Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w08 5/15 kk. 3-7
  • Kufanele Sibaphathe Kanjani Abanye?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kufanele Sibaphathe Kanjani Abanye?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yiba Nomoya Omnene
  • Yeka Indlela Abajabula Ngayo Abanesihe!
  • Isizathu Esenza “Abanokuthula” Bajabule
  • “Ukukhanya Kwenu Makukhanye”
  • “Yenza Ukuthula Nomfowenu”
  • Phatha Abanye Ngenhlonipho Njalo
  • Indlela Amazwi KaJesu Aletha Ngayo Injabulo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Izinceku ZikaJehova Ezijabulayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • “Ukukhanya Kwenu Makukhanye”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • Yeka Indlela Abajabula Ngayo Abamnene!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
w08 5/15 kk. 3-7

Kufanele Sibaphathe Kanjani Abanye?

“Leyo ndlela enifuna abantu benze ngayo kini, yenzani kanjalo nani kubo.”—LUKA 6:31.

1, 2. (a) Iyini iNtshumayelo YaseNtabeni? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko nakwesilandelayo?

UJESU KRISTU wayenguMfundisi Omkhulu ngempela. Lapho izitha zakhe zenkolo zithumela amadoda ukuba ayombopha, abuya elambatha futhi athi: “Akekho omunye umuntu owake wakhuluma kanje.” (Joh. 7:32, 45, 46) Enye yezinkulumo zikaJesu ezivelele kwakuyiNtshumayelo YaseNtabeni. Itholakala esahlukweni 5 kuya ku-7 eVangelini likaMathewu, futhi ukwaziswa okucishe kufane kutholakala kuLuka 6:20-49.a

2 Mhlawumbe amazwi adume kakhulu kuleyo ntshumayelo yilawo ngokuvamile abizwa ngokuthi uMthetho Wegolide. Aphathelene nendlela esiphatha ngayo abanye. UJesu wathi: “Leyo ndlela enifuna abantu benze ngayo kini, yenzani kanjalo nani kubo.” (Luka 6:31) Yeka izinto ezinhle azenzela abantu! UJesu waphulukisa abagulayo, wavusa ngisho nabafileyo. Nokho, abantu ngabanye babebusiseka nakakhulu lapho bamukela izindaba ezinhle ayezifundisa. (Funda uLuka 7:20-22.) NjengoFakazi BakaJehova, siyakujabulela ukuhlanganyela emsebenzini ofanayo wokushumayela ngoMbuso. (Math. 24:14; 28:19, 20) Kulesi sihloko nakwesilandelayo, sizoxoxa ngamazwi ashiwo uJesu ngalo msebenzi nangamanye amaphuzu aseNtshumayelweni YaseNtabeni ahlobene nendlela okufanele sibaphathe ngayo abanye.

Yiba Nomoya Omnene

3. Ungawuchaza kanjani umoya omnene?

3 UJesu wathi: “Bayajabula abanomoya omnene, ngoba bayokudla ifa lomhlaba.” (Math. 5:5) EmiBhalweni, umoya omnene awuhlobene nakancane nobuthakathaka. Uwumusa esiwubonisa ngoba sizivumelanisa nezimfuneko zikaNkulunkulu. Lesi simo sengqondo sibonakala endleleni esiphatha ngayo abanye abantu. Ngokwesibonelo, ‘asibuyiseli muntu okubi ngokubi.’—Roma 12:17-19.

4. Kungani abanomoya omnene bejabula?

4 Abanomoya omnene bayajabula ngoba “bayokudla ifa lomhlaba.” UJesu, ‘owayenomoya omnene futhi ethobekile ngenhliziyo,’ ‘uyindlalifa emisiwe yezinto zonke,’ ngakho uyiNdlalifa eyinhloko yomhlaba. (Math. 11:29; Heb. 1:2; IHu. 2:8) Kwabikezelwa ukuthi ‘indodana yomuntu’ enguMesiya yayiyobusa nabanye eMbusweni wasezulwini. (Dan. 7:13, 14, 21, 22, 27) ‘Njengezindlalifa ezikanye noKristu,’ abagcotshiwe abangu-144 000 abanomoya omnene bayohlanganyela noJesu ekudleni ifa lomhlaba. (Roma 8:16, 17; IsAm. 14:1) Abanye abanomoya omnene bayobusiswa ngokuphila okuphakade emhlabeni lapho sekubusa lowo Mbuso.—IHu. 37:11.

