Indlela Ukholo Lwami Olwangisiza Ngayo Ukuba Ngibhekane Nezinhlekelele
Njengoba ilandiswa nguSoledad Castillo
Izikhathi eziningana ekuphileni kwami, ngacishe ngabulawa isizungu —kodwa akuzange kwenzeke. Lapho ngineminyaka engu-34, umyeni wami othandekayo washona. Eminyakeni eyisithupha kamuva, kwashona ubaba. Ngemva kwezinyanga ezingu-8 kushone ubaba, ngathola ukuthi indodana yami okuwukuphela kwayo inesifo esingalapheki.
IGAMA lami nginguSoledad, okusho ukuthi “Isizungu.” Nakuba kubonakala kuyinqaba, angikaze ngizizwe nginesizungu ngokuphelele. Lapho ngibhekene nezinhlekelele, ngangikholelwa ukuthi uJehova uNkulunkulu ukhona, ‘engibambé ngesandla futhi engisiza ukuba ngingesabi.’ (Isaya 41:13) Ake ngichaze ukuthi ngasinda kanjani ezinhlekeleleni engabhekana nazo nokuthi zangisondeza kanjani kuJehova.
Ukuphila Okujabulisayo Okunezinkinga Ezimbalwa
Ngazalelwa eBarcelona, eSpain, ngo-May 3, 1961, ngiwukuphela kwengane kubazali bami, uJosé noSoledad. Lapho sengineminyaka engu-9 ubudala, umama wafunda iqiniso leZwi likaNkulunkulu. Wayefune izimpendulo zemibuzo yakhe yenkolo kodwa wangakuthola ukwaneliseka esontweni lakhe. Ngolunye usuku, wavakashelwa oFakazi BakaJehova ababili ekhaya futhi baphendula yonke imibuzo yakhe ngemiBhalo. Wasamukela ngenjabulo isifundo seBhayibheli.
Kungakadluli isikhathi eside, umama waba uFakazi KaJehova obhapathiziwe, futhi ngemva kweminyaka embalwa, nobaba walandela isibonelo sakhe. U-Eliana, owayefundela umama, ngokushesha waqaphela ukuthi nginesithakazelo esikhulu eZwini likaNkulunkulu. Nakuba ngangiseyintombazanyana nje, u-Eliana wasikisela ukuba ngiqhutshelwe esami isifundo. Ngenxa yosizo lwakhe nesikhuthazo sikamama, ngabhapathizwa lapho sengineminyaka engu-13 ubudala.
Phakathi neminyaka yokweva eshumini nambili, ngangivame ukuthandaza kuJehova—ikakhulukazi lapho kufanele ngenze izinqumo. Empeleni, nganginezinkinga ezimbalwa kakhulu ngisakhula. Ebandleni, nganginabangane abaningi, futhi ngangisondelene kakhulu nabazali bami. Ngo-1982, ngashada noFelipe, uFakazi owayenemigomo engokomoya enjengeyami.
Ukukhulisa Ingane Yethu Ukuba Ithande UJehova
Ngemva kweminyaka emihlanu, ngazala umfanyana omuhle esametha ngoSaúl. Mina noFelipe sasijabule ngokuba nomntwana. Sasinethemba lokuthi uSaúl wayezokhula eyingane ewumqemane futhi enokulinganisela ethanda uNkulunkulu. Mina noFelipe sasichitha isikhathi esiningi noSaúl, sixoxa naye ngoJehova, sidla ndawonye, siya naye epaki futhi sidlala naye. USaúl wayekuthanda ukuhamba noFelipe beyotshela abanye ngamaqiniso eBhayibheli, futhi wamsiza ukuba aqale enkonzweni esemncane, emfundisa ukungqongqoza nokuhambisela abantu amapheshana.
USaúl wakhula kahle ngenxa yothando lwethu nokumqeqesha. Lapho eseneminyaka eyisithupha, wayeshumayela nathi njalo. Wayekuthanda ukulalela izindaba zeBhayibheli, futhi wayebheka phambili esifundweni seBhayibheli somkhaya. Ngokushesha ngemva kokuqala ukuya esikoleni, waqala ukwenza izinqumo ezincane ezisekelwe olwazini lwakhe lweBhayibheli.
Nokho, lapho uSaúl eseneminyaka engu-7 ubudala, ukuphila komkhaya wethu kwashintsha kakhulu. UFelipe wangenwa yisifo samaphaphu esibangelwa yigciwane elithile. Kwaphela izinyanga ezingu-11 enalesi sifo, engakwazi ukusebenza futhi ehlala esembhedeni. Lapho eseneminyaka engu-36 umyeni wami, washona.
Ngisafikelwa yizinyembezi uma ngikhumbula lowo nyaka onzima. Ngabona umyeni wami efa kancane kancane ngenxa yaleli gciwane, futhi kungekho engingakwenza. Phakathi naso sonke leso sikhathi, ngangizama ukumkhuthaza uFelipe, nakuba ekujuleni kwenhliziyo, amathemba ami nezinhloso zami zazishabalala. Ngangimfundela izihloko ezingokomBhalo, futhi zasiqinisa lapho sesingasakwazi ukuya emihlanganweni yobuKristu. Lapho eshona, ngaba nomuzwa wokulahlekelwa okukhulu.
Nokho, uJehova wangisekela. Ngangimcela njalo ukuba angiphe umoya wakhe. Ngangimbonga ngeminyaka yenjabulo mina noFelipe esasiyichithe ndawonye nangethemba lokuphinde ngimbone ngovuko. Ngacela uNkulunkulu ukuba angisize ngijabule uma ngikhumbula lokho mina nomyeni wami esasikuhlanganyele ndawonye futhi anginike ukuhlakanipha kokukhulisa ingane yethu njengomKristu weqiniso. Nakuba ngangizwa ubuhlungu obukhulu, ngaduduzeka.
Abazali bami kanye namalungu ebandla bangisekela kakhulu. Noma kunjalo, kwakudingeka ngihole lapho sinesifundo seBhayibheli noSaúl futhi ngimfundise indlela yokukhonza uJehova. Umqashi wami wangaphambili wanginika umsebenzi omuhle wasehhovisi, kodwa ngakhetha umsebenzi wokuhlanza ukuze ngichithe isikhathi esengeziwe noSaúl futhi sibe ndawonye lapho evela esikoleni.
Kunombhalo owawungisiza ngibone ukubaluleka kokuqeqesha uSaúl ngokomoya: “Qeqesha umntwana ngokwendlela emfanele; ngisho nalapho ekhula ngeke aphambuke kuyo.” (IzAga 22:6) Lo mbhalo wawunginika ithemba lokuthi uma ngenza konke okusemandleni ami ukuba ngidlulisele izindinganiso ezingokomoya kuSaúl, uJehova wayeyoyibusisa imizamo yami. Kuyiqiniso ukuthi kwadingeka ngizidele ngokwezimali, kodwa ngangidinga isikhathi esithe xaxa nendodana yami, futhi lokhu kwakubaluleke kakhulu kimi kunanoma iyiphi inzuzo yezinto ezibonakalayo.
Lapho uSaúl eseneminyaka engu-14 ubudala, ubaba washona. USaúl waphatheka kabi kakhulu, ngoba ukushona kukayisemkhulu kwamkhumbuza bonke ubuhlungu ayebuzwile lapho kushona uyise. Ubaba naye wayebe isibonelo esihle sokuthanda uJehova. Ngemva kokushona kwakhe, uSaúl wanquma ukuthi wayewukuphela “kwendoda” emkhayeni, futhi manje kwakuzodingeka anakekele unina nogogo.
Ukulwa Nomdlavuza Wegazi
Ngemva kwezinyanga ezingu-8 kushone ubaba, udokotela womkhaya wathi ngiyise uSaúl esibhedlela sendawo, ngoba wayenenkinga yokucobeka kakhulu. Ngemva kokuxilongwa okuhlukahlukene, odokotela bangitshela ukuthi uSaúl unomdlavuza wegazi.a
Phakathi neminyaka emibili nesigamu eyalandela, uSaúl wangena ephuma esibhedlela ehlushwa yilo mdlavuza nawukwelashwa ngamakhemikhali ayesetshenziswa odokotela bezama ukuwelapha. Ukwelashwa izinyanga ezingu-6 zokuqala kwenza ukuba umdlavuza unqamuke izinyanga ezingaba ngu-18. Kodwa wabuya, futhi uSaúl welashwa isikhashana ngamakhemikhali okwamenza waba buthaka kakhulu. Umdlavuza wanqamuka okwesikhashana, futhi uSaúl wayengasenakukwazi ukubekezelela ukwelashwa ngamakhemikhali okwesithathu. USaúl wayesenikezele ukuphila kwakhe kuNkulunkulu futhi esezwakalise isifiso sakhe sokubhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova, kodwa washona ngemva nje kokuhlanganisa iminyaka engu-17 ubudala.
Odokotela bavame ukutusa ukumpontshelwa igazi ukuze banqande imiphumela emibi yokwelashwa ngamakhemikhali. Kodwa, ukumpontshelwa akunakuselapha lesi sifo. Lapho odokotela bethola okokuqala ukuthi uSaúl unomdlavuza wegazi, mina noSaúl kwadingeka sicacise ukuthi sasingeke siyamukele le ndlela yokwelapha, ngoba sasifuna ukulalela umthetho kaJehova wokuba ‘sidede egazini.’ (IzEnzo 15:19, 20) Izikhathi eziningana, uSaúl kwadingeka aqinisekise odokotela ngingekho ukuthi wayezenzele yena isinqumo kule ndaba. (Bheka ibhokisi elisekhasini 31.)
Ekugcineni odokotela bafinyelela isinqumo sokuthi uSaúl wayeyingane evuthiwe eyayisiqonda ngokuphelele lesi sifo. Bavuma ukuhlonipha umbono wethu nokumelapha ngaphandle kwegazi, nakuba babesicindezela njalo ukuba sishintshe isinqumo sethu. Ngaziqhenya ngoSaúl lapho ngimlalele echazela odokotela ngesinqumo sakhe. Ngokusobala, wayenobuhlobo obuseduze noJehova.
Ngesikhathi esezwa ngaso ngesifo sikaSaúl, kwakhishwa incwadi ethi Sondela KuJehova emhlanganweni wethu wesigodi eBarcelona. Leyo ncwadi eyigugu yabonakala iyihange elasigcina siqinile njengoba sasibhekene nekusasa elingaqinisekile futhi elalisabisa. Phakathi namahora esawahlala esibhedlela, sasifunda izingxenye ezithile zayo ndawonye. Phakathi nezikhathi eziningi ezinzima esabhekana nazo kamuva, sasikukhumbula njalo ekuqukethe. Kungaleso sikhathi lapho umbhalo ka-Isaya 41:13, oshiwo esanduleleni sale ncwadi, waba nencazelo ekhethekile kithi. Uthi: “Mina, Jehova uNkulunkulu wakho, ngibambé isandla sakho sokunene, mina engithi kuwe, ‘Ungesabi. Ngizokusiza mina mathupha.’”
Ukholo LukaSaúl Luthinta Izinhliziyo Zabanye
Ukuvuthwa nethemba likaSaúl kwabahlaba umxhwele kakhulu odokotela nabahlengikazi baseSibhedlela saseVall d’Hebrón. Lokhu kwamenza wathandwa yilo lonke ithimba elalimnakekela. Kusukela ngaleso sikhathi udokotela omkhulu wezifo zegazi owayenakekela iziguli zomdlavuza uselaphe ezinye izingane zoFakazi ezinomdlavuza wegazi, futhi uye waziphatha ngenhlonipho enkulu nangesizotha. Ukhumbula isinqumo esiqinile sikaSaúl sokunamathela ezinkolelweni zakhe, isibindi sakhe lapho ebhekene nokufa, nethemba lakhe ekuphileni. Ithimba labahlengikazi latshela uSaúl ukuthi uyisiguli esiphambili kunazo zonke ababeke baba nazo kulelo gumbi. Lathi wayengalokothi akhononde futhi wayehlala enamahlaya—ngisho nalapho esezoshona.
Isazi esithile sokusebenza kwengqondo sangitshela ukuthi izingane eziningi ezingontanga kaSaúl ezibhekana nesifo esingalapheki zivame ukuvukela odokotela nabazali ngenxa yokuphatheka kabi nokukhungatheka. Saqaphela ukuthi uSaúl wayengakaze akwenze lokho. Kuso, kwakumangalisa ukubona uSaúl ezolile futhi enesimo esihle sengqondo. Lokhu kwasinika ithuba mina noSaúl lokufakaza ngokholo lwethu.
Ngisakhumbula nendlela uSaúl asiza ngayo uFakazi othile ebandleni lethu engahlosile. Kwase kuyiminyaka eyisithupha lo Fakazi ecindezelekile, futhi imithi yayingazange imsize. Izikhathi eziningi, wayechitha ubusuku bonke enakekela uSaúl esibhedlela. Wangitshela ukuthi isimo sengqondo sikaSaúl lapho ephethwe umdlavuza wegazi samhlaba umxhwele kakhulu. Waqaphela ukuthi nakuba uSaúl ayekhathele, wayezama ukukhuthaza bonke abamvakashelayo. Lo Fakazi uthi: “Isibonelo sikaSaúl sanginika isibindi sokulwa nokucindezeleka kwami.”
Sekuphele iminyaka emithathu uSaúl ashona. Ubuhlungu busekhona. Angiyena umuntu oqinile, kodwa uNkulunkulu unginike “amandla angaphezu kwavamile.” (2 Korinte 4:7) Ngifundé ukuthi ngisho noma sibhekene nezikhathi ezinzima nezibuhlungu kakhulu kuhlale kukhona esingakufunda kuzo. Ukufunda ukubhekana nokushona komyeni wami, ubaba nendodana yami kungisize ukuba ngizidele kakhulu futhi ngibaqonde kangcono abanye abahluphekayo. Ngaphezu kwakho konke, kuye kwangisondeza kuJehova. Ngingabhekana nekusasa ngaphandle kokwesaba ngoba uBaba wasezulwini usangisiza. Usangibambé ngesandla.
[Umbhalo waphansi]
a USaúl wayene-lymphoblastic leukemia, uhlobo olubi lomdlavuza wegazi oluhlasela amangqamuzana amhlophe egazi.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 31]
INGABE WAKE WAZIBUZA?
Mhlawumbe usuke wezwa ukuthi oFakazi BakaJehova abakwamukeli ukumpontshelwa igazi. Ingabe wake wazibuza ukuthi kungani?
Ngokuvamile abantu abaningi abasiqondi lesi sinqumo esisekelwe emiBhalweni. Ngezinye izikhathi abantu bavele bazitshele ukuthi oFakazi BakaJehova benqaba zonke izinhlobo zokwelashwa noma abakwazisi nhlobo ukuphila. Akulona neze iqiniso lokho. OFakazi BakaJehova bazifunela ukwelashwa okungcono kakhulu bona namalungu emikhaya yabo. Kodwa, bafuna ukwelashwa okungalisebenzisi igazi. Ngani?
Ukwenqaba kwabo kusekelwe emthethweni oyisisekelo uNkulunkulu awunika isintu. Ngemva nje kweSikhukhula sosuku lukaNowa, uNkulunkulu wanika uNowa nomkhaya wakhe imvume yokudla inyama yezilwane. Kodwa uNkulunkulu wabeka nanku umthetho oqinile: Kwakungamelwe badle igazi. (Genesise 9:3, 4) Abantu bazo zonke izinhlanga bavela kuNowa, ngakho lo mthetho ubopha sonke isintu. Awuzange uqedwe. Ngemva kweminyaka engamakhulu angu-8, uNkulunkulu wawuqinisa lo mthetho esizweni sakwa-Israyeli, echaza ukuthi igazi lingcwele, limelele umphefumulo, noma ukuphila ngokwakho. (Levitikusi 17:14) Ngemva kweminyaka engu-1 500, abaphostoli abangamaKristu bayala wonke amaKristu ukuba ‘adede egazini.’—IzEnzo 15:29.
KoFakazi BakaJehova, kuyacaca ukuthi akunakwenzeka ukudeda egazini uma lifakwa emzimbeni ngokumpontshelwa. Ngakho-ke, bafuna ukusebenzisa ezinye izindlela zokwelashwa. Leso sizathu esingokomBhalo ngokuvamile senza bathole ukwelashwa okusezingeni eliphezulu. Akungabazeki ukuthi kungalesi sizathu nabantu abangebona oFakazi BakaJehova becela ukwelashwa ngaphandle kwegazi.
[Isithombe ekhasini 29]
Nginomyeni wami uFelipe nendodana yethu uSaúl
[Isithombe ekhasini 29]
Abazali bami, uJosé noSoledad
[Isithombe ekhasini 30]
USaúl esikhathini esingangenyanga ngaphambi kokushona kwakhe