Liyini Ikhambi Lokubandlululana Kwezizwe?
ESPAIN unompempe umisa umdlalo webhola. Ngani? Ngoba izibukeli eziningi zichapha umdlali waseCameroon aze asongele ngokuthi uzophuma enkundleni. ERussia sekuvamile ukuba kuhlaselwe ngonya abantu abavela e-Afrika, e-Asia naseLatin America; phakathi no-2004 ukuhlaselwa ngenxa yobuhlanga kuleyo ndawo kwanda ngamaphesenti angu-55 kwafinyelela ezehlakalweni ezingu-394 ngo-2005. EBrithani ingxenye yesithathu yabantu abansundu nabase-Asia ababa nengxenye kuyinhlolo-vo ikholelwa ukuthi yaxoshwa emsebenzini ngenxa yobandlululo. Lezi zibonelo zibonisa okwenzeka emhlabeni wonke.
Ubandlululo luboniswa ngamazinga ahlukahlukene—kusukela emazwini ahlabayo noma inhlamba kuya emizamweni yezwe elithile yokuqothula isizwe esithile. Yini ebangela ubandlululo? Singenzenjani ukuze singabi nalo? Ingabe kunengqondo ukuba nethemba lokuthi ngolunye usuku bonke abantu bayohlala ndawonye ngokuthula? IBhayibheli linikeza izimpendulo ezithakazelisayo kule ndaba.
Ingcindezelo Nenzondo
IBhayibheli lithi: “Ukuthambekela kwenhliziyo yomuntu kubi kusukela ebusheni bakhe kuqhubeke.” (Genesise 8:21) Ngakho, abanye bajatshuliswa ukucindezela abanye. IBhayibheli liqhubeka lithi: “Bheka! izinyembezi zabacindezelwayo, kodwa babengenamduduzi; futhi ohlangothini lwabacindezeli babo kwakukhona amandla.”—UmShumayeli 4:1.
IBhayibheli libonisa nokuthi ukuzondana kwezizwe kuyinto endala. Ngokwesibonelo, ngekhulu le-18 ngaphambi kweNkathi yethu Evamile, uFaro waseGibhithe wabiza uJakobe ongumHebheru nomkhaya wakhe omkhulu ukuba bazohlala eGibhithe. Nokho, kamuva omunye uFaro wazizwa elesaba leli qembu elikhulu lezifiki. Ngenxa yalokho, umlando uthi: ‘Wathi kubantu bakhe: “Bhekani! Abantu babantwana bakwa-Israyeli baningi kunathi futhi banamandla kunathi. Wozani! Masisebenzelane nabo ngokuhlakanipha, funa bande.” Ngakho babeka phezu kwabo izinduna zomsebenzi ophoqelelwe ngenjongo yokubacindezela ekuthwaleni kwabo imithwalo esindayo.’ (Eksodusi 1:9-11) AbaseGibhithe baze bayala nokuba kubulawe zonke izinsana zesilisa eziyisizukulwane sikaJakobe.—Eksodusi 1:15, 16.
Lubangelwa Yini?
Izinkolo zomhlaba azisizanga nakancane ekumelaneni nobandlululo. Nakuba kuyiqiniso ukuthi abanye abantu baye bamelana nengcindezelo ngesibindi, ngokuvamile inkolo iye yachema nabacindezeli. Yilokho okwenzeka e-United States lapho umthetho wawugunyaza ukuba abantu abansundu bacindezelwe futhi babulawe ngokungafanele. Imithetho eyayenqabela ukushada nezinye izizwe yaze yaqedwa ngo-1967. Kwenzeka okufanayo naseNingizimu Afrika kusabusa uhulumeni wobandlululo, lapho idlanzana lalivikela izikhundla zalo ngemithetho eyayihlanganisa ukwenqabela ukuganana kwezizwe ezithile. Kulezi zimo, abanye kulezo zizwe ezazikhuthaza ubandlululo babengabantu abasontayo.
Nokho, iBhayibheli lembula isizathu esikhulu sobandlululo. Lichaza isizathu esenza ezinye izizwe zicindezele ezinye. Lithi: “Lowo ongenalo uthando akamazi uNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu uluthando. Uma umuntu ethi: ‘Ngiyamthanda uNkulunkulu,’ kodwa abe ezonda umfowabo, ungumqambimanga. Ngoba ongamthandi umfowabo, ambonileyo, akunakwenzeka ukuthi uyamthanda uNkulunkulu, angambonanga.” (1 Johane 4:8, 20) La mazwi embula umsuka wobandlululo. Abantu banobandlululo—kungakhathaliseki ukuthi bathi bayakholwa noma cha—ngoba abamazi uNkulunkulu noma abamthandi.