5. Ukuba mnene njengoKristu kunaliphi ithonya kithi?

5 Uma sinokhahlo cishe siyovivinya ukubekezela kwabanye futhi bangathandi ukuba nathi. Nokho, ukuba mnene njengoKristu kusenza sibe amalungu ebandla akhayo ngokomoya, okumnandi ukuba nawo. Ubumnene bungesinye sezithelo amandla kaNkulunkulu asebenzayo aziveza kithi uma ‘siphila futhi sihamba ngomoya.’ (Funda eyabaseGalathiya 5:22-25.) Ngokuqinisekile sifuna ukuba abantu abamnene abaholwa umoya ongcwele kaJehova!

Yeka Indlela Abajabula Ngayo Abanesihe!

6. “Abanesihe” banaziphi izimfanelo eziphawulekayo?

6 ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu wabuye wathi: “Bayajabula abanesihe, ngoba bayoboniswa isihe.” (Math. 5:7) “Abanesihe” banobubele futhi babacabangela ngomusa abadinga usizo, baze babe nesihawu ngabo. UJesu wabasiza ngokuyisimangaliso abahluphekayo ngoba ‘wayefikelwa isihawu’ noma ‘ebahawukela.’ (Math. 14:14; 20:34) Ngakho-ke, isihawu nokucabangela abanye kufanele kusishukumisele ukuba sibe nesihe.—Jak. 2:13.

7. Isihawu sashukumisela uJesu ukuba enzeni?

7 Lapho isixuku siza kuJesu esathi uyophumula, “waba nesihawu ngaso, ngoba sasinjengezimvu ezingenamalusi.” Ngakho, “wasifundisa izinto eziningi.” (Marku 6:34) Yeka ukuthi sithola injabulo engakanani lapho nathi sihlanganyela isigijimi soMbuso nabanye futhi sibatshela ngesihe esikhulu sikaNkulunkulu!

8. Kungani abanesihe bejabula?

8 Abanesihe bayajabula ngoba ‘baboniswa isihe.’ Lapho siphatha abantu ngesihe, ngokuvamile nabo basiphatha ngendlela efanayo. (Luka 6:38) Ngaphezu kwalokho, uJesu wathi: “Uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo osezulwini uzonithethelela nani.” (Math. 6:14) Ngabanesihe kuphela abazi injabulo etholakala ngokuthethelelwa izono nokuvunyelwa uNkulunkulu.

Isizathu Esenza “Abanokuthula” Bajabule

9. Siyoziphatha kanjani uma singabantu abanokuthula?

9 Esho esinye isizathu sokujabula, uJesu wathi: “Bayajabula abanokuthula, ngoba bayobizwa ngokuthi ‘amadodana kaNkulunkulu.’” (Math. 5:9) Igama lesiGreki elihunyushwe lapha ngokuthi “abanokuthula” ngokwezwi nezwi lisho “abenzi bokuthula.” Uma singabenzi bokuthula ngeke sivune noma sihlanganyele kunoma yini enjengenkulumo enyundelayo, ‘engahlukanisa abangane.’ (IzAga 16:28) Ngamazwi nangezenzo, siyophishekela ukuthula nabantu abangaphakathi nabangaphandle kwebandla lobuKristu. (Heb. 12:14) Ikakhulu siyokwenza konke esingakwenza ukuze sitholakale sinokuthula noJehova uNkulunkulu.—Funda eyoku-1 Petru 3:10-12.

