Abathweswa Iziqu ZaseGileyadi Bathola Iseluleko Esithinta Inhliziyo
NGO-SEPTEMBER 9, 2006, ikilasi le-121 lase-Watchtower Bible School of Gilead lathweswa iziqu e-Watchtower Educational Center ePatterson, eNew York. Kwaba nesimiso esikhuthaza kakhulu.
UGeoffrey Jackson, oyilungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova, waqala isimiso ngokwamukela ababezothweswa iziqu abangu-56 kanye nezethameli ezingu-6 366 ezivela emhlabeni wonke. Wakhuluma ngeHubo 86:11, elithi: “O Jehova, ngifundise ngendlela yakho. Ngizohamba eqinisweni lakho. Yenza inhliziyo yami ibe nobunye ukuze yesabe igama lakho.” UMfoweth’ uJackson waphawula izinto ezintathu ezigcizelelwa yileli vesi. Wathi: “Emshweni wokuqala, ukufundiswa; kowesibili, ukwenza; kanti kowesithathu, ugqozi. Lezi zinto ezintathu zibalulekile ngokukhethekile kinina zithunywa zevangeli njengoba niya ezabelweni zenu.” Wabe esethula uchungechunge lwezinkulumo nezingxoxo ezagcizelela lezi zinto ezintathu.
Amazwi Esiyalo Akhuthazayo
UWilliam Malenfant, okhonza endlunkulu, wakhuluma ngesihloko esithi “Ukuphila Okungcono Kunakho Konke.” Wakhuluma ngesibonelo sikaMariya, udadewabo kaMarta. Ngelinye ilanga uJesu ebavakashele, uMariya wakhetha ukuhlala ezinyaweni zikaJesu amlalele, futhi wenza lokho kwaba yinto eza kuqala. UJesu watshela uMarta: “UMariya yena ukhethe isabelo esihle, ngeke aphucwe sona.” (Luka 10:38-42) Isikhulumi sabe sesithi: “Cabanga nje, uMariya uyokhumbula njalo ukuthi wahlala ezinyaweni zikaJesu wamlalela futhi wezwa njengoba ayekhuluma ngamaqiniso angokomoya amangalisayo—ngenxa nje yokuthi wakhetha kahle.” Ngemva kokuncoma ababezothweswa iziqu ngokwenza izinqumo ezingokomoya ezinhle, wathi: “Izinqumo zenu ziye zanenza nathola ukuphila okungcono kunakho konke.”
Kwalandela u-Anthony Morris, oyilungu leNdikimba Ebusayo, futhi wakhuluma ngesihloko esisekelwe kweyabaseRoma 13:14, esithi: “Gqokani INkosi UJesu Kristu.” Singakwenza kanjani lokhu? Ukugqoka iNkosi uJesu Kristu kuhlanganisa ukulingisa indlela yeNkosi yokwenza izinto. Ngakho, lokhu kusho ukulingisa isibonelo nesimo sengqondo sikaJesu. Lesi sikhulumi sathi: “UJesu wayenza abantu bakhululeke ngoba wayenesithakazelo esiqotho kubo futhi abantu babekuzwa lokho.” Isikhulumi sabe sesichaza indlela abafundi ababethole ngayo ulwazi oluningi ezifundweni zabo zaseGileyadi “ukuze . . . [bakwazi] ukuqonda . . . ububanzi nobude nokuphakama nokujula” kweqiniso njengoba kusho eyabase-Efesu 3:18. Kodwa sabakhumbuza lokho okushiwo ivesi 19 elinezela, ‘nokwazi uthando lukaKristu oludlula ulwazi.’ UMfoweth’ uMorris wanxusa abafundi: “Njengoba niqhubeka nenza isifundo somuntu siqu, zindlani ngezindlela eningasilingisa ngazo isihawu sikaKristu sothando futhi ngempela ‘nigqoke iNkosi uJesu Kristu.’”
Iseluleko Sokugcina Sabafundisi BaseGileyadi
Inkulumo elandelayo yanikezwa ofundisa eGileyadi, uWallace Liverance, owakhuluma ngesihloko esisekelwe encwadini yezAga 4:7. Wathi nakuba ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kubaluleke kakhulu, kumelwe futhi ‘sizuze ukuqonda,’ okuhilela ukuhlanganisa amaqiniso ahlukahlukene sibone indlela ahlobana ngayo ukuze sithole okushiwoyo. Isikhulumi sabonisa ukuthi ukuzuza ukuqonda kuletha injabulo. Ngokwesibonelo, osukwini lukaNehemiya, amaLevi ‘achaza umthetho’ futhi ‘awenza waqondakala.’ Ngemva kwalokho, abantu “bajabula kakhulu, ngoba babewaqondile amazwi ababaziswe wona.” (Nehemiya 8:7, 8, 12) UMfoweth’ uLiverance waphetha: “Ukuqonda iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe ngomoya kuphumela enjabulweni.”
Inkulumo enesihloko esithi “Ubani Ngempela Oyisitha Senu?” yabekwa uMark Noumair, naye ofundisa eGileyadi. Empini, kuvamile ukuba izikhali zibulale ngengozi amasosha andawonye. UMark wabuza: “Kuthiwani ngempi engokomoya esikuyo? Uma singaqaphile, singase sidideke ukuthi ngubani ngempela oyisitha sethu bese silimazana sodwa.” Umona ungenza abanye badideke. Wenza ukuba iNkosi uSawule izame ukubulala uDavide, owayengumkhulekeli kanye nayo, kuyilapho eqinisweni kwakungamaFilisti ayeyizitha. (1 Samuweli 18:7-9; 23:27, 28) Isikhulumi saqhubeka: “Niyokwenzenjani uma nikhonza nesithunywa sevangeli esenza kahle kakhulu ezintweni eziningi? Ingabe niyolimaza isosha enikanye nalo ngamazwana anokugxeka, noma ingabe niyolamukela iqiniso lokuthi abanye bayonidlula ngezindlela ezihlukahlukene? Ukugxila kakhulu ekungaphelelini kwabanye nakho kungasenza sidideke singaqiniseki ukuthi kahle-hle ngubani isitha. Yilwani nalowo ngempela oyisitha, uSathane.”
Okuhlangenwe Nakho Okujabulisayo Nezingxoxo Ezifundisayo
Inkulumo eyalandela enesihloko esithi, “Yenzani Umsebenzi Womvangeli,” yanikezwa ofundisa eGileyadi, uLawrence Bowen, futhi waxoxa nabathile, kwalandiswa nokuhlangenwe nakho. Isikhulumi sanezela: “Umsebenzi oyinhloko wesithunywa sevangeli esiqeqeshwe eGileyadi ukusakaza izindaba ezinhle, futhi leli kilasi liye lenza kanjalo kunoma iziphi izindawo elalithola kuzo abantu.” Kwalingiswa ngokoqobo okunye kokuhlangenwe nakho okujabulisayo.
Kwalandela izinkulumo ezimbili ezasingathwa uMichael Burnett noScott Shoffner, bobabili abangamalungu omkhaya waseBethel. Baxoxa namalungu amaKomiti Amagatsha avela e-Australia, eBarbados, eKorea nase-Uganda. Okwashiwo yilaba bazalwane kwembula ukuthi kungakanani okwenziwayo ukuze kunakekelwe izidingo zezithunywa zevangeli, kuhlanganise nokuzinikeza izindawo zokuhlala nosizo lwezempilo olwanele. La malungu amakomiti agcizelela ukuthi izithunywa zevangeli eziphumelelayo ziyakujabulela ukuzivumelanisa nezimo zendawo.
Isiphetho Esifaka Ugqozi Nesishukumisayo
Inkulumo eyinhloko esimisweni yayinesihloko esithi “Mesabeni UNkulunkulu Nimnike Inkazimulo,” futhi yanikezwa uJohn E. Barr, osekuyisikhathi eside eyilungu leNdikimba Ebusayo. Wakhuluma ngesAmbulo 14:6, 7, esifundeka kanje: “Ngabona enye ingelosi indiza emkhathini, inezindaba ezinhle zaphakade ukuba izimemezele njengezindaba ezithokozisayo kwabahlala emhlabeni, nakuzo zonke izizwe nezinhlanga nezilimi nabantu, ithi ngezwi elikhulu: ‘Mesabeni uNkulunkulu nimnike inkazimulo, ngoba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile.’”
