Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w07 7/1 kk. 7-10
  • “Sihlukaniswe Ulimi Kodwa Uthando Lusenza Sibe Munye”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Sihlukaniswe Ulimi Kodwa Uthando Lusenza Sibe Munye”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukwenza Amalungiselelo
  • Izimemo
  • Isimiso Esingokomoya Esakhayo
  • Ubuzalwane Bangempela Bomhlaba Wonke
  • Amazwi Abonisa Ukwazisa
  • Okwashiwo Ababebukele
  • Abaningi Sebekhululiwe Kakade!
  • Imihlangano Emikhulu Ubufakazi Bobuzalwane Bethu
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • Bamangala Ngalokho Abakubona
    I-Phaphama!—1991
  • UMhlangano Wokuqala Wezizwe Zonke WoFakazi BakaJehova ERussia
    I-Phaphama!—1992
  • Imibiko Evelele Yonyaka Odlule
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1999
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
w07 7/1 kk. 7-10

“Sihlukaniswe Ulimi Kodwa Uthando Lusenza Sibe Munye”

Ukukhululwa. Ukusindiswa. Sekungamakhulu eminyaka abantu belangazelela ukukhululwa ezinkingeni nasezinkathazweni abazithwele. Singabhekana kanjani ngokuphumelelayo nezinkinga zokuphila? Ingabe siyoke sikuthole ukukhululwa? Uma siyokuthola, siyokuthola kanjani?

KWAXOXWA ngale ndaba ochungechungeni lwemihlangano yesigodi yezinsuku ezintathu eyayihlelwe oFakazi BakaJehova eyaqala ngo-May 2006. Isihloko sayo sasithi “Ukukhululwa Kuseduze!”

Engu-9 yale mihlangano yaba nezinkulungwane zezihambeli ezazivela amazweni ahlukahlukene. Yaqhutshwa phakathi no-July no-August 2006, ePrague, inhloko-dolobha yaseCzech Republic; eBratislava, inhloko-dolobha yaseSlovakia; eChorzow nasePoznan, ePoland;a nasemadolobheni amahlanu aseJalimane—iDortmund, iFrankfurt, iHamburg, iLeipzig neMunich. Ababekhona kuyo yonke le mihlangano babengaphezu kuka-313 000.

Kwakunomoya onjani kule mihlangano? Abezindaba babikani ngayo? Futhi ababekhona kule mihlangano bazizwa kanjani ngayo?

Ukwenza Amalungiselelo

Izivakashi noFakazi bendawo babenesasasa elikhulu ngoba babazi ukuthi le mihlangano yayiyoba izenzakalo ezingokomoya ezingenakulitshalwa. Kwakuwumsebenzi omkhulu ukulungiselela izihambeli zomhlangano izindawo zokulala ezanele. Ngokwesibonelo, emhlanganweni waseChorzow, oFakazi basePoland bavula amakhaya abo ukuze kulale izivakashi ezingaba ngu-13 000 ezivela eMpumalanga Yurophu. Izihambeli ezeza kulowo mhlangano zazivela e-Armenia, eBelarus, e-Estonia, eGeorgia, eKazakhstan, eKyrgyzstan, eLatvia, eLithuania, eMoldova, eRussia, eTajikistan, eTurkmenistan, e-Ukraine, e-United States nase-Uzbekistan.

Izihambeli eziningi kwadingeka ziqale ukwenza amalungiselelo ohambo lwazo kusasele izinyanga. UTatiana, umshumayeli wesikhathi esigcwele ohlala eKamchatka, inhlonhlo yaseRussia esenyakatho-mpumalanga yeJapan, waqala ukubeka imali yalolu hambo kusasele unyaka wonke. Kwadingeka ahambe amakhilomitha angaba ngu-10 500. Ukuze afike eChorzow, waqale wahamba ngendiza amahora amahlanu, wabe esehamba ngesitimela cishe izinsuku ezintathu, ekugcineni wahamba ngebhasi amahora angu-30.

Izinkulungwane zavolontiya ukusebenza ngaphambi kokuqala komhlangano, zilungisa izinkundla zemidlalo nezindawo ezizizungezile ukuze zifanelekele ukusetshenziselwa ukukhulekela. (Duteronomi 23:14) Isibonelo esisodwa nje salokhu esoFakazi bendawo eLeipzig abenza umsebenzi omuhle kakhulu wokuhlanza inkundla yemidlalo, futhi bathembisa ukuthi bazophinda bayihlanze ngemva komhlangano. Ngenxa yalokho, abaphathi benkundla ababakhokhisanga imali eyayizokhokhela izindleko zokuhlanza.

Izimemo

Emhlabeni wonke amabandla ayimemezela kabanzi imihlangano eyayithi “Ukukhululwa Kuseduze!” Ababezoba yizihambeli kule mihlangano ekhethekile bahlanganyela kulo mkhankaso ngentshiseko enkulu. Ngosuku lwangaphambi kokuba umhlangano uqale baqhubeka nokumemezela umhlangano kwaze kwaba sebusuku. Ingabe intshiseko yabo yaba nemiphumela emihle?

UFakazi wasePoland okuthiwa uBogdan wahlangana nendoda esikhulile eyayifuna ukuya emhlanganweni kodwa imali yayo yempesheni yayingeke inele ukuba ikhokhele uhambo lwamakhilomitha angu-120 lokuya eChorzow. Ngenhlanhla kwakunesikhala somuntu oyedwa ebhasini elaliqashwe ibandla lendawo. UBodgan uyalandisa: “Sayitshela le ndoda ukuthi ingahamba nathi mahhala uma ingafika lapho sizosukela khona ngo-5:30 ekuseni.” Le ndoda yavuma futhi yaya emhlanganweni. Kamuva yabhalela abazalwane: “Ngemva kokuya kulo mhlangano, ngizimisele ukuba indoda engcono.”

EPrague ngolunye usuku kusihlwa indoda eyayihlala kwelinye lamahhotela ayesetshenziswa izihambeli ezivela eBrithani yazitshela ukuthi nayo yayikhona emhlanganweni ngalolo suku. Yini eyayishukumisela ukuba ibe khona? Le ndoda yathi ngemva kokuthola isimemo kubamemezeli abahlukahlukene abayishumi ezitaladini zalelo dolobha, yaba nomuzwa wokuthi nakanjani kumelwe iye! Yahlabeka umxhwele kakhulu futhi yafisa ukufunda okwengeziwe.—1 Thimothewu 2:3, 4.

Isimiso Esingokomoya Esakhayo

Isimiso sakhuluma ngezindlela zokusingatha izinkinga ezihlukahlukene. Iseluleko esiqondile semiBhalo sachaza izindlela zokuxazulula lezi zinkinga noma ukuzikhuthazelela.

Abantu abakhathazwa ukuguga, impilo ebuthaka, ukushonelwa ababathandayo, noma ezinye izinkinga zomuntu siqu bathola isikhuthazo seBhayibheli sokubasiza babe nethemba ekuphileni. (IHubo 72:12-14) Imibhangqwana eshadile nabazali bathola iseluleko seBhayibheli sendlela yokuba nomshado ojabulisayo nendlela yokukhulisa abantwana ngokuphumelelayo. (UmShumayeli 4:12; Efesu 5:22, 25; Kolose 3:21) AmaKristu asemasha—achayeke ekucindezeleni kontanga okonakalisayo esikoleni okulwisana neseluleko esihlakaniphile asithola eZwini likaNkulunkulu ekhaya nasebandleni—athola iseluleko esiwusizo sendlela angabhekana ngayo nokucindezela kontanga ‘nokubalekela izifiso zobusha.’—2 Thimothewu 2:22.

Ubuzalwane Bangempela Bomhlaba Wonke

OFakazi BakaJehova basithola njalo isiqondiso esingokomBhalo esiwusizo emibuthanweni yabo. (2 Thimothewu 3:16) Nokho, okwenza le mihlangano yesigodi ihluke kwakungabantu bezizwe ngezizwe. Yonke le mihlangano ekhethekile yayinesimiso esingokomoya esifanayo ngezilimi eziningi. Zonke izinsuku amalungu eNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova ayenikeza izinkulumo futhi kwakuba nemibiko yakwamanye amazwe eyayinandisa. Lezi zinkulumo nemibiko kwakuhunyushwa ukuze amaqembu ezilimi ezihlukahlukene ayekhona azuze.

Izihambeli zazimagange ukuhlangana nabafowabo nodadewabo abavela kwamanye amazwe. Esinye isihambeli sathi: “Ukuhlukahluka ngezilimi akuzange kube inkinga ngempela. Kunalokho, kwanezela injabulo kulesi senzakalo. Izivakashi zazinezizinda namasiko ahlukahlukene, kodwa zonke zazimunye okholweni.” Ababesemhlanganweni wesigodi eMunich bakubeka kanje: “Sihlukaniswe ulimi kodwa uthando lusenza sibe munye.” Kungakhathaliseki ukuthi babevelaphi nokuthi bakhuluma luphi ulimi, labo ababekhona bezwa ukuthi baphakathi kwabangane bangempela—abafowabo nodadewabo abangokomoya.—Zakariya 8:23.

Amazwi Abonisa Ukwazisa

Isimo sezulu phakathi nemihlangano ePoland savivinya umoya nokukhuthazela kwezihambeli. Akukhona nje ukuthi lalina isikhathi esiningi kodwa futhi lalishubisa nomnkantsha—cishe izinga lokushisa lingu-14°C. Umzalwane wase-United States wathi: “Ngangiqala ukuba semhlanganweni isimo sezulu sisibi kanje futhi kubanda kangaka, ngaphezu kwalokho ngangingaluqondi kahle ulimi. Kodwa umoya omuhle wobuzalwane bomhlaba wonke omangalisayo nomoya wokungenisa izihambi oyingqayizivele wenza sanganakeka isimo sezulu. Lo mhlangano awusoze walibaleka!”

Okunye okungenakulibaleka kwababeze emhlanganweni abakhuluma isiPolish kwakuyisaziso sokukhululwa kwe-Insight on the Scriptures ngesiPolish—umvuzo omangalisayo ngokubekezelela kwabo amakhaza nemvula. Kwaba nenjabulo nalapho kukhululwa incwadi entsha ethi Lukhumbule Njalo Usuku LukaJehova kuyo yonke imihlangano yesigodi ethi “Ukukhululwa Kuseduze!”

Abaningi kwababekhona bayowukhumbula nangenxa yezinye izizathu lo mhlangano. UKristina, udade waseCzech owavolontiya ukuphelezela iqembu lebhasi lezihambeli elalivela phesheya, uyakhumbula: “Lapho sesivalelisana omunye udade wangibizela eceleni, wanganga futhi wathi: ‘Usiphathe kahle! Ubusilethela ukudla lapho sihlezi khona wasipha ngisho namanzi okuphuza. Sikubonga kakhulu ngothando lwakho lokuzidela.’” Lesi sihambeli sasikhuluma ngokudla kwasemini okwakulungiselwa izihambeli zaphesheya. Omunye umzalwane wachaza: “Sasiqala ukwenza umsebenzi onje. Wawuhlanganisa ukuhambisa ukudla kwasemini kwabantu abangaba ngu-6 500 usuku ngalunye. Kwakuthinta inhliziyo ukubona abaningi bevolontiya ukusiza, kuhlanganise nezingane.”

Udade wase-Ukraine owaya emhlanganweni eChorzow wathi: “Uthando, ukukhathalela nomoya wokupha oboniswe abafowethu usihlabe umxhwele. Seswele imilomo eyizinkulungwane yokubonga.” U-Annika oneminyaka engu-8 wabhalela ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova elisePoland: “Umhlangano wawumnandi kakhulu kunalokho engangingase ngikucabange. Kujabulisa kakhulu ukuba senhlanganweni kaJehova, ngoba umuntu uba nabangane kuwo wonke umhlaba!”—IHubo 133:1.

Okwashiwo Ababebukele

Ngaphambi kokuba kuqale le mihlangano, ezinye izihambeli zaba nohambo lokubuka izwe. Emaphandleni aseBavaria, izivakashi zazima emaHholo OMbuso lapho zazibungazwa khona oFakazi bendawo. Omunye ongeyena uFakazi owayebukisa iqembu lezihambeli indawo wahlabeka umxhwele ngalolu thando lobuzalwane. Esinye isihambeli siyabika: “Lapho sisebhasini sesibuyela ehhotela lo muntu owayesibukisa indawo wathi sasihluke kakhulu kwezinye izivakashi. Sasigqoke kahle, futhi sonke sasibambisana nababehola eqenjini. Kwakungekho owayethuka inhlamba singekho nesiphithiphithi. Wamangala ngokuthi abantu abangazani nhlobo bangaba abangane ngokushesha.”

Umzalwane owayesebenza eMnyangweni Wezindaba emhlanganweni wasePrague uyalandisa: “NgeSonto ekuseni savakashelwa isikhulu esiphethe amaphoyisa ayabelwe emhlanganweni wethu. Saphawula ukuthi kwakunokuthula futhi sathi sasingenamsebenzi. Salandisa nokuthi ezinye izakhamuzi ezihlala eduze kwenkundla ziye zabuza ukuthi kwakungowani lo mhlangano. Lapho sizitshela ukuthi owoFakazi BakaJehova, ngokuvamile zaziphelelwa isithakazelo. Lapho lesi sikhulu sibona lokhu sasithi kuzo: ‘Ukube abantu bebezama ukuziphatha njengoFakazi BakaJehova, bekungeke kudingeke amaphoyisa.’”

Abaningi Sebekhululiwe Kakade!

IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, linjengebhuloho elihlanganisa amasiko futhi lenza amaKristu abe munye, abe nokuthula. (Roma 14:19; Efesu 4:22-24; Filipi 4:7) Imihlangano yesigodi ekhethekile ethi “Ukukhululwa Kuseduze!” yakubonisa lokhu. OFakazi BakaJehova sebeye bakhululwa kakade ezinkathazweni eziningi ezihlupha leli zwe. Ubandlululo, ubudlova nobuhlanga—uma sicaphuna izinkinga ezimbalwa emphakathini—cishe konke sekwaphela phakathi kwabo, futhi babheke phambili esikhathini lapho wonke umhlaba uyobe ungenazo lezo zinkinga.

Ababekule mihlangano bazibonela mathupha ubunye obukhona koFakazi abavela emazweni ahlukahlukene nabanamasiko angefani. Lokhu kwabonakala ngokusobala ekupheleni kwale mihlangano. Bonke bashaya ihlombe, banga abangane abasha futhi bathatha izithombe zokugcina. (1 Korinte 1:10; 1 Petru 2:17) Zijabule futhi ziqiniseka ukuthi kuseduze ukukhululwa kuzo zonke izinkinga nezinkathazo, izihambeli zabuyela emakhaya nasemabandleni azo zizimisele ngokwengeziwe ukulibamba ngokuqinile ‘iZwi likaNkulunkulu lokuphila.’—Filipi 2:15, 16.

[Umbhalo waphansi]

a Eminye imihlangano yesigodi eyisithupha kulo lonke elasePoland nowodwa eSlovakia yayixhunywe ngocingo ukuze izethameli zithole izinkulumo ezithile zesimiso.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 10]

Kuqhutshwa Imihlangano Ngezilimi Ezingu-25 Njengokungathi Ngolulodwa

Kuyo yonke le mihlangano engu-9, isimiso sasethulwa ngolimi lwendawo. Emihlanganweni eyayiseJalimane, izinkulumo zabekwa nangezinye izilimi ezingu-18. EDortmund zazinikezwa nangesi-Arabhu, isiFarsi, isiPutukezi, iSpanish nangesiRashiya; eFrankfurt ngesiNgisi, isiFulentshi nangesiSerbia/isiCroatia; eHamburg ngesiDanish, isiDutch, isiSwedish nangesiTamil; eLeipzig ngesiShayina, isiPolish nangesiTurkish; kanti eMunich ngesiGreki, isiNtaliyane nangoLimi Lwezandla LwaseJalimane. Emhlanganweni owawusePrague zonke izinkulumo zazinikezwa ngesiCzech, isiNgisi nangesiRashiya. EBratislava isimiso saqhutshwa ngesiHungary, isiNgisi, isiSlovak nangoLimi Lwezandla LwaseSlovakia. EChorzow saqhutshwa ngesiPolish, isiRashiya, isi-Ukraine nangoLimi Lwezandla LwasePoland. Kanti ePoznan saqhutshwa ngesiPolish nangesiFinnish.

Sezizonke zazingu-25! Ngempela, ababeze emhlanganweni babehlukaniswe ulimi, kodwa uthando lwalubenza babe munye.

[Isithombe ekhasini 9]

EFrankfurt, izihambeli ezivela eCroatia zajabula lapho zithola “INguqulo Yezwe Elisha” ngolimi lwazo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela