“Izimangaliso” Ezimbili Komunye WeMihlangano Yesigodi EGeorgia
ISENZAKALO esiyohlale sikhunjulwa esiye saba ‘nezimangaliso’ ezimbili senzeka eGeorgia ngo-2006. OFakazi BakaJehova baba noMhlangano Wesigodi othi “Ukukhululwa Kuseduze!” wezinsuku ezintathu ngomhla ka-7 kuya kumhla ka-9 July, ezindaweni eziyisithupha kulo lonke elaseGeorgia. Kwakuyidili elingokomoya elajatshulelwa abangaphezu kuka-17 000.
Imizamo yokuthola indawo efanelekayo okungabuthanela kuyo izinkulungwane zezihambeli edolobheni eliyinhloko lomhlangano, eTbilisi, inhloko-dolobha yaseGeorgia yaqala ngo-January 2006. Eminye imihlangano yayizoxhunywa ngezingcingo.
Eminyakeni embalwa edlule oFakazi BakaJehova baye banikezwa kancane kancane inkululeko yokukhulekela eGeorgia. Ngakho, naphezu kokuphikiswa okwakuthe chithi saka esikhathini esidlule, oFakazi baqhubeka benethemba lokuthi bazoyithola indawo abazoqhubela kuyo umhlangano enhloko-dolobha. Ngokwemvelo, abantu baseGeorgia banobungane futhi banomoya wokungenisa izihambi. Nokho, ezinye izikhulu zinobandlululo olujulile olungokwenkolo. Ingabe zaziyoyicindezela imizwa yazo bese zivumela oFakazi ukuba baqashe izindawo zomhlangano?
Abazalwane abakhonza eKomitini Yomhlangano baya ezinkundleni ezihlukahlukene namahholo amakhulu emidlalo. Abaphathi bavuma ukuthi bangazisebenzisa lezi zindawo kodwa benqaba lapho sebecela izinsuku eziqondile. Ngakho, le komiti yamangala lapho abaphathi behholo lomculo be-Tbilisi Philharmonic bevuma ukuba oFakazi BakaJehova baqashe ihholo labo. Leli hholo lomculo liphakathi edolobheni, lapho kwenzelwa khona iningi lemibuthano edumile.
Ikhuthazwe ukuthi imizamo yayo ekugcineni iphumelele, le komiti yaqala ukuhlela umhlangano wesigodi eTbilisi neminye imihlangano emadolobheni amakhulu namancane kulo lonke izwe, ahlanganisa iTsnori, iKutaisi, iZugdidi, iKaspi neGori. Kwenziwa umsebenzi omkhulu wokuxhuma ngezingcingo zonke lezi zindawo zomhlangano ukuze zithole isimiso ngesikhathi esifanayo. Yonke into yase imi ngomumo. Kungalindelwe, sekusele nje isonto elilodwa ngaphambi kokuba umhlangano uqale, abaphathi behholo lomculo be-Tbilisi Philharmonic bahoxisa zonke izivumelwano zokusebenzisa leli hholo. Abanikezanga sizathu.
“Isimangaliso” Sokuqala
Abafowethu base bezokwenzani njengoba umhlangano wawususondele kangaka? Ukuphela kwento ababengayenza kwakuwukuya eMarneuli, indawo esemphakathini okhonze ukulima engamakhilomitha angu-40 ngaphandle kweTbilisi. Imihlangano eminingi yesigodi yayike yaqhutshelwa kuleyo ndawo yomkhaya ongoFakazi BakaJehova. Le ndawo yake yaba insimu enkulu. Eminyakeni eyishumi edlule, kwakuwukuphela kwendawo amabandla aseTbilisi ayeyisebenzisela imihlangano yesigodi. Nokho, kukuyo futhi le ndawo yaseMarneuli lapho oFakazi BakaJehova bake bahlaselwa khona izixuku ezinobudlova.
Esinye salezi zenzakalo senzeka ngo-September 16, 2000. Amaphoyisa asedolobheni laseMarneuli avala imigwaqo evimba oFakazi ukuba bangayi emhlanganweni. Ngemva kwalokho kwafika amabhasi ayegcwele izidlamlilo ezaziholwa umfundisi owayesesusiwe esikhundleni wesonto lobu-Orthodox uVasili Mkalavishvili. Bamisa izimoto namabhasi ayelibangise emhlanganweni eMarneuli, bazihudulela ngaphandle izihambeli zomhlangano, futhi bazishaya kabuhlungu, kuyilapho abanye abagibeli bephangwa izimpahla zabo, kuhlanganise namaBhayibheli abo nezincwadi zeBhayibheli.