UMfoweth’ uBarr wanxusa abafundi ukuba bakhumbule izinto ezintathu ngale ngelosi. Okokuqala, kwakudingeka imemezele izindaba ezinhle zaphakade zokuthi manje uKristu uyabusa futhi unegunya eligcwele loMbuso. Isikhulumi sathi: “Siqiniseka ngokuqinile ukuthi wabekwa esihlalweni sobukhosi ngo-1914. Ngakho lezi zindaba ezithokozisayo kumelwe zimenyezelwe emhlabeni wonke.” Okwesibili, ingelosi yathi: “Mesabeni uNkulunkulu.” Isikhulumi sachaza ukuthi abathweswe iziqu kudingeka basize ababafundela iBhayibheli ukuba bamhloniphe ngokujulile uNkulunkulu ukuze bangenzi izinto ezimdumazayo. Okwesithathu, ingelosi yanikeza lo myalo: ‘Nikani uNkulunkulu inkazimulo.’ Abafundi banxuswa: “Ningalokothi nikhohlwe ukuthi sikhonza ukuze sikhazimulise uNkulunkulu, hhayi thina.” Lapho ekhulumela inkulumo ethi “ihora lokwahlulela,” uMfoweth’ uBarr wathi: “Sekusele isikhathi esincane andukuba kukhishwe leso sahlulelo sokugcina. Kunabaningi emasimini ethu okusadingeka bezwe isigijimi sezindaba ezinhle kungakephuzi kakhulu.”
Kwathi kusankeneneza lawo mazwi ezindlebeni zabo, abangu-56 abathweswa iziqu babe sebenikezwa ama-diploma abo futhi bathunyelwa emikhawulweni yomhlaba. Iseluleko esikhuthazayo esakhishwa ngalolo suku olujabulisayo sazithinta ngokujulile izinhliziyo zabathweswa iziqu nezabo bonke ababethamele.
[Ibhokisi ekhasini 17]
IMINININGWANE YEKILASI
Inani lamazwe amelelwe: 6
Inani lamazwe ababelwe kuwo: 25
Inani labafundi: 56
Isilinganiso seminyaka yobudala: 35.1
Isilinganiso seminyaka beseqinisweni: 18.3
Isilinganiso seminyaka besenkonzweni yesikhathi esigcwele: 13.9
[Isithombe ekhasini 18]
Ikilasi Le-121 Elithweswa Iziqu E-Watchtower Bible School of Gilead
Ohlwini olungezansi, imigqa ibalwa kusukela phambili kuya emuva, futhi amagama ahlelwe ukusuka kwesokunxele kuya kwesokudla emgqeni ngamunye.
(1) Fox, Y.; Kunicki, D.; Wilkinson, S.; Kawamoto, S.; Consolandi, G.; Mayen, C. (2) Santiago, N.; Clancy, R.; Fischer, M.; de Abreu, L.; Davis, E. (3) Hwang, J.; Hoffman, D.; Wridgway, L.; Ibrahim, J.; Dabelstein, A.; Bakabak, M. (4) Peters, M.; Jones, C.; Ford, S.; Parra, S.; Rothrock, D.; Tatlot, M.; Perez, E. (5) de Abreu, F.; Kawamoto, S.; Ives, S.; Burdo, J.; Hwang, J.; Wilkinson, D. (6) Fox, A.; Bakabak, J.; Cichowski, P.; Forier, C.; Mayen, S.; Consolandi, E.; Wridgway, W. (7) Parra, B.; Perez, B.; Tatlot, P.; Santiago, M.; Ibrahim, Y.; Kunicki, C. (8) Burdo, C.; Cichowski, B.; Ives, K.; Ford, A.; Rothrock, J.; Hoffman, D.; Davis, M. (9) Peters, C.; Dabelstein, C.; Jones, K.; Clancy, S.; Fischer, J.; Forier, S.