Ukuvakashela Indawo Yokunyathelisa Emangalisayo
KUNGENZEKA ukuthi awuqali ukubona umagazini ofana nalona owufunda njengamanje. Mhlawumbe oFakazi BakaJehova bake bafika kwakho bakunikeza INqabayokulinda ne-Phaphama! ngenjongo yokukusiza ukuba uliqonde kangcono iBhayibheli noma kungenzeka ukuthi wake wababona benikeza abantu lezi zincwadi zeBhayibheli emigwaqweni noma ezitolo zendawo. Eqinisweni, kuhanjiswa omagazini abangaphezu kwezigidi ezingu-35 nyanga zonke, okwenza omagazini balolu hlobo babe abasakazwa kakhulu emhlabeni.
Nokho, wake wazibuza yini ukuthi bonke lab’ omagazini nezincwadi kunyatheliswa kanjani futhi kuphi? Ukuze uthole impendulo, ake sixoxe ngendawo eyodwa yokunyathelisa kweziningi oFakazi BakaJehova abazisebenzisayo emazweni amaningi—lena iseWallkill eNew York, e-U.S.A. Abafundi abaningi balo magazini emhlabeni wonke akulula ukuba bangahamba bayobona le ndawo yokunyathelisa ese-United States esetshenziswa oFakazi BakaJehova, ngakho sizokuthatha sikubeke kule ndawo ngezithombe nangokukuchazela ngayo.
Yiqiniso, ngaphambi kokuba kunyatheliswe, kufanele kuqale kubhalwe lokho okuzonyatheliswa. UMnyango We-Graphics uthola ukwaziswa ngama-computer kusuka eMnyangweni Wokubhala eBrooklyn, eNew York. Ngalawo mafayela kwenziwa amapuleti okunyathelisa. Imiqingo yamaphepha angaba ngu-1 400 alethwa eWallkill nyanga zonke futhi kusetshenziswa amathani awo angaba ngu-80 kuya kwayikhulu usuku ngalunye. Le miqingo—eminye yawo inesisindo esingaphezu kwamakhilogremu angu-1 300—ifakwa emishinini yokunyathelisa emihlanu esuke ifakwe amapuleti okunyathelisa. Iphepha liyanyatheliswa, lisikwe, ligoqwe libe izingxenye ezingamakhasi angu-32. Lo magazini owufundayo unalawo makhasi angu-32. Kuthiwani ngezincwadi? Umshini wokuhlanganisa uhlanganisa amakhasi uwenze izincwadi. Umshini owodwa kwemibili ungahlanganisa izincwadi zoqwembe oluqinile ezingu-50 000 noma zoqwembe oluthambile ezingu-75 000 ngosuku. Omunye ungahlanganisa izincwadi zoqwembe oluthambile ezingaba ngu-100 000 ngosuku.
Phakathi kuka-2008, le ndawo yokunyathelisa yakhiqiza izincwadi ezingaphezu kuka-28 000 000 namaBhayibheli angaphezu kwezigidi ezingu-2,6. Ngawo lowo nyaka, kwanyatheliswa omagazini abangu-243 317 564. Kule ndawo yokunyathelisa kugcinwa izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ngezilimi ezingaba ngu-380. Kwenziwani uma izincwadi sezinyathelisiwe?
Indawo yokunyathelisa yamukela ama-oda avela emabandleni oFakazi BakaJehova angu-12 754 ase-United States nangu-1 369 aseziqhingini zaseCaribbean naseHawaii. UMnyango Wokuthumela Izincwadi ufaka emabhokisini zonke izinto ezi-odiwe bese uhlela ukuba zithunyelwe ezindaweni ezifanele. Inyanga ngayinye, kuthunyelwa izincwadi ezingamakhilogremu ayizigidi ezingu-14 emabandleni ase-United States.
Abantu yibona ababaluleke kakhulu kulo msebenzi wokunyathelisa, hhayi imishini. Kunabangaphezu kuka-300 abasebenza eminyangweni yokunyathelisa—eMnyangweni We-Graphics, Wokuhlela Umsebenzi, Wokuhlanganisa Izincwadi noMnyango Wokuthumela Izincwadi. Zonke lezi zisebenzi zokuzithandela ezingakhokhelwa ziphakathi kweminyaka yobudala engu-19 kuya kwengu-92.
Ziyabathanda kakhulu abantu abayothola lezi zincwadi bazijabulele, bafundiswe, bakhuthazeke futhi baqondiswe izimiso zeBhayibheli ezichazwe kuzo. Siyethemba ukuthi nawe ungomunye walabo bafundi nokuthi izincwadi ezinyatheliswa lapha zizokusiza ukuba uqhubeke ufunda ngoJehova uNkulunkulu nangoJesu Kristu okusho ukuphila okuphakade.—Johane 17:3.
[Izithombe ekhasini 16]
[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 17]