Ulwazi NgoNkulunkulu Lwenza Izizwe Zizwane
Ukwazi uNkulunkulu nokumthanda kuzenza kanjani izizwe zibe nokuzwana? Yiluphi ulwazi olwembulwa iZwi likaNkulunkulu olwenza abantu ukuba bangabalimazi abanye ababonakala bengafani nabo? IBhayibheli lembula ukuthi uJehova unguYise wabo bonke abantu. Lithi: “Empeleni kithi kukhona uNkulunkulu oyedwa uBaba, okuvela kuye zonke izinto.” (1 Korinte 8:6) Ngaphezu kwalokho, lithi: “Ngomuntu oyedwa wenza zonke izizwe zabantu.” (IzEnzo 17:26) Ngakho, empeleni bonke abantu bangabandawonye.
Zonke izizwe zingaziqhenya ngokuthi uNkulunkulu uzinike ukuphila, kodwa zonke zinento ezingayijabuleli ngokhokho wazo. Umlobi weBhayibheli uPawulu waphawula: “Ngomuntu oyedwa isono sangena ezweni.” Ngakho, “bonke bonile futhi bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu.” (Roma 3:23; 5:12) UJehova unguNkulunkulu othanda izinto ezihlukahlukene—azikho izidalwa ezimbili ezifana ncimishi. Kodwa akazange anike isizwe esithile isizathu sokuba sizizwe siphakeme kunezinye. Umuzwa owandile wokuthi isizwe sakini singcono kunezinye uyangqubuzana namaqiniso asemiBhalweni. Kusobala ukuthi ulwazi esiluthola kuNkulunkulu lukhuthaza izizwe ukuba zizwane.
Ukukhathalela KukaNkulunkulu Zonke izizwe
Abanye baye bazibuza ukuthi uNkulunkulu wayengakhuthazi yini ubandlululo ngokuthanda ama-Israyeli nangokuwafundisa ukuba azihlukanise nezinye izizwe. (Eksodusi 34:12) Ngesinye isikhathi, uNkulunkulu wakhetha isizwe sakwa-Israyeli ukuba sibe impahla yakhe ekhethekile ngenxa yokholo oluvelele lukakhokho waso u-Abrahama. UNkulunkulu wambusa ngokwakhe u-Israyeli wasendulo, ekhetha amakhosi futhi ewanikeza nemithetho. Ngesikhathi u-Israyeli ezithoba kuleli lungiselelo, ezinye izizwe zaziyibona imiphumela yokubuswa uNkulunkulu engafani neyokubuswa abantu kwezinye izindawo. Ngaleso sikhathi uJehova wafundisa u-Israyeli ngesidingo somhlatshelo ukuze isintu sibuye sibe nobuhlobo obuhle naye. Ngakho ukusebenzelana kukaJehova no-Israyeli kwazuzisa zonke izizwe. Lokho kwakuvumelana nalokho ayekushó ku-Abrahama: “Ngenzalo yakho zonke izizwe zomhlaba ngokuqinisekile ziyobusiswa ngenxa yokuthi ulalelé izwi lami.”—Genesise 22:18.
Ngaphezu kwalokho, amaJuda aba nelungelo lokuphathiswa amazwi angcwele kaNkulunkulu nokuba yisizwe uMesiya ayeyozalelwa kuso. Kodwa nalokhu kwenzelwa ukuba kuzuze zonke izizwe. ImiBhalo yesiHebheru eyanikwa amaJuda iqukethe incazelo eduduzayo yesikhathi lapho zonke izizwe ziyothola khona izibusiso ezinkulu: “Izizwe eziningi ziyohamba zithi: ‘Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe; uzosifundisa izindlela zakhe’ . . . Ngeke ziphakamise inkemba, isizwe simelane nesizwe, futhi ngeke zisayifunda impi. Bayohlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe, ngeke kube khona obenza bathuthumele.”—Mika 4:2-4.
Nakuba uJesu Kristu ngokwakhe ashumayela kumaJuda, wabuye wathi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke.” (Mathewu 24:14) Asikho isizwe esingeke sizizwe izindaba ezinhle. Ngakho uJehova usibekela isibonelo esiphelele sokusebenzelana nazo zonke izizwe ngokungakhethi. “UNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.”—IzEnzo 10:34, 35.
Imithetho uNkulunkulu ayinika isizwe sakwa-Israyeli wasendulo yembula nokuthi uyazikhathalela zonke izizwe. Phawula ukuthi uMthetho wawufuna okungaphezu kokubekezelela abangewona ama-Israyeli ababehlala ezweni, lapho uthi: “Umfokazi ogogobele kini kufanele abe njengowokuzalwa kini; kumelwe umthande njengoba uzithanda wena, ngoba naba abafokazi ezweni laseGibhithe.” (Levitikusi 19:34) Imithetho kaNkulunkulu eminingi yafundisa ama-Israyeli ukuba abe nomusa kubantu abayizifiki. Ngakho uBhowazi, ukhokho kaJesu, wayenza ngokuvumelana nalokho ayekufunde kuNkulunkulu lapho ebona owesifazane oswele wakwelinye izwe ekhothoza wabe eseqinisekisa ukuthi abavuni bakhe bamshiyela okusanhlamvu okuningi.—Ruthe 2:1, 10, 16.
UJesu Ufundisa Umusa
UJesu wembula ulwazi ngoNkulunkulu ngaphezu kwanoma imuphi omunye umuntu. Wabonisa abalandeli bakhe indlela yokuba nomusa kubantu bezinye izizwe. Wake waqala ingxoxo nowesifazane ongumSamariya. AmaSamariya ayeyisizwe esasidelelwa amaJuda amaningi, ngakho lona wesifazane wamangala. Phakathi nale ngxoxo, uJesu wamsiza ngomusa lona wesifazane ukuba aqonde indlela ayengathola ngayo ukuphila okuphakade.—Johane 4:7-14.
UJesu wasifundisa nendlela yokuphatha abantu bezinye izizwe lapho enza umfanekiso womSamariya owaba umakhelwane omuhle. Le ndoda yazithela kumJuda owayelimele kakhulu owayehlaselwe abaphangi. Kwakungase kube lula ngomSamariya ukuthi: ‘Kungani kufanele ngisize umJuda? Ingani amaJuda ayabadelela abantu bakithi.’ Kodwa uJesu waveza lo mSamariya njengonombono ohlukile ngabantu bezinye izizwe. Ngisho noma abanye ababedlula ngaleyo ndlela bengayisizanga le ndoda elimele, lo mSamariya “waba nesihawu” futhi wayisiza kakhulu. UJesu waphetha lo mfanekiso ngokuthi wonke umuntu ofisa ukuthola umusa kaNkulunkulu kufanele enze okufanayo.—Luka 10:30-37.
Umphostoli uPawulu wafundisa labo abafuna ukujabulisa uNkulunkulu ukuba bashintshe ubuntu babo futhi baphathe abanye abantu ngendlela uNkulunkulu abaphatha ngayo. UPawulu wabhala: “Hlubulani ubuntu obudala nemikhuba yabo, nigqoke ubuntu obusha, obenziwa bube busha ngolwazi olunembile ngokomfanekiso waLowo owabudala, lapho kungekho khona umGreki noma umJuda, ukusoka noma ukungasoki, owezizwe, umSkithe . . . Kodwa, ngaphezu kwazo zonke lezi zinto, gqokani uthando, ngoba luyisibopho esiphelele sobunye.”—Kolose 3:9-14.
Ingabe Ulwazi NgoNkulunkulu Luyabashintsha Abantu?
Ingabe ukwazi uJehova uNkulunkulu kuyishintsha ngempela indlela abantu abasebenzelana ngayo nezinye izizwe? Cabanga ngalokho okwenzeka kumuntu wase-Asia owayehlala eCanada owadumala lapho ebandlululwa kuleyo ndawo. Wahlangana noFakazi BakaJehova, futhi baqala ukumfundela iBhayibheli. Kamuva wababhalela incwadi yokubonga, eyayithi: ‘Ningiphathe kahle kakhulu futhi ningabelungu abanomusa. Lapho ngibona ukuthi nihluke ngempela kwabanye abelungu, ngazibuza ukuthi kungani. Ngacabanga ngokujulile futhi ngaphetha ngokuthi ningoFakazi BakaNkulunkulu. Kumelwe ukuba indaba iseBhayibhelini. Emihlanganweni yenu ngabona izixuku zabamhlophe, abamnyama, abebala nabaphuzi abanezinhliziyo ezifanayo, empeleni ezingaboni bala ngoba abandawonye. Manje sengiyazi ukuthi benziwe ubani ukuba babe nje. UNkulunkulu wenu.’
IZwi likaNkulunkulu libikezela isikhathi lapho “umhlaba ngokuqinisekile uyogcwala ulwazi ngoJehova.” (Isaya 11:9) Ngisho kwamanje, njengoba kwasho isiprofetho seBhayibheli, isixuku esikhulu esibalelwa ezigidini ‘esiphuma kuzo zonke izizwe nezinhlanga nabantu nezilimi’ siba nobunye ekukhulekeleni kweqiniso. (IsAmbulo 7:9) Lesi sixuku silindele ukubona kuba khona uthando esikhundleni senzondo kubo bonke abantu maduze abazogcwalisa injongo uJehova ayisho ku-Abrahama: “Yonke imindeni yomhlaba iyobusiswa.”—IzEnzo 3:25.
[Isithombe ekhasini 4, 5]
UMthetho kaNkulunkulu wafundisa ama-Israyeli ukuba athande abafokazi
[Isithombe ekhasini 5]
Yini esingayifunda emzekelisweni womSamariya othanda umakhelwane wakhe?
[Izithombe ekhasini 6]
Asikho isizwe uNkulunkulu asinikeze isizathu sokuba sizizwe siphakeme kunezinye