Ezentsha Yethu
Itulo Lokubulala Liphendukela Abahleli Balo!
Iziyalezo: Funda le ndaba endaweni ethule. Njengoba ufunda imiBhalo, zibone ngeso lengqondo uhilelekile kuleso senzakalo. Sibone ngeso lengqondo. Yizwa amazwi. Zizwe ngendlela abali- ngiswa abasemqoka abazizwa ngayo. Yenze iphile indaba.
HLAZIYA ISIGCAWU.—FUNDA UDANIYELI 6:1-28.
Ucabangani? UDariyu wayewuhlobo olunjani lomuntu? Chaza ukubukeka kwakhe ngendlela ocabanga ngayo. “Uzwani” ephimbweni lakhe? (Phinda ufunde amavesi 14, 16, 18-20.)
․․․․․
Unjani lo mgodi, futhi ungazichaza kanjani izingonyama?
․․․․․
Chaza lokho ocabanga ukuthi kwenzeka phakathi nemizuzu yokuqala ngemva kokuvalelwa kukaDaniyeli emgodini wezingonyama.
․․․․․
ZINDLA NGOKUJULILE.
Kungani izikhulu zikaDariyu zazimfel’ umona uDaniyeli? (Phinda ufunde ivesi 3.)
․․․․․
Kungani uDaniyeli akhetha ukuthandaza obala kuyilapho ayengenza kanjalo ngasese? (Phinda ufunde amavesi 10, 11.)
․․․․․
Kungani uDariyu ayengase akuthande ukuhlongoza umthetho ophathelene nokuthandaza? (Phinda ufunde ivesi 7.)
․․․․․
SEBENZISA OKUFUNDILE. BHALA LOKHO OKUFUNDILE MAYELANA . . .
Nokuba nesibindi lapho siphikiswa.
․․․․․
Nokubaluleka komthandazo.
․․․․․
Nokukhathalela kukaJehova izinceku zakhe ezithembekile.
․․․․․
YINI EKUHLABE UMXHWELE KAKHULU NGALOKHU KULANDISA, FUTHI NGANI?
․․․․․