Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w07 4/15 k. 3
  • Izwe Lanamuhla Elinonya

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izwe Lanamuhla Elinonya
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani Abantu Bethi UNkulunkulu Unonya?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Ingabe Unya Luyoke luphele?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Ukuthethelela Futhi Ukhohlwe—Ingabe Kungenzeka?
    I-Phaphama!—1998
  • Izenzo—Zonya Liyini Ikhambi LikaNkulunkulu?
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
w07 4/15 k. 3

Izwe Lanamuhla Elinonya

UMARÍA wayeneminyaka engu-64 ubudala futhi wayehlala yedwa. Watholakala eshonile emzini wakhe, eshayiwe futhi eklinywe ngocingo.

Isixuku esasithukuthele sashaya amaphoyisa amathathu sathi athumbe izingane ezimbili. Lesi sixuku sathela amaphoyisa amabili ngophethiloli sawokhela ngomlilo asha angqongqa. Iphoyisa lesithathu lakwazi ukuthi galo yephuka.

Umuntu othile ongaziwa washaya ucingo wabika udaba olushaqisayo. Kwakutholakale izidumbu zamadoda amane ayekade eyizivakashi egqitshwe engadini. Ayevalwe amehlo ngendwangu futhi eboshwe izandla. Lapho izidumbu zala madoda zihlolwa kwatholakala ukuthi ayegcwatshwe ephila.

Lolu nya olungaka aluvezwa nje emidlalweni yamabhayisikobho eyethusayo nenesihluku. Yonke le mibiko iyiqiniso futhi yenzeke muva nje eLatin-America. Lolu nya olungaka lukhona nakwezinye izindawo emhlabeni.

Unya sesilubona mihla namalanga. Amabhomu, ukuhlasela kwamaphekula, ukubulawa, ukuhlukunyezwa, ukudutshulwa nokudlwengulwa kwabantu kuyizenzo nje ezimbalwa ngesilinganiso. Njalo nje, abezindaba bakhipha imibiko ethusayo yonya, futhi abantu abasathuki uma beyibona noma beyizwa.

Ungazibuza kufanele: ‘Kwenzekani ezweni lethu namuhla? Kungani singasenandaba nemizwa yabanye futhi singasakuhloniphi ukuphila?’ Kungani siphila ezweni elinje?

Manje cabanga ngoHarry, indoda eneminyaka engu-69 ubudala eyake yaba nomdlavuza. Umkayo unesifo sokuqina kwezicubu (i-multiple sclerosis), kodwa omakhelwane nabangane bayo bavame ukuza bazosiza. UHarry uthi: “Angazi ukuthi besiyoba yini ukube bonke laba bantu bebengasisizi.” ECanada, lapho ehlala khona, ukuhlola okuthile kwembula ukuthi abantu abangamaphesenti angaphezu kwangu-50 abanakekela asebekhulile basiza abantu abangahlobene nokuhlobana nabo. Akungabazeki ukuthi nawe wazi abantu abathile abavamile nje ababonisa umusa nobungane nsuku zonke. Yebo, abantu bangakwazi ukubonisa uzwela nomusa kunokuba nonya.

Pho kungani kunonya olungaka? Yini eyenza abantu benze izenzo zonya? Ingabe abantu abaphatha abanye ngonya bangashintsha? Ingabe unya luyoke luphele? Uma luzophela, luzophela kanjani futhi nini?

[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]

Train: CORDON PRESS

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela