Sondela KuNkulunkulu
UBaba Ongenakuqhathaniswa
“BABA.” Ambalwa amazwi ashukumisa imizwelo yabantu ngokujulile njengaleli. Ubaba ozithanda ngempela izingane zakhe uyazisiza ukuze ziphumelele. Ngokufanelekile, iBhayibheli libhekisela kuJehova “njengoBaba.” (Mathewu 6:9) Uwuhlobo olunjani lukaBaba uJehova? Ukuze siphendule lo mbuzo, ake sihlole amazwi uJehova awasho kuJesu lapho ebhapathizwa. Phela, indlela ubaba akhuluma ngayo nezingane zakhe yembula lukhulu ngohlobo lomzali ayilo.
Cishe ngo-October 29 C.E., uJesu waya eMfuleni iJordani ukuze abhapathizwe. IBhayibheli libika okwenzeka: “Ngemva kokubhapathizwa, uJesu wakhuphuka masinyane emanzini; futhi, bheka! amazulu avuleka, wabona umoya kaNkulunkulu wehla njengejuba uza phezu kwakhe. Bheka! Kwaba khona nezwi livela emazulwini elathi: ‘Lo yiNdodana yami ethandekayo, engiyamukele.’”a (Mathewu 3:16, 17) Lawo mazwi anomusa ashiwo uJehova ngokwakhe, asitshela lukhulu ngohlobo lukaBaba ayilo. Phawula izinto ezintathu uJehova azisho eNdodaneni yakhe.
Okokuqala, ngamazwi athi “lo yiNdodana yami,” empeleni uJehova wayethi, ‘Ngiyaziqhenya ngokuba uYihlo.’ Ubaba onokuqonda uyasenelisa isifiso sezingane zakhe sokuqashelwa nokunakwa. Izingane kufanele ziqinisekiswe ukuthi zibalulekile njengelungu ngalinye lomkhaya. Ake ucabange ukuthi wazizwa kanjani uJesu—nakuba ayesemdala—lapho uYise emqaphela ngale ndlela!
Okwesibili, ngokubiza iNdodana yakhe ngokuthi “ethandekayo,” uJehova wayezwakalisa obala ukuthi uyamthanda uJesu. Empeleni, uBaba wayethi, ‘Ngiyakuthanda.’ Ubaba omuhle uyazitshela izingane zakhe ukuthi uzithanda ngokujulile. Amazwi anjalo—ahambisana nothando olukhulu—angasiza izingane ukuba zikhule kahle. Yeka ukuthi kumelwe ukuba inhliziyo kaJesu yathinteka kangakanani lapho ezwa uYise ethi uyamthanda!
Okwesithathu, ngamazwi athi “Ngikwamukele,” uJehova wabonisa ukuthi uyayamukela iNdodana yakhe. Kwakunjengokungathi uJehova wayethi, ‘Ndodana kuyangijabulisa okwenzile.’ Ubaba onothando ufuna amathuba okutshela izingane zakhe ukuthi uyajabula ngezinto ezinhle ezizenzayo noma ezizishoyo. Izingane zithola amandla nesibindi lapho abazali bezincoma. Ngokuqinisekile kumelwe ukuba kwamkhuthaza uJesu ukuzwa ukuthi wayemukeleka kuYise!
Eqinisweni, uJehova unguBaba ongenakuqhathaniswa. Ingabe inhliziyo yakho iyafisa ukuba nobaba onjalo? Uma kunjalo, khona-ke ungaduduzeka ngokwazi ukuthi ungaba nobuhlobo noJehova. Uma ngokholo ufunda ngaye futhi uzama ngobuqotho ukwenza intando yakhe, uyokwamukela. IBhayibheli lithi: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” (Jakobe 4:8) Yini ebingakwenza uzizwe uvikeleke ngaphezu kokuba nobuhlobo obuseduze noJehova uNkulunkulu, uBaba ongcono kakhulu esingaba naye?
[Umbhalo waphansi]
a Ngokokulandisa okufana nalokhu eVangelini likaLuka, uJehova wasebenzisa isabizwana soqobo esithi “wena,” ethi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngikwamukele.”—Luka 3:22.