Ingabe Bewazi?
Bamvakashela nini uJesu ababhula ngezinkanyezi?
EVangelini likaMathewu, sitshelwa ukuthi ‘ababhula ngezinkanyezi abavela ezingxenyeni ezisempumalanga’ bavakashela uJesu, bemlethele izipho. (Mathewu 2:1-12; umbhalo waphansi we-NW) Ukuthi babebangaki ababhula ngezinkanyezi, noma “izazi,” abavakashela uJesu esengumntwana akushiwo, futhi asikho isisekelo sombono ovamile wokuthi babebathathu; futhi ababizwa ngamagama ekulandiseni kweBhayibheli.
I-New International Version Study Bible isho okulandelayo ngoMathewu 2:11: “Ngokuphambene nombono ovamile, iZazi azizange zivakashele uJesu esemkhombeni ngobusuku azalwa ngabo njengoba kwenza abelusi. Zeza ngemva kwezinyanga ezithile futhi zamvakashela ‘kubo eseyingane.’” Lokhu kufakazelwa iqiniso lokuthi lapho uHerode efuna ukubulala lo mntwana omncane, wayala ukuba kubulawe bonke abafana abaneminyaka emibili nangaphansi kulo lonke iBhetlehema nakuzo zonke izifunda zalo. Wakhetha izingane zalobo budala ngokubala “ngokwesikhathi ayesitholisise kahle kwababhula ngezinkanyezi.”—Mathewu 2:16.
Ukube ababhula ngezinkanyezi babevakashele uJesu ngobusuku azalwa ngabo bamlethela igolide nezinye izipho eziyigugu, kwakungenakwenzeka ukuba uMariya anikele ngezinyoni ezimbili nje ngemva kwezinsuku ezingu-40 lapho eyisa uJesu ethempelini eJerusalema. (Luka 2:22-24) Lokhu kwakuyilungiselelo loMthetho labantu abampofu ababengenamali yokuthenga imvu. (Levitikusi 12:6-8) Nokho, lezi zipho eziyigugu zaziyobe zifike ngesikhathi futhi zaziyoba usizo ekukhokheleni izindleko zokuhlala komkhaya wakubo kaJesu eGibhithe.—Mathewu 2:13-15.
Kungani kwamthatha izinsuku ezine uJesu ngaphambi kokuba afike ethuneni likaLazaru?
Ngokuyinhloko, kubonakala sengathi uJesu wahlela ukuba kube njalo. Singakusho kanjani lokho? Cabanga ngokulandisa okusesahlukweni 11 sencwadi kaJohane.
Lapho uLazaru, isakhamuzi saseBhethaniya esasingumngane kaJesu, ehlatshwa ukugula, odadewabo bathumela izwi kuJesu. (Amavesi 1-3) Ngaleso sikhathi, wayekude kakhulu neBhethaniya, kwakungamthatha izinsuku ezimbili ukuba afike. (Johane 10:40) Kubonakala sengathi uLazaru wafa cishe ngesikhathi esifanayo izindaba ezafika ngaso kuJesu. Yini uJesu ayenza? ‘Wahlala izinsuku ezimbili endaweni ayekuyo,’ ngemva kwalokho wabe eseya eBhethaniya. (Amavesi 6, 7) Ngakho-ke, ngemva ngokulinda izinsuku ezimbili nokuthatha uhambo lwezinsuku ezimbili, wafika ethuneni ngemva kwezinsuku ezine uLazaru efile.—Vesi 17.
Ngaphambili, uJesu wayevuse abantu ababili—omunye esanda kushona nje, omunye cishe kamuva ngalo usuku ashona ngalo. (Luka 7:11-17; 8:49-55) Ingabe wayezokwazi ukuvusa umuntu owayesenezinsuku ezine efile futhi umzimba wakhe usuqala ukubola? (Vesi 39) Kuyathakazelisa ukuthi incwadi ethile yeBhayibheli ithi amaJuda ayenenkolelo yokuthi alikho ithemba “ngomuntu osenezinsuku ezine efile; ngaleso sikhathi umzimba wawusuqala ukubola, kanti umphefumulo, okwakucatshangwa ukuthi uzulazula phezu komuntu izinsuku ezintathu, wawusuhambile.”
Uma kuwukuthi kulabo ababebuthene ethuneni kwakunabangabazayo, babezobona amandla kaJesu phezu kokufa. Emi phambi kwethuna elivuliwe, uJesu wamemeza: “Lazaru, phuma!” Khona-ke, “lo muntu owayefile waphuma.” (Amavesi 43, 44) Uvuko luyithemba langempela labafileyo, hhayi umbono ongamanga wokuthi umphefumulo uyaqhubeka uphila ngemva kokufa.—Hezekeli 18:4; Johane 11:25.