Indawo yomhlangano eMarneuli nayo yahlaselwa isixuku sabantu abangaba ngu-60. Kwalimala oFakazi abangaba ngu-40. Omunye umzalwane wagwazwa ngommese esifubeni. Abanye abahlaseli babephethe izibhamu ezinemibhobho esahiwe, bedubula ngentukuthelo emoyeni. Omunye wakhomba umnikazi wendawo ngesibhamu wathi makamnike imali nobucwebe bakhe. Lesi sixuku saphanga izinto ezazisendlini yakhe, eyayikolunye uhlangothi lwendawo yomhlangano, futhi santshontsha nempahla yakhe ebizayo. Ngemva kokubulala wonke amafasitela ale ndlu, sashisa izincwadi zeBhayibheli namabhentshi okwakulungiselelwe umhlangano ngokukhethekile. Kwashiswa izincwadi ezingaba ithani nengxenye. Kunokuba avimbe lobu bugebengu, amaphoyisa ayekuleyo ndawo ahlanganyela ebudloveni obabenziwa koFakazi.a
IKomiti Yomhlangano kwakungadingeki ibhekane nosongo lobudlova kuphela kodwa nanenselele yokuhlalisa abantu abangu-5 000 kuleyo ndawo ngokuvamile eyayimumatha abantu abangu-2 500. Le nkinga yayizoxazululwa kanjani ngesikhathi esincane kangaka? Kwabonakala kuyisimangaliso lapho abaphathi bezindawo ezimbili eziseduze kwendawo yomhlangano beya kubafowethu futhi bebazisa ukuthi bangaziqasha izindawo zabo ezingamasimu.
Ukulungisa la masimu ukuze abe izindawo ezifanelekayo zomhlangano kwakuwumsebenzi omkhulu. Isimo sezulu senza lo msebenzi waba nzima nakakhulu—lana isonto lonke ngaphambi komhlangano. Kwakutshalwe amazambane kula masimu, futhi kwadingeka ukuba avunwe. Okokuqala, amavolontiya abuthana emvuleni ezogubha amazambane. Ngemva kwalokho kwasuswa ucingo futhi kwenziwa imipheme yokuvikela izilaleli elangeni nasemvuleni. Kwadingeka ukuba kwenziwa amabhentshi engeziwe kufakwe nezikhulisa-msindo ezengeziwe. Kwakusahwa, kushayelelwa izipikili futhi kubholwa, amavolontiya esebenza ubusuku nemini, amanye engabuthi quthu.
Wonke umuntu wayezibuza: “Kuzokwenziwa njani uma imvula ingaqhubeka naphakathi nomhlangano? Ingabe izihambeli zomhlangano zaziyobisha odakeni?” Kwathengwa utshani obomile ukuze bendlalwe kulo mhlabathi omanzi. Ekugcineni, yaphuma inhlamvu yelanga! Ngazo zontathu izinsuku zomhlangano, ilanga labalela kamnandi.
Lapho izihambeli zomhlangano zifika, zakhangwa indawo enhle. Le ndawo ethule yayinjengamazwibela ezwe elisha. Njengoba zazihleli kamnandi, izihambeli zazizungezwe izihlahla zamakhiwane nezinye izihlahla zezithelo, kanye namasimu ommbila notamatisi. Ngemuva kwendawo yesikhulumi kwakunezivini ezihlobisile. Ngezinye izikhathi phakathi nesimiso, izilaleli zazizwa amaqhude ekhala nezikhukhukazi zikhala njengoba kwakuthathwa amaqanda azo. Kwakuneminye imisindo evamile emaphandleni, kodwa kulabo ababeze emhlanganweni, le misindo yayinjengezingoma ezijabulisayo. Kunokuba ziphazamiseke, izilaleli azizange ziyinake, ngoba zazizimisele ukulalelisisa isimiso semfundo yeBhayibheli esisezingeni eliphakeme. Nokho, lezi azibanga ukuphela kwezenzakalo ezingenakulitshalwa ngalo mhlangano.
“Isimangaliso” Sesibili
Ekupheleni kwesimiso sasekuseni ngoLwesihlanu, izihambeli zamangala lapho uGeoffrey Jackson, ilungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova, ememezela ukukhululwa kwe-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ephelele ngesiGeorgia.b Kwahlengezela izinyembezi kwabaningi, abamane nje babamba ongezansi. Omunye umkhaya waphawula ngenjabulo: “Sibonga siyanconcoza ngalesi simangaliso—isimangaliso esenziwe uJehova. Kwenziwe umsebenzi omkhulu kangaka ngesikhathi esincane kangaka!”
