Ingabe Unganuleka Othandweni?
IKETANGA elibambe ihange lomkhumbi kumelwe liqine ngokwanele likwazi ukumelana nomoya nemisinga enamandla ukuze umkhumbi ungakhukhuleki. Nokho, lokhu kungenzeka uma izinkintsho zalo zihlangene kahle futhi ziqine ngempela, kungenjalo linganqamuka.
Kungashiwo okufanayo nangebandla lobuKristu. Ukuze ibandla liqine futhi libe nempilo enhle, amalungu alo kufanele ahlangane abe munye. Ahlanganiswa yini? Wuthando, isibopho esinamandla kakhulu sobunye. Akumangazi ukuthi uJesu Kristu watshela abafundi bakhe: “Ngininika umyalo omusha, wokuba nithandane; njengoba nje nami nginithandile, ukuba nani nithandane. Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” Yebo, amaKristu eqiniso anothando olungaphezu kolobungane noma ukuhloniphana. Aba nothando lokuzidela.—Johane 13:34, 35.
Ukwazisa Esikholwa Nabo
Amabandla amaningi akhiwa abantu bobudala obungefani, izinhlanga, ubuzwe, amasiko, izilimi nezizinda ezingefani. Ilungu ngalinye linezinto elizithandayo nelingazithandi, elizifisayo nelizesabayo, futhi ngokuvamile ngalinye linezinkinga zalo—mhlawumbe impilo ebuthaka noma izimo zomnotho ezingezinhle. Lokhu kungefani kungase kubekele ubunye bobuKristu inselele. Yini-ke engasisiza ukuba sanuleke othandweni futhi sihlale simunye naphezu kwalezi zinselele? Ukuwazisa ngempela wonke amalungu ebandla kuyosisiza sijulise uthando esinalo ngomunye nomunye.
Sibonisa kanjani ukuthi siyabazisa abanye? Ngokuba nomqondo ovulekile noma ngokubakhathalela; ngokubahlonipha ngokufanele; ngokubabheka njengabayigugu nabahle kakhulu nangokwazisa ukuba khona kwabo. Uma sibazisa esikholwa nabo, siyazikhathalela izidingo zabo, sibabheka njengabayigugu, siyabuqaphela ubuhle babo futhi asive sijabula ngokuthi sikhulekela nabo uNkulunkulu. Ngakho, siba nothando olukhulu ngabo. Ukubheka kafushane lokho umphostoli uPawulu akubhalela amaKristu aseKorinte ekhulu lokuqala kuzosisiza sibone indlela esingalubonisa ngayo uthando lobuKristu ngokugcwele.
AbaseKorinte ‘Baminyene’
UPawulu wayibhala ngo-55 C.E. incwadi yakhe yokuqala eya kwabaseKorinte, neyesibili wayibhala ngonyaka ofanayo. Amazwi akhe abonisa ukuthi abathile ebandleni laseKorinte babengabazisi abakholwa nabo. UPawulu wasichaza ngala mazwi isimo: “Umlomo wethu uvulekele kini baseKorinte, inhliziyo yethu yanulekile. Animinyene ngaphakathi kithi, kodwa niminyene othandweni lwenu.” (2 Korinte 6:11, 12) Wayesho ukuthini uPawulu lapho ebachaza ngokuthi ‘baminyene’?
Wayesho ukuthi babenesandla esivalekile. Esinye isazi seBhayibheli sinomuzwa wokuthi abaseKorinte babengambonisi uPawulu uthando ngenxa “yezimo ezithile ezinzima ezazibangelwa izinsolo ezingenasisekelo . . . nomuzwa wokweyiswa.”
Ake uzwe iseluleko uPawulu abanikeza sona: “Njengembuyiselo—ngikhuluma njengokungathi ngikhuluma nabantwana—nani yanulekani.” (2 Korinte 6:13) UPawulu wakhuthaza abaseKorinte ukuba banuleke othandweni lwabo ngamanye amakholwa. Lokhu kwakusho ukuthi babeyoshukunyiswa isimo sengqondo esiqondile nesandla esivulekile, hhayi ukungabathembi abanye nokucasulwa izinto ezingasho lutho.
Ukwanuleka Othandweni Namuhla
Akuve kujabulisa namuhla ukubona indlela abakhulekeli bakaNkulunkulu beqiniso abazama ngayo ukwanuleka othandweni lwabo ngomunye nomunye. Yiqiniso, ukwanuleka kudinga umzamo. Akuyona nje indaba yokwazi ukuthi kufanele wenzeni. Ukwanuleka kusho ukuziphatha ngendlela ehlukile kweyabantu abangaphili ngezindinganiso zeBhayibheli. Ngokuvamile abantu abanjalo ababazisi abanye abantu. Bangase bangacabangeli, bangabi nanhlonipho futhi bathande ukubhuqa. Ngakho, masingalokothi sivunyelwe ukuthonywa yile mikhuba. Yeka ukuthi kungadabukisa kangakanani ukungakwazi ukubonisana uthando ngenxa yokungathembani, njengoba kwakwenzeka kwabaseKorinte! Lokhu kungenzeka nanamuhla uma kuba lula ngathi ukubona amaphutha omfowethu ongumKristu kodwa kungabi lula ukubona izimfanelo zakhe ezinhle. Lokhu kungenzeka nalapho sehluleka ukuthanda omunye ngoba engowesinye isizwe.
Inceku kaNkulunkulu eyanulekayo othandweni lwayo yenza okuhlukile ngoba iwazisa ngempela amanye amakholwa. Iwabheka njengayigugu futhi iyazikhathalela izidingo zawo. Ngisho nalapho ingase ibe nesizathu esizwakalayo sokukhononda, ihlale ifuna ukuthethelela futhi ayiwabambi amagqubu. Ayizisoli izisusa zamanye amakholwa. Ukuba kwayo nesandla esivulekile kuyisiza ukuba ibonise uhlobo lothando uJesu ayekhuluma ngalo lapho ebikezela: “Bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.”—Johane 13:35.
Yanuleka Ube Nabangane Abasha
Uthando olusuka enhliziyweni luyosenza sikwazi ukwakha ubungane nabanye ebandleni esingabajwayele kangako. Bangaba obani labo bantu? Abanye abafowethu nodadewethu abangamaKristu banamahloni, noma mhlawumbe ngezizathu ezithile, banabangane abambalwa. Ekuqaleni singase sibe nomuzwa wokuthi zincane izinto esifana ngazo nalaba bantu, ngaphandle nje kokuthi sikhonza uNkulunkulu oyedwa. Kodwa akulona yini iqiniso ukuthi abantu abathile eBhayibhelini ababengabangane abakhulu kwakungase kubonakale sengathi kuncane kakhulu abafana ngakho?
Ngokwesibonelo, uRuthe noNawomi babengalingani nhlobo, bengabezizwe ezingefani, benamasiko angefani futhi bekhuluma izilimi ezingefani. Noma kunjalo, ubungane babo abuzange buthiywe yilokhu kungefani. UJonathani wayeyinkosana, uDavide engumalusi. Babeshiyana kude ngeminyaka, kodwa bangabanye babantu ababengamathe nolimi esitshelwa ngabo emiBhalweni Engcwele. Lobu bungane babo babubajabulisa futhi babesekelana ngokomoya.—Ruthe 1:16; 4:15; 1 Samuweli 18:3; 2 Samuweli 1:26.
Nanamuhla, amaKristu eqiniso angalingani ngeminyaka nanezimo ezingefani ekuphileni ayaba abangane abakhulu. Ngokwesibonelo, uRegina ungumama ongayedwa onezingane ezimbili esezeve eminyakeni eyishumi nambili.a Ukuphila kwakhe kumatasa futhi akanaso isikhathi sokuchitha isikhathi nabanye abantu. UHarald no-Ute bashadile futhi sebethathe umhlalaphansi kanti abanazo izingane. Uma uyibheka nje le mikhaya, zincane izinto efana ngazo. Kodwa uHarald no-Ute basebenzisa iseluleko seBhayibheli sokwanuleka. Benza imizamo yokwenza izinto eziningi noRegina nezingane zakhe. Bashumayela ndawonye futhi bahlele nokuzijabulisa ndawonye.
Singanuleka yini sibe nabanye abangane ngaphandle nje kwalabo esinabo manje? Kungani ungazami ukujwayelana kakhudlwana namanye amakholwa ezinye izizwe, amasiko noma ubudala?
Ukukhathalela Izidingo Zabanye
Umoya wokupha uyosenza siziqaphele izidingo zabanye. Izidingo ezinjani? Ake ubheke amalungu ebandla lobuKristu. Abasebasha badinga umuntu ongabaqondisa, asebekhulile badinga ukukhuthazwa, izikhonzi zesikhathi esigcwele zidinga ukunconywa nokusekelwa kanti amanye amakholwa acindezelekile adinga indlebe engawalalela. Wonke umuntu unezidingo. Sifuna ukwenza okuthile ngalezi zidingo ngezinga elifanele.
Ukwanuleka kusho nokuthi siyobonisa ukubaqonda labo abanezidingo ezikhethekile. Ukhona yini umuntu omaziyo onesifo esingamahlalakhona noma obhekene nobunzima obuthile ekuphileni? Ukwanuleka othandweni nokuhlakulela umoya wokupha kuyokusiza ukuba ube oqondayo nobasekelayo abadinga usizo.
Lapho iziprofetho zeBhayibheli esizilindele zigcwaliseka maduzane, ubunye ebandleni buyoba usizo kakhulu kunezinto ezibonakalayo noma amakhono athile. (1 Petru 4:7, 8) Ngamunye wethu angaba negalelo ekuqiniseni izibopho zobunye kwawethu amabandla ngokwanuleka othandweni ngamanye amakholwa. Singaqiniseka ukuthi uJehova uyosibusisa ngokucebile ngokwenza ngokuvumelana namazwi eNdodana yakhe uJesu Kristu, eyathi: “Yilo umyalo wami, ukuba nithandane njengoba nje nami nginithandile.”—Johane 15:12.
[Umbhalo waphansi]
a Amanye amagama ashintshiwe.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 10]
Ukwazisa abafowethu nodadewethu kusho ukuthi sibabheka njengabayigugu kakhulu futhi siyazikhathalela izidingo zabo