10. Kungani “abanokuthula” bejabula?

10 UJesu wathi bayajabula “abanokuthula, ngoba bayobizwa ngokuthi ‘amadodana kaNkulunkulu.’” Ngenxa yokubonisa ukholo kuJesu njengoMesiya, amaKristu agcotshiwe anikwa “igunya lokuba ngabantwana bakaNkulunkulu.” (Joh. 1:12; 1 Pet. 2:24) “Ezinye izimvu” zikaJesu ezinokuthula ziyozuzani? UJesu uyoba “uYise Ongunaphakade” kuzo phakathi nokuBusa kwakhe Kweminyaka Eyinkulungwane enezindlalifa zasezulwini ezikanye naye. (Joh. 10:14, 16; Isaya 9:6; IsAm. 20:6) Ekupheleni kokuBusa kwakhe Kweminyaka Eyinkulungwane, labo bantu abangabenzi bokuthula bayoba abantwana bakaNkulunkulu basemhlabeni ngomqondo ogcwele.—1 Kor. 15:27, 28.

11. Siyobaphatha kanjani abanye uma siqondiswa “ukuhlakanipha kwaphezulu”?

11 Ukuze sibe nobuhlobo obuseduze noJehova, “uNkulunkulu wokuthula,” kumelwe silingise izimfanelo zakhe, kuhlanganise neyokuba onokuthula. (Fil. 4:9) Uma sivuma ukuqondiswa “ukuhlakanipha kwaphezulu,” siyophatha abanye ngokuthula. (Jak. 3:17) Yebo, siyoba abenzi bokuthula abajabulayo.

“Ukukhanya Kwenu Makukhanye”

12. (a) UJesu wathini ngokukhanya okungokomoya? (b) Singakwenza kanjani ukukhanya kwethu kukhanye?

12 Siphatha abantu ngendlela engcono kakhulu lapho sibasiza ukuba bathole ukukhanya okungokomoya okuvela kuNkulunkulu. (IHu. 43:3) UJesu watshela abafundi bakhe ukuthi ‘bawukukhanya kwezwe’ futhi wabanxusa ukuba benze ukukhanya kwabo kukhanye ukuze abantu babone ‘imisebenzi yabo emihle,’ noma izenzo ezinhle abazenzela abanye. Lokhu kwakuyobenza babe ukukhanya okungokomoya “phambi kwabantu,” noma babe ukukhanya okuzuzisa isintu. (Funda uMathewu 5:14-16.) Namuhla, senza ukukhanya kwethu kukhanye ngokwenzela omakhelwane bethu okuhle nangokuhlanganyela emsebenzini wokushumayela izindaba ezinhle “emhlabeni wonke,” okungukuthi, “ezizweni zonke.” (Math. 26:13; Marku 13:10) Yeka ilungelo esinalo!

13. Yini eyenza abantu babone ukuthi singabamemezeli boMbuso?

13 UJesu wathi: “Umuzi ophezu kwentaba ungefihleke.” Noma imuphi umuzi osentabeni uyobonakala kalula. Ngokufanayo, imisebenzi yethu emihle nezimfanelo zethu ezinjengokulinganisela nobumsulwa zenza abantu babone ukuthi singabamemezeli boMbuso.—Thithu 2:1-14.

14. (a) Ungazichaza kanjani izibani zangekhulu lokuqala? (b) Sikwenza kanjani ukuba singafihli ukukhanya okungokomoya ngaphansi “kwesitsha sokulinganisa”?

14 UJesu wakhuluma ngokukhanyisa isibani nokusibeka othini, hhayi ngaphansi kwesitsha, ukuze sikhanyisele bonke abasendlini. Isibani esivamile sangekhulu lokuqala sasiba isitsha sobumba esinentambo edonsa amafutha (ngokuvamile okwakuba awomnqumo) ukuze sikhanye. Njengoba ngokuvamile sasibekwa othini lokhuni noma lwensimbi, ‘sasikhanyisela bonke abasendlini.’ Abantu babengasikhanyisi isibani bese besibeka ngaphansi “kwesitsha sokulinganisa”—isitsha esikhulu esasingaqukatha amalitha angu-9 ezinto ezomile. UJesu akazange afune ukuba abafundi bakhe bafihle ukukhanya kwabo okungokomoya ngaphansi kwesitsha sokulinganisa esingokomfanekiso. Ngakho, kumelwe senze ukukhanya kwethu kukhanye, singalokothi sivumele ukuphikiswa noma ukushushiswa kusenze sifihle iqiniso elingokomBhalo noma siligodle.

15. ‘Imisebenzi yethu emihle’ ibathinta kanjani abanye abantu?

15 Ngemva kokukhuluma ngesibani esikhanyayo uJesu wathi kubafundi bakhe: “Ngokufanayo, ukukhanya kwenu makukhanye phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle bese benika uYihlo osemazulwini inkazimulo.” Ngenxa ‘yemisebenzi yethu emihle,’ abanye ‘banika uNkulunkulu inkazimulo’ ngokuba yizinceku zakhe. Yeka ukuthi lokhu kusikhuthaza kanjani ukuba siqhubeke ‘sikhanya njengezinkanyiso ezweni’!—Fil. 2:15.

16. Ukuba “ukukhanya kwezwe” kudinga ukuba senzeni?

16 Ukuba “ukukhanya kwezwe” kudinga ukuba sihlanganyele emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi. Kodwa kukhona nokunye okudingekayo. Umphostoli uPawulu wabhala: “Qhubekani nihamba njengabantwana bokukhanya, ngoba izithelo zokukhanya zihlanganisa zonke izinhlobo zobuhle nokulunga neqiniso.” (Efe. 5:8, 9) Kudingeka sibe izibonelo ezinhle zokuziphatha kokuhlonipha uNkulunkulu. Ngempela, kumelwe silalele iseluleko somphostoli uPetru: “Gcinani ukuziphatha kwenu kukuhle phakathi kwezizwe, ukuze kuthi, entweni ezikhuluma kabi ngani kuyo njengokungathi ningabenzi bokubi, zikhazimulise uNkulunkulu ngosuku lokuhlola kwakhe ngenxa yemisebenzi yenu emihle ezingofakazi bayo bokuzibonela.” (1 Pet. 2:12) Kodwa kufanele kwenziweni uma kuba nokungezwani phakathi kwamaKristu?

“Yenza Ukuthula Nomfowenu”

17-19. (a) Sasiyini “isipho” okukhulunywa ngaso kuMathewu 5:23, 24? (b) Kubaluleke kangakanani ukubuyisana nomfowenu, futhi uJesu wakubonisa kanjani?

17 ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu waxwayisa abafundi bakhe ngokufukamela intukuthelo nangokweya abafowabo. Kunalokho, kwakumelwe basheshe ukwenza ukuthula nabafowabo aboniwe. (Funda uMathewu 5:21-25.) Silalelisise lesi seluleko sikaJesu. Uma wawuletha isipho sakho e-altare bese ukhumbula lapho ukuthi umfowenu unokuthile ngawe, kwakumelwe wenzeni? Kwakumelwe ushiye isipho sakho phambi kwe-altare, uhambe uyokwenza ukuthula nomfowenu. Ngemva kwalokho, wawungabuyela e-altare uyonikela ngesipho sakho.

18 Ngokuvamile “isipho” sasiwumhlatshelo umuntu ayengase awulethe ethempelini likaJehova. Imihlatshelo yezilwane yayibaluleke kakhulu ngoba uNkulunkulu wayeyaleze ukuba ibe ingxenye yokukhulekela kwama-Israyeli ngaphansi koMthetho KaMose. Kodwa uma wawukhumbula ukuthi umfowenu unokuthile ngawe, ukulungisa indaba kwakubaluleke nakakhulu kunokunikela ngesipho sakho. UJesu wathi: “Shiya isipho sakho lapho phambi kwe-altare, uhambe; okokuqala yenza ukuthula nomfowenu, khona-ke, lapho usubuyile, unikele isipho sakho.” Ukubuyisana nomfowenu kwakufanele kuze kuqala kunokugcina isibopho esiseMthethweni.