Omunye udade owayevela edolobheni laseTsalendjikha owayelalele isimiso ngocingo wathi: “Angazi ukuthi ngingayichaza kanjani injabulo engaba nayo lapho sithola iBhayibheli eliphelele. Ngiyanibonga ngalo mhlangano ovelele wezinsuku ezintathu. Uyisenzakalo esiyingqopha-mlando ngempela.” Omunye umkhaya osebandleni elisentshonalanga yeGeorgia, emngceleni woLwandle Olumnyama, wathi: “Kuze kube manje, besilokhu sineBhayibheli elilodwa vo, kodwa manje sonke sobane sesinamaBhayibheli ethu, INguqulo Yezwe Elisha. Manje yilowo nalowo kithi usengazitadishela iBhayibheli lakhe siqu.”
Nokho, izilaleli zazingazi ukuthi izinto zacishe zonakala. Ngokwesibonelo, nakuba INguqulo Yezwe Elisha ephelele yanyatheliswa futhi yathunyelwa eGeorgia kusenesikhathi, izikhulu zoMnyango Wokuhlola Impahla zenqaba ukuba lezi zimpahla zingeniswe eGeorgia. Abazalwane bafaka isikhalo eHhovisi Lomvikeli Womphakathi. Umvikeli wakwazi ukuthola imvume yokungenisa la maBhayibheli lapho nje usuzoqala umhlangano. Waze wathumela nomsizi wakhe emhlanganweni waseMarneuli ukuze athole amakhophi eBhayibheli elisha abazowasebenzisa ehhovisi labo.
Ukwamukelwa Ngemfudumalo Ngendlela YaseGeorgia
Umhlangano wesigodi waseMarneuli wawuyisenzakalo esivelele koFakazi BakaJehova eGeorgia ngenxa yesinye isizathu. Ilungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova lalinezinkulumo kulowo mhlangano. Bonke ababekhona bajabula kakhulu kangangokuthi babefuna ukumamukela mathupha, ngemfudumalo nangendlela yaseGeorgia. UMfoweth’ uJackson kwadingeka ame abingelele abazalwane nodade amahora ngamahora ngaphambi nangemva komhlangano naphakathi nawo, kodwa wakujabulela ukwenza lokho.
Emuva ngo-1903 ekupheleni komunye umhlangano wesigodi, omunye umzalwane wathi: “Ukube bekungathiwa mangenane ama-dollar ayinkulungwane ngakho konke okuhle engikujabulele kulo mhlangano, bengingeke ngivume naphezu kokuba ngingumuntu ompofu.” Sekuphele iminyaka engaphezu kwekhulu asho la mazwi, kodwa yile ndlela kanye ababezizwa ngayo oFakazi ababekhona kuleyo mihlangano eyingqopha-mlando eyayisehlobo lango-2006 eGeorgia.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe mayelana nokushushiswa koFakazi BakaJehova eGeorgia, bheka i-Phaphama! yesiNgisi ka-January 22, 2002, amakhasi 18-24.
b INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngesiGeorgia yakhishwa ngo-2004.
[Ibhokisi ekhasini 19]
“Omncane” Usekhulile
Amazwi aku-Isaya 60:22 aye agcwaliseka eGeorgia: “Omncane uyoba yinkulungwane, umuntukazana abe yisizwe esinamandla. Mina, Jehova, ngiyokusheshisa ngesikhathi sako.” Eminyakeni engaphansi kwengu-20, inani labamemezeli boMbuso eGeorgia liye landa lisuka kwabangaphansi kwekhulu laya kwabangaba ngu-16 000. Lezi zikhonzi ezishisekayo zeZwi likaNkulunkulu ziqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingaba ngu-8 000 isonto ngalinye—okubonisa ukuthi kunethuba elimangalisayo lokwanda ngokwengeziwe eGeorgia.
[Umdwebo/Ibalazwe ekhasini 16]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
IRUSSIAN FEDERATION
IGEORGIA
⇨ IZugdidi
⇨ IKutaisi
IMarneuli ⇨ IGori
⇨ IKaspi
⇨ ITsnori
ITBILISI
ITURKEY
I-ARMENIA
I-AZERBAIJAN
[Umthombo]
Globe: Based on NASA/Visible Earth imagery
[Isithombe ekhasini 16]
Isithombe esiyisikhumbuzo eTbilisi
[Izithombe ekhasini 17]
Umhlangano wesigodi waseMarneuli wawuxhunywe ngezingcingo neminye emihlanu
[Izithombe ekhasini 18]
Izihambeli zomhlangano zajabula lapho kukhululwa “INguqulo Yezwe Elisha” ephelele ngesiGeorgia