Ezentsha Yethu
UJesu Ukhexisa Izilaleli Zakhe
Iziyalezo: Funda le ndaba endaweni ethule. Njengoba ufunda imiBhalo, zibone ngeso lengqondo uhilelekile kuleso senzakalo. Sibone ngeso lengqondo. Yizwa amazwi. Zizwe ngendlela abalingiswa abasemqoka abazizwa ngayo. Yenze iphile indaba.
HLAZIYA ISIGCAWU.—FUNDA ULUKA 2:41-47.
Ucabanga ukuthi iziphi izinto okwaxoxwa ngazo engxoxweni echazwe evesini 46?
․․․․․
ZINDLA NGOKUJULILE.
Ucabanga ukuthi kungani uJesu akwazi ukuxoxa nabaholi benkolo esemncane kangaka? Ingabe kwakwenziwa ukuthi uphelele, noma kwakuhileleke okwengeziwe?
․․․․․
HLAZIYA ISIGCAWU.—FUNDA ULUKA 2:48-52.
Ucabanga ukuthi uJesu wabonisa siphi isimo sengqondo lapho ebuza, “Kungani kuye kwadingeka nihambe ningifuna?”
․․․․․
nKungani singaqiniseka ukuthi uJesu akazange ababhuqe noma angabahloniphi abazali bakhe lapho ekhuluma nabo?
․․․․․
ZINDLA NGOKUJULILE.
Kungani kunengqondo ukuthi uJosefa noMariya babecindezelekile?
․․․․․
Nakuba uJesu ayephelele, kungani kwadingeka ukuba aqhubeke ezithoba kubazali bakhe?
․․․․․
Ucabanga ukuthi kungenzeka yini ukuthi uJesu waba namahloni lapho ekhuzwa phambi kwabantu ababemhlonipha?
․․․․․
SEBENZISA OKUFUNDILE. BHALA LOKHO OKUFUNDILE MAYELANA . . .
Nokuzithoba.
․․․․․
Nokubaluleka kokuzuza ulwazi lweBhayibheli lapho usemncane.
․․․․․
YINI EKUHLABE UMXHWELE KAKHULU NGALOKHU KULANDISA KWEBHAYIBHELI, FUTHI NGANI?
․․․․․