19 UJesu akazange akhulume ngomnikelo wohlobo oluthile nangeziphambeko ezithile kuphela. Ngakho, noma imuphi umnikelo kwakumelwe ulinde uma umuntu ekhumbula ukuthi umfowabo unokuthile ngaye. Uma ayezonikela ngesilwane esiphilayo kwakumelwe asishiye “phambi kwe-altare” lomnikelo wokushiswa egcekeni lethempeli labapristi. Ngemva kokuxazulula inkinga, owayekade one omunye wayengabuya enze umnikelo.

20. Kungani kufanele sithathe isinyathelo sokulungisa indaba masinyane uma sithukuthelele umfowethu?

20 Ngokombono kaNkulunkulu, ubuhlobo bethu nabafowethu buyingxenye ebalulekile yokukhulekela kweqiniso. Imihlatshelo yezilwane yayingasho lutho kuJehova uma labo abayinikelayo babengabaphathi kahle abanye abantu. (Mika 6:6-8) Ngakho, uJesu wakhuthaza abafundi bakhe ukuba ‘balungise izindaba masinyane.’ (Math. 5:25) UPawulu wabhala okuthi akufane: “Thukuthelani, kodwa ningoni; ilanga malingashoni nisesimweni sokucasuka, futhi ningamniki uDeveli indawo.” (Efe. 4:26, 27) Uma kwenzeka siba nesizathu esifanele sokuthukuthela, kufanele sithathe isinyathelo sokulungisa indaba masinyane ukuze singahlali sisesimweni sokuthukuthela, kanjalo sivumele uSathane asizakale ngathi.—Luka 17:3, 4.

Phatha Abanye Ngenhlonipho Njalo

21, 22. (a) Singasisebenzisa kanjani iseluleko sikaJesu esisanda kuxoxa ngaso? (b) Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?

21 Ukubukeza kwethu amazwi athile ashiwo uJesu eNtshumayelweni YaseNtabeni kufanele kusisize ukuba siphathe abanye ngomusa nangenhlonipho. Nakuba sonke singaphelele, singasisebenzisa iseluleko sikaJesu ngoba akalindele okungaphezu kwalokho esingakwenza, futhi kungokufanayo nangoBaba wethu osezulwini. Ngomthandazo, ngomzamo oqotho nangesibusiso sikaJehova uNkulunkulu singakwazi ukuba abanomoya omnene, abanesihe nabanokuthula. Singabonisa ukukhanya okungokomoya okunika uJehova inkazimulo. Ngaphezu kwalokho, singenza ukuthula nomfowethu lapho kudingeka.

22 Ukukhulekela uJehova ngokwamukelekayo kuhlanganisa nokuphatha kahle omakhelwane bethu. (Marku 12:31) Esihlokweni esilandelayo, sizoxoxa ngamanye amazwi aseNtshumayelweni YaseNtabeni okufanele asisize ukuba siqhubeke senza okuhle kwabanye. Nokho, ngemva kokuzindla ngamaphuzu esesixoxe ngawo asenkulumweni kaJesu evelele, singase sizibuze, ‘Ngibaphatha kahle kangakanani abanye?’

[Umbhalo waphansi]

a Lapho utadisha, cishe uyokuthola kuzuzisa kakhulu ukufunda la mavesi ngaphambi kokufunda lesi sihloko nesilandelayo.

Ungaphendula Kanjani?

• Kusho ukuthini ukuba nomoya omnene?

• Kungani “abanesihe” bejabula?

• Singakwenza kanjani ukukhanya kwethu kukhanye?

• Kungani kufanele sisheshe ‘ukwenza ukuthula nomfowethu’?

[Isithombe ekhasini 4]

Ukumemezela isigijimi soMbuso kuyindlela ebalulekile yokwenza ukukhanya kwethu kukhanye

[Isithombe ekhasini 5]

AmaKristu kumelwe abe yizibonelo zokuziphatha kokuhlonipha uNkulunkulu

[Isithombe ekhasini 6]

Yenza konke ongakwenza ukuze wenze ukuthula nomfowenu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela