Kungoba uJesu waxwayisa, ikakhulu maqondana nosuku lwethu, wathi: “Qaphelani ukuba izinhliziyo zenu zingalokothi zisindwe ukuminza nokuphuza kakhulu nezinkathazo zokuphila, ngokungazelelwe lolo suku lunifice ngaso leso sikhathi, njengogibe.” (Luka 21:34, 35) Ukugwema ukuzitika ngokweqile ngokudla kungenye yezindlela ezibalulekile zokugwema indlela yokuphila elimazayo ngokomoya.
Ukulinganisela kuyimfanelo enhle yobuKristu. (1 Thimothewu 3:2, 11) Ngakho-ke, ngokuqinisekile uJehova uyobasiza bonke abafuna ngobuqotho ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli maqondana nokulinganisela emikhubeni yokudla nokuphuza.—Hebheru 4:16.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda ka-May 1, 1986.