Ezentsha Yethu
Intukuthelo Yeselamani
Iziyalezo: Funda le ndaba endaweni ethule. Njengoba ufunda imiBhalo, zibone ngeso lengqondo uhilelekile kuleso senzakalo. Sibone ngeso lengqondo. Yizwa amazwi. Zizwe ngendlela abalingiswa abasemqoka abazizwa ngayo. Yenze iphile indaba.
HLAZIYA ISIGCAWU.—FUNDA UGENESISE 4:1-12.
Ngeso lengqondo, ubungakuchaza kanjani ukubukeka kukaKhayini nesimo sakhe? Kuthiwani ngo-Abela?
․․․․․
Imiphi “imisebenzi yenyama” uKhayini ayenayo, futhi yayibonakala kanjani? (Galathiya 5:19-21)
․․․․․
ZINDLA NGOKUJULILE.—PHINDA UFUNDE AMAVESI 4-7.
Ingabe uJehova wamukela noma wenqaba imihlatshelo kuphela, noma kwakuhileleke okwengeziwe? (IzAga 21:2)
․․․․․
Intukuthelo ingathethelelwa ngaphansi kwaziphi izimo, kodwa kungani kwakungafanele neze ukuba uKhayini ‘avuthe intukuthelo’?
․․․․․
Kungafaneleka nini ukuba nomhawu, kodwa kungani kwakungafanele endabeni kaKhayini? (1 AmaKhosi 19:10)
․․․․․
UKhayini wayengathatha ziphi izinyathelo ukuze ‘ahlule’ intukuthelo yakhe?
․․․․․
SEBENZISA OKUFUNDILE. BHALA LOKHO OKUFUNDILE MAYELANA . . .
Nentukuthelo.
․․․․․
Nomhawu.
․․․․․
Nendlela ‘yokuhlula’ ukuthambekela okungafanele.
․․․․․
YINI EKUHLABA UMXHWELE KAKHULU NGALOKHU KULANDISA, FUTHI NGANI?
․․․․․