Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w07 4/15 kk. 4-7
  • Ingabe Unya Luyoke luphele?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Unya Luyoke luphele?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ubani Ngempela Oyimbangela Yonya?
  • Abantu Bangashintsha—Kanjani?
  • Ukuphela Kwalo Lonke Unya Kuseduze
  • Kungani Abantu Bethi UNkulunkulu Unonya?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Izwe Lanamuhla Elinonya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Ukuvinjelwa Konya Kubantwana, 1882
    I-Phaphama!—1992
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
w07 4/15 kk. 4-7

Ingabe Unya Luyoke luphele?

ABANINGI bangavuma ngaphandle kokunanaza ukuthi ubugovu buyimbangela eyinhloko yonya ezweni namuhla. Imbewu eyatshalwa isizukulwane esinobugovu eminyakeni eminingi edlule iye yakhiqiza umphakathi wabantu abazikhathalela bona ngokuyinhloko. Abaningi bangenza noma yini ukuze bathole abakufunayo, futhi lokho kuvame ukuholela ezenzweni zonya. Lokhu akwenziwa abantu abambalwa nje kuphela, kodwa kwenziwa yizo zonke izizwe.

Kubonakala sengathi ukuphila kwabantu akusabalulekile kangako. Abanye abantu baze bakujabulele ukuba nonya. Kuyabakitaza, kuhle kwezigilamkhuba ezivumayo ukuthi zilimaza abanye abantu ukuze nje zithole injabulo ethile kukho. Kuthiwani ngezigidi zabantu ezithanda amafilimu anobudlova nonya? Ukuthanda kwazo la mafilimu kwenza abenzi bawo bagaye imali eshisiwe ngawo. Lapho abantu abaningi bebuka njalo izenzo zonya eziyingcaca emafilimini nasezindabeni kwenza bangabe besazwela.

Unya luvame ukulimaza abantu ngokwengqondo lubenze ukuba nabo babe nonya uma babeke baphathwa ngonya. Ekhuluma ngobudlova obuwumphumela wonya, uNoemí Díaz Marroquín, ofundisa e-National Autonomous University of Mexico, uthi: “Ubudlova buyafundwa, buyingxenye yesiko lethu . . . Sifunda ubudlova uma indawo esihlala kuyo ibuvumela futhi ibukhuthaza.” Ngakho, abantu abake bahlukunyezwa nabo bangase bahlukumeze abanye, mhlawumbe ngendlela nabo abahlukunyezwa ngayo.

Kwezinye izimo, abantu abasebenzisa kabi izinto ezinjengotshwala nezidakamizwa bangase bagcine sebenonya. Abanye abantu abangase babe nonya yilabo abadunyazwe uhulumeni ngokungafezi izidingo zabo. Abanye bafuna ukwenza imibono yabo yaziwe nakanjani, ngakho baba nonya futhi benze izenzo zobuphekula, kulimale nabantu abangenacala.

Nokho, ungase uzibuze: ‘Ingabe abantu bázifundela bona ukuba nonya? Yini ebangela isimo esikhona namuhla?’

Ubani Ngempela Oyimbangela Yonya?

IBhayibheli lisitshela ukuthi uSathane uDeveli unethonya elinamandla kuleli zwe, futhi limbiza ngokuthi “unkulunkulu walesi simiso sezinto.” (2 Korinte 4:4) Unobugovu nonya olukhulu ukudlula noma ubani endaweni yonke. UJesu wamchaza kahle lapho ethi ‘ungumbulali wabantu’ “noyise wamanga.”—Johane 8:44.

Isintu besilokhu singaphansi kwethonya likaSathane elinamandla selokhu u-Adamu no-Eva baba amahlongandlebe. (Genesise 3:1-7, 16-19) Ngemva kweminyaka engaba ngu-1 500 umbhangqwana wokuqala uhlubuke uJehova, izingelosi ezivukelayo zagqoka imizimba yabantu, zalala nabesifazane futhi zazala inzalo eyingxube ebizwa ngokuthi amaNefili. Ayenjani la maNefili? Igama lawo liyazisho. Lisho ukuthi “aBawisi,” noma “labo abawisa abanye.” Kusobala ukuthi la maNefili ayenobudlova futhi agcwalisa unya nokuziphatha okubi okwakungaqedwa kuphela uZamcolo ovela kuNkulunkulu. (Genesise 6:4, 5, 17) Nakuba uZamcolo wawaqeda nya amaNefili, oyise babuyela endaweni yomoya baba amademoni angabonakali.—1 Petru 3:19, 20.

Unya lwezingelosi ezahlubuka lubonakala ngokucacile endabeni yomfana owayekhwelwe idemoni ngesikhathi sikaJesu. Idemoni lalibangela lo mfana ukuba adlikizeke kaningi, limphonse emlilweni nasemanzini lizama ukumbulala. (Marku 9:17-22) Ngokusobala, leli “bandla lomoya ababi” alinazwela futhi linonya njengomholi walo, uSathane uDeveli.—Efesu 6:12.

Nanamuhla amademoni asathonya abantu ukuba babe nonya, njengoba iBhayibheli labikezela: “Ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo. Ngoba abantu bayokuba abazithandayo, . . . abazazisayo, abazidlayo, . . . abangabongiyo, abangathembeki, abangenalo uthando, abangafuni sivumelwano, abanyundeli, abangenakho ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando lokuhle, abakhapheli, abanenkani, abakhukhumele, abathandi benjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu, abanesimo sokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kodwa bewaphika amandla ako.”—2 Thimothewu 3:1-5.

Iziprofetho zeBhayibheli zembula ukuthi izikhathi esiphila kuzo zibucayi ngokukhethekile ngoba uSathane noquqaba lwakhe lwamademoni baxoshwa ezulwini ngo-1914 ngemva kokumiswa koMbuso kaNkulunkulu ophethwe uKristu Jesu. IBhayibheli lithi: “Mayé ngomhlaba nangolwandle, ngoba uDeveli wehlele kini, ethukuthele kakhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane.”—IsAmbulo 12:5-9, 12.

Ingabe lokhu kusho ukuthi kuyohlala konakele kanje? UDíaz Marroquín, oke wacashunwa ngaphambili, uthi “abantu bangakwazi ukuyeka” imikhuba engathandeki. Nokho, njengoba ithonya likaSathane lilikhulu kangaka namuhla, akulula ngabantu ukuyiyeka, ngaphandle kokuba bavumele elinye ithonya elihlukile futhi eliphakeme ukuba lilungise indlela yabo yokucabanga nokwenza. Yiliphi lelo thonya?

Abantu Bangashintsha—Kanjani?

Kuyajabulisa ukuthi umoya ongcwele kaNkulunkulu uyithonya elinamandla kakhulu kunawo wonke, futhi ungahlula noma iliphi ithonya lamademoni. Ithonya lomoya ongcwele likhuthaza uthando nenhlalakahle yabantu. Ukuze babe nomoya kaNkulunkulu, bonke abantu abafuna ukujabulisa uJehova kumelwe bagweme ngisho nezenzo ezicishe zifane nonya. Lokhu kusho ukushintsha ubuntu buvunyelaniswe nentando kaNkulunkulu. Iyini leyo ntando? Iwukuba silingise indlela kaNkulunkulu ngawo wonke amandla ethu. Lokhu kuhilela ukubheka abanye ngendlela uNkulunkulu ababheka ngayo.—Efesu 5:1, 2; Kolose 3:7-10.

Ukufunda indlela uNkulunkulu asingatha ngayo izinto kuzokukholisa futhi ubone ukuthi selokhu kwathi nhlo uJehova uyabakhathalela abanye. Akakaze abonise ukungabi nabulungisa kubantu, ngisho nasesilwaneni imbala.a (Duteronomi 22:10; IHubo 36:7; IzAga 12:10) Uyaluzonda unya nabo bonke abanalo. (IzAga 3:31, 32) Ubuntu obusha uJehova afuna amaKristu abuhlakulele buwasiza ukuba abheke abanye njengabakhulu kunawo futhi abahloniphe. (Filipi 2:2-4) Lobo buntu obusha bobuKristu buhlanganisa “uthando lomzwelo, umusa, ukuthobeka, ubumnene, nokubekezela.” Nothando lubalulekile “ngoba luyisibopho esiphelele sobunye.” (Kolose 3:12-14) Awuvumi yini ukuthi umhlaba ubuyoba indawo enhle ukube abantu bebezibonisa ngokuphelele lezi zimfanelo?

Nokho, ungase uzibuze ukuthi kungenzeka ngempela yini ukuthi umuntu ashintshe unomphela. Ake ucabange ngalesi sibonelo esingokoqobo. UMartínb wayevame ukuthethisa umkakhe phambi kwezingane futhi emshaya kakhulu. Ngelinye ilanga isimo sashuba kakhulu kangangokuthi kwadingeka ukuba izingane zigijime ziyofuna usizo komakhelwane. Ngemva kweminyaka eminingi, lo mkhaya waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. UMartín wafunda ukuthi kufanele abe umuntu onjani nokuthi kufanele abaphathe kanjani abanye. Wakwazi yini ukushintsha? Umkakhe uyaphendula: “Umyeni wami wayeba ngomunye umuntu uma ecasukile. Leyo nto yenza ukuphila kwethu kwakhungathekisa iminyaka ngeminyaka. Angazi ngingambonga ngithini uJehova ngokusiza uMartín ukuba ashintshe. Manje usengubaba omuhle nomyeni omangalisayo.”

Lena enye yezindaba eziningi. Emhlabeni jikelele, izigidi eziye zatadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova ziye zaluyeka unya. Yebo, abantu bangashintsha.

Ukuphela Kwalo Lonke Unya Kuseduze

Maduze, uMbuso kaNkulunkulu—uhulumeni osumisiwe emazulwini futhi osezandleni zoMbusi onozwela, uKristu Jesu—uyobusa futhi ulawule wonke umhlaba. Lo hulumeni usuwahlanzile kakade amazulu ngokuxosha amademoni noSathane, oyimbangela yalo lonke unya. Maduze nje, uMbuso kaNkulunkulu uzofeza zonke izidingo zabantu abathanda ukuthula abahlala emhlabeni. (IHubo 37:10, 11; Isaya 11:2-5) Yileli khambi kuphela eliyoxazulula izinkinga zomhlaba. Kodwa kumelwe wenzenjani uma uba yisisulu sonya njengoba nje usalindele lo Mbuso?

Ukuba nonya ngeke kusize. Lokho kuyomane nje kulubhebhethekise. IBhayibheli lisicela ukuba sithembele kuJehova ngoba ngesikhathi sakhe esifanele ‘uyonika yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe, ngokwezithelo zezenzo zakhe.’ (Jeremiya 17:10) (Bheka ibhokisi elikulesi sihloko, elithi, “Ongakwenza Lapho Uphathwa Ngonya.”) Yiqiniso, ungase ulimale ngenxa yobugebengu obunonya. (UmShumayeli 9:11) Kodwa uNkulunkulu angaqeda noma yini ebangelwe unya, ngisho nokufa imbala. Uthembisa ukuthi labo abasenkumbulweni yakhe abaye bafa ngenxa yezenzo zonya uyobabuyisela ekuphileni.—Johane 5:28, 29.

Nakuba esekhona amathuba okuphathwa ngonya, kungasiduduza ukuthi sinobuhlobo obuseduze noNkulunkulu nokuthi sinokholo oluqinile ezithembisweni zakhe. Cabanga ngoSara owakhulisa amadodana akhe amabili ngaphandle kosizo lomyeni wakhe futhi waqiniseka ukuthi athola imfundo enhle. Lapho esekhulile, amadodana akhe amshiya, angamnakekela ngezidingo zenyama futhi angamnaka lapho esegula. Nokho, uSara osengumKristu manje uthi: “Nakuba kungizwisa ubuhlungu lokhu, uJehova akazange angishiye. Ungisekela ngokusebenzisa abafowethu nodadewethu abangokomoya abahlale benginakekela. Ngikholelwa ngokuqinile ukuthi maduze uzozixazulula zonke izinkinga zami, kuhlanganise nezabo bonke abathembela emandleni akhe nabenza akushoyo.”

Obani laba bantu uSara ababiza ngokuthi bangabafowabo nodadewabo abangokomoya? Abangane bakhe abangamaKristu, abangoFakazi BakaJehova. Bakha ubuzalwane bomhlaba wonke. Banozwela futhi bayaqiniseka ukuthi unya luzophela maduze. (1 Petru 2:17) USathane uDeveli, okunguyena ngokuyinhloko obangela unya, kuhlanganise nalabo abamlingisayo, bayobhujiswa bonke. “Inkathi yonya,” njengoba omunye umbhali eyibiza kanjalo, iyodlula. Ake uzinike isikhathi ufunde ngaleli themba ngokuthintana nomunye woFakazi BakaJehova.

[Imibhalo yaphansi]

a Ukuze uthole imininingwane eningiliziwe ngezimfanelo nobuntu bukaNkulunkulu, bheka incwadi ethi Sondela KuJehova, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

b Amanye amagama ashintshiwe.

[Ibhokisi ekhasini 6]

Ongakwenza Lapho Uphathwa Ngonya

IZwi likaNkulunkulu linezeluleko ezisebenzayo zendlela yokubhekana nonya. Ake ucabange ngendlela ongawasebenzisa ngayo amazwi alandelayo anokuhlakanipha:

“Ungasho ukuthi: ‘Ngizobuyisela ngokubi!’ Thembela kuJehova, uyokusindisa.”—IzAga 20:22.

“Uma ubona noma yikuphi ukucindezelwa komuntu onokuncane nokususwa ngobudlova kokwahlulela nokokulunga . . . , ungamangali ngale ndaba, ngoba ophakeme kunalowo ophakeme ubhekile.”—UmShumayeli 5:8.

“Bayajabula abanomoya omnene, ngoba bayokudla ifa lomhlaba.”—Mathewu 5:5.

“Ngakho-ke, zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.”—Mathewu 7:12.

“Ningabuyiseli muntu okubi ngokubi. Yenzani izinto ezinhle emehlweni abo bonke abantu. Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke. Ningaziphindiseleli, bathandekayo, kodwa qhelelani ulaka; ngoba kulotshiwe ukuthi: ‘Impindiselo ingeyami; ngizobuyisela mina, kusho uJehova.’”—Roma 12:17-19.

“Ngisho noKristu wahlupheka ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele izinyathelo zakhe eduze. . . . Lapho ethukwa, akaphindiselanga ngokuthuka. Lapho ehlupheka, akasongelanga, kodwa waqhubeka ezibeka kulowo owahlulela ngokulunga”—1 Petru 2:21-23.

[Izithombe ekhasini 7]

UJehova usefundise abaningi ukuba bayeke unya

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela