“Yanulekani”
1. Ngamunye wethu unamuphi umthwalo wemfanelo?
1 Ebuzalwaneni bobuKristu, ngamunye wethu unomthwalo wemfanelo wokwenza kufudumale ebandleni. (1 Pet. 1:22; 2:17) Ukufudumala okunjalo kuba khona lapho ‘sanuleka’ othandweni lwethu ngomunye nomunye. (2 Kor. 6:12, 13) Kungani kubalulekile ukubazi kahle abafowethu nodadewethu?
2. Kungani kubalulekile ukwakha ubungane namakholwa esikanye nawo?
2 Ubungane Buyaqina: Lapho siya ngokuwazi kangcono amakholwa esikanye nawo, silwazisa ngokugcwele nakakhulu ukholo lwawo, ukukhuthazela, nezinye izimfanelo zawo ezinhle. Ukushiyeka kwawo kubonakala kuwubala, futhi izibopho zobungane ziyaqina. Lapho sazana kahle, siba sesimweni esikahle sokwakhana nokududuzana. (1 Thes. 5:11) Singaba “usizo oluqinisayo” komunye nomunye ukuze simelane namathonya onakalisayo ezwe likaSathane. (Kol. 4:11) Njengoba lezi zinsuku zokugcina zicindezela, yeka ukuthi sikwazisa kanjani ukuba nabangane abahle phakathi kwabantu bakaJehova!—IzAga 18:24.
3. Singaba kanjani usizo oluqinisayo kwabanye?
3 Abangane abaseduze bangasiqinisa kakhulu futhi basiduduze lapho sibhekene nokulingwa okunzima. (IzAga 17:17) UmKristu othile owayeshikashikana nokuzizwa engelutho uyakhumbula: “Kwakunabangane ababengitshela izinto ezinhle ngami bengisiza ukuba nginqobe imicabango edikibalisayo enganginayo.” Abangane abanjalo bayisibusiso esivela kuJehova.—IzAga 27:9.
4. Yini esingayenza ukuze sibazi kangcono abanye ebandleni?
4 Yiba Nesithakazelo Kwabanye: Singanuleka kanjani othandweni lwethu ngamakholwa esikanye nawo? Ngaphezu nje kokubingelela abanye emihlanganweni yobuKristu, yenza umzamo wokuxoxa nabo ngezinto ezinenjongo. Babonise ukuthi unesithakazelo kubo ngaphandle kokubagubha izindaba zabo. (Fil. 2:4; 1 Pet. 4:15) Enye indlela yokubonisa abanye ukuthi sinesithakazelo kubo ukubamemela esidlweni. (Luka 14:12-14) Noma ungase uhlele ukusebenza nabo enkonzweni yasensimini. (Luka 10:1) Lapho sisithatha kuqala isinyathelo sokubazi kangcono abafowethu, sikhuthaza ubunye ebandleni.—Kol. 3:14.
5. Iyiphi enye indlela yokwenza nabanye babe abangane bethu?
5 Ingabe sithambekele ekukhetheni abangane abalingana nathi ngeminyaka noma abathanda izinto esizithandayo? Akufanele sivumele lezo zici zisenze singakwazi ukwakha ubungane nabathile ebandleni. UDavide noJonathani, ngokufanayo noRuthe noNawomi bakha izibopho eziqinile zobungane naphezu kokungalingani ngeminyaka nokungafani kwezizinda. (Ruthe 4:15; 1 Sam. 18:1) Ungabenza yini nabanye babe abangane bakho? Ukwenza kanjalo kungakulethela izibusiso ezingalindelekile.
6. Iziphi ezinye izinzuzo zokwanuleka othandweni lwethu ngabafowethu?
6 Ngokwanuleka othandweni lwethu ngabanye, siyaqinisana futhi sikhuthaze ukuthula ebandleni. Ngaphezu kwalokho, uJehova ngokwakhe uyasibusisa ngothando esilubonisa abafowethu. (IHu. 41:1, 2; Heb. 6:10) Kungani ungakwenzi kube umgomo wakho ukwazi kangcono abafowenu abaningi ngangokunokwenzeka?