Ukusuka—Emqulwini Kuya Kuyi-Codex—Indlela IBhayibheli Elaba Ngayo Incwadi
PHAKATHI namakhulu eminyaka abantu baye bagcina ukwaziswa ngezindlela eziningi. Endulo, ababhali babebhala ematsheni esikhumbuzo, ezibhebheni zamatshe noma zokhuni, esikhumbeni nakwezinye izinto. Ngekhulu lokuqala, eMpumalanga Ephakathi, ukusebenzisa umqulu kwase kuyindlela eyamukelekayo nejwayelekile. Kwabe sekulandela i-codex, eyagcina isisetshenziswa esikhundleni somqulu futhi yaba iyona ndlela yokugcina imibhalo emhlabeni wonke. Yaba negalelo elikhulu nasekusakazweni kweBhayibheli. Yayiyini i-codex, futhi yaba khona kanjani?
I-codex yayiyincwadi eyayisetshenziswa kudala ecishe ifane neyanamuhla. Yayinamakhasi ayegoqwa bese ehlanganiswa emgogodleni. La makhasi ayebhalwe nhlangothi zombili futhi evikelwe yisembozo. I-codex yakudala yayingafani kangako nezincwadi zanamuhla, kodwa njengezinye izinto eziningi eziqanjwayo, yayilokhu ishintshashintshwa, ilungiswe kuye ngezidingo nangokuthi ababeyisebenzisa babethanda ibe njani.
Ukhuni, Ingcina Nesikhumba
Ekuqaleni, ama-codex ayenziwa ngezibhebhe zokhuni ezihuqwe ngengcina. Izibhebhe ezibhaliwe ezihuqwe ngengcina, ezihlanganiswe engxenyeni ende yazo, zatholakala eHerculaneum, idolobha elabhubha kanye nePompeii lapho kuqhuma iNtaba iVesuvius ngo-79 C.E. Ngokuhamba kwesikhathi kwasetshenziswa amakhasi agoqekayo esikhundleni sezibhebhe eziqinile. NgesiLatin, la ma-codex, noma izincwadi, ayebizwa ngokuthi ama-membranae, noma izikhumba, ngenxa yokuthi ngokuvamile amakhasi ayenziwa ngesikhumba.
Amanye ama-codex akhona namanje énziwa nge-papyrus. Ama-codex obuKristu amadala kakhulu aziwayo, ayelondolozwe ezindaweni ezithile zaseGibhithe ezomile, énziwa nge-papyrus.a
Umqulu Noma I-Codex?
Kubonakala sengathi amaKristu ayesebenzisa umqulu ngokuyinhloko, okungenani kwaze kwaba ngasekupheleni kwekhulu lokuqala C.E. Ngasekupheleni kwekhulu lokuqala kuya kwelesithathu C.E. kwakukhona ababethanda i-codex nababethanda umqulu. Ababesadla ngoludala futhi bejwayele ukusebenzisa umqulu baba manqikanqika ukuyeka izinkambiso namasiko abase bewajwayele. Nokho, cabanga ngalokho okwakuhilelekile ekufundeni umqulu. Ngokuvamile umqulu wawuba nenani elinqunyiwe lamakhasi e-papyrus noma esikhumba. La makhasi ayehlanganiswa ngengcina abe ikhasi elilodwa elide elalibe seligoqwa. Umbhalo wawuhlelwa ngezinhlu ebusweni bomqulu. Ukuze umuntu akwazi ukuwufunda kwakufanele awusombulule ukuze athole indawo afuna ukuyifunda. Ngemva kokuwufunda, wayewugoqa futhi. (Luka 4:16-20) Ngokuvamile incwadi eyodwa yayiba imiqulu engaphezu kowodwa, futhi lokho kwakwenza kube nzima ukuwusebenzisa. Nakuba kubonakala sengathi amaKristu angekhulu lesibili kuya phambili ayekhetha ukusebenzisa i-codex lapho ekopisha imiBhalo, imiqulu yaqhubeka isetshenziswa amakhulu ngamakhulu eminyaka. Noma kunjalo, izazi zikholelwa ukuthi ukusebenzisa kwamaKristu i-codex kwaba negalelo elikhulu ekuthandweni kwayo abantu abaningi.
Busobala ubuhle be-codex—kwakubhalwa okuningi kuyo, ifundeka kalula futhi kulula ukuyiphatha. Nakuba abathile basheshe babubona lobu buhle bayo, abaningi kwabathatha isikhathi ukuyeka ukusebenzisa umqulu. Nokho, phakathi namakhulu amaningana eminyaka, izici ezihlukahlukene zenza ukuba kancane kancane kuthandeke i-codex.
Uma iqhathaniswa nomqulu, i-codex yayonga kakhulu. Kwakubhalwa ezinhlangothini zombili zekhasi futhi izincwadi eziningana zazingase zihlanganiswe zenze incwadi eyodwa enkulu. Ngokusho kwabanye, isici esasenza i-codex ithandwe amaKristu nabanye abantu abafundile njengabameli ukuthi kwakulula ukuthola indawo ofuna ukuyifunda. KumaKristu, imibhalo ebhalwe ngamagama amancane—noma uhlu nje lwezingcaphuno zeBhayibheli—yayiwusizo olukhulu emsebenzini wawo wokushumayela. Ngaphezu kwalokho, i-codex yayinesembozo. Ngokuvamile lesi sembozo sasenziwa ngokhuni okwakwenza i-codex ingasheshi ukuguga njengomqulu.
Ama-codex ayewusizo futhi nalapho umuntu efuna ukuzifundela nje. Ngasekupheleni kwekhulu lesithathu leminyaka, abantu ababethi bangamaKristu base benezincwajana zamaVangeli zesikhumba. Kusukela ngaleso sikhathi, kuye kwanyatheliswa izigidi ngezigidi zamakhophi eBhayibheli eliphelele noma eliyingxenye ohlobo lwe-codex.
Namuhla, sekunezindlela eziningi ezisheshayo futhi ezilula ezingasetshenziswa ukuze abantu bathole ukuhlakanipha kukaNkulunkulu okuseBhayibhelini. Kungatholakala kubhalwe ephepheni, kuma-computer, emakhasethini nakuma-CD. Kungakhathaliseki ukuthi ukhetha ukufunda iBhayibheli ngayiphi indlela, hlakulela uthando ngeZwi likaNkulunkulu, futhi ukwenze nsuku zonke lokhu.—IHubo 119:97, 167.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka isihloko esithi “The Early Christian Codex,” kuyi-Nqabayokulinda yesiNgisi ka-August 15, 1962, amakhasi 501-5.
[Izithombe ekhasini 15]
I-“codex” yaba negalelo elikhulu ekusakazweni kweBhayibheli