Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 1/22 k. 24-k. 25 isig. 2
  • IGeorgia—Ifa Lasendulo Elilondoloziwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IGeorgia—Ifa Lasendulo Elilondoloziwe
  • I-Phaphama!—1998
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Igugu Elinamakhulu Eminyaka Licashile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • “Izimangaliso” Ezimbili Komunye WeMihlangano Yesigodi EGeorgia
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Ngangicabanga Ukuthi Sengiphumelele Ekuphileni
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2017
  • Kwakungavumi Ayeke Ukufunda Umyeni Wami!
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2017
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1998
g98 1/22 k. 24-k. 25 isig. 2

IGeorgia—Ifa Lasendulo Elilondoloziwe

NGUMLOBELI WE-PHAPAMA!

UBUNGATHANDA yini ukuhlala ezweni elinezigodi ezikhiqizayo ezikhosele phakathi kwezintaba ezimbozwe yiqhwa ezingamamitha angu-4600 ukuphakama, lapho abanye abantu bephila khona iminyaka eyikhulu nangaphezulu? Ezakhamuzini zaseGeorgia, lokhu akulona nje iphupho. Kuyinto engokoqobo.

IGeorgia isemngceleni weYurophu ne-Asia futhi ilapho kuhlukana khona amasiko alamazwekazi. Ezikhathini zasendulo, iGeorgia yayiyisikhumulo esibalulekile kuSilk Road odumile, umgwaqo uMarco Polo ahamba ngawo eya eChina. IGeorgia yazuza ngokwezimali nangokwempucuko ngokuba nobudlelwane neMpumalanga neNtshonalanga, kodwa ngezinye izikhathi abahlaseli bakuthola kuzuzisa ukudlula ngalendlela. Ngokokunye ukulinganisa, inhloko-dolobha yaseGeorgia, iTbilisi, iye yabhujiswa izikhathi ezingu-29! Namuhla, iTbilisi iyidolobha elimatasa nokuhlalwa kulo, elinomgwaqo ohamba ngaphansi nezakhiwo zesimanje eziphakathi kwamatshe ezikhumbuzo aqoshiwe asenesikhathi eside ekhona.

Amaphesenti angaba ngu-87 endawo yaseGeorgia yizintaba. Kusukela enkangala eneqhwa nephundlekile kuya emathafeni kugeleza imifula engu-25 000, eminingi igcwele izinhlanzi. Ingxenye yezwe engaphezu kweyodwa kwezintathu igcwele amahlathi noma uhlaza. Undi lwezintaba zaseCaucasus emngceleni weGeorgia osenyakatho luvikela ingxenye yezwe emaphakathi esimweni sezulu esibanda njengeqhwa sasenyakatho. Lesi simo sivumela ingxenye yeGeorgia engasentshonalanga ukuba ifudunyezwe umoya onomswakamo ovela kuyiBlack Sea—okungesinye sezizathu ezenza izivakashi zithande ukuchitha amaholide eGeorgia. Isimo sezulu esikahle naso siye sasiza kwelinye lamasiko amadala namahle kakhulu emhlabeni okwenza iwayini. Eqinisweni, iGeorgia ikhiqiza izinhlobo ezihlukahlukene ezingaphezu kwezingu-500 zamagilebhisi nezewayini!

Nokho, into enhle kakhulu ngeGeorgia, abantu bakhona. Bayaziwa emlandweni ngokuba nesibindi, ukuhlakanipha, nesandla ekuphatheni izihambi, nangokuthanda kwabo ukuhleka nothando ngokuphila. Isiko labo licebe ngomculo nomdanso, futhi amaculo esintu yiwona asaculwa kakhulu abantu baseGeorgia lapho behlezi emakhaya.

IGeorgia futhi inomlando omude wokuba nezifundiswa, kusukela ekhulwini lesihlanu. Ulimi lwesiGeorgia lwaba phakathi kwezilimi zokuqala okwahunyushelwa kuzo iBhayibheli, kusetshenziswa izinhlamvu zesiGeorgia ezinhle nezingavamile. Wonke lawa masiko enza ukuxhumana kokuphila neGeorgia yasendulo—ifa lasendulo elilondolozwe ezweni lanamuhla.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 24]

Pat O’Hara/Corbis

[Izithombe ekhasini 25]

1. IBhayibheli lesiGeorgia

2. Ezinye izakhamuzi eseziphile iminyaka eyikhulu nangaphezulu!

3. Umgwaqo omatasa eTbilisi

[Umthombo]

Dean Conger/Corbis

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela