Ukukhuluma Iqiniso—Ingabe Kulindeleke Kwabathile Kuphela?
“NGIYAWAZONDA amanga, ngiyakuzonda nokuthi umuntu akhulume amanga kimi!” Lawo amazwi entombazane ethile eneminyaka engu-16 ubudala. Iningi lethu lizizwa ngendlela efanayo. Siyathanda ukwazi ukuthi ukwaziswa esikunikezwayo—kungakhathaliseki ukuthi ngomlomo noma kubhalwe phansi—kuyiqiniso. Kodwa ingabe thina siyalikhuluma iqiniso lapho sinikeza abanye ukwaziswa?
Kwenye inhlolovo eyenziwa eJalimane, abantu abaningi okwakhulunywa nabo bathi “akunankinga ukuqamba amanga ezintweni ezincane ukuze uzivikele noma uvikele abanye, futhi empeleni kuyadingeka ukuze abantu baphilisane kahle.” Enye intatheli yabhala: “Kuyinto enhle kakhulu ukukhuluma iqiniso ngaso sonke isikhathi noma sekunjani, kodwa nje kuyisicefe.”
Ingabe sifisa abantu bakhulume iqiniso kithi kodwa thina ngezinye izikhathi sibe nomuzwa wokuthi sinesizathu esizwakalayo sokungalikhulumi? Kunendaba yini ngempela ukuthi siyalikhuluma iqiniso noma cha? Iyini imiphumela yokukhuluma amanga?
Umonakalo Odalwa Amanga
Cabanga ngomonakalo ongadalwa amanga. Amanga abangela ukungathembani phakathi kwabantu abashadile namalungu omkhaya. Inhlebo engenasisekelo ingonakalisa idumela lomuntu. Ukungathembeki kwezisebenzi kwenza ukuqhuba ibhizinisi kubize futhi izinto ezithengiswayo zimbe eqolo. Ukuhambisa amafomu entela angelona iqiniso kukhinyabeza ohulumeni bangakwazi ukunikeza umphakathi izinkonzo zawo. Ukwaziswa kwabacwaningi okungamanga kuqeda imisebenzi kulimaze nedumela lezinhlangano ezihlonishwayo. Izinhlelo zomaceba-ngelanga ezingathembekile ziqola abantu imali abayiqongelele ukuphila kwabo konke noma zibalahlekisele nakakhulu ngezinye izindlela. Shono iBhayibheli lisitshela ukuthi “ulimi olunamanga” ‘nofakazi wamanga ophafuza amanga’ kuphakathi kwezinto uJehova uNkulunkulu azizondayo!—IzAga 6:16-19.
Ukuqamba amanga okugcwele kangaka emhlabeni kungalimaza abantu ngabanye kuhlanganise nomphakathi wonkana. Bambalwa abangaliphika lelo qiniso. Pho kungani abantu bekhuluma amanga ngamabomu? Futhi ingabe yonke into engelona iqiniso ingamanga? Esihlokweni esilandelayo sizoxoxa ngezimpendulo zale mibuzo neminye.
[Isithombe ekhasini 3]
Amanga abangela ukungathembani phakathi kwabantu abashadile