Ezentsha Yethu
Indlela IPharadesi Elalahleka Ngayo
Iziyalezo: Funda le ndaba endaweni ethule. Njengoba ufunda imiBhalo, zibone ngeso lengqondo uhilelekile kuleso senzakalo. Sibone ngeso lengqondo. Yizwa amazwi. Zizwe ngendlela abalingiswa abazizwa ngayo. Yenza le ndaba iphile.
HLAZIYA ISIGCAWU.—FUNDA UGENESISE 3:1-24.
Ucabanga ukuthi u-Eva wasabela kanjani lapho inyoka iqala ukukhuluma naye?
․․․․․
Njengoba ukhumbula ukuthi u-Adamu no-Eva bona ngamabomu, ucabanga ukuthi babezizwa kanjani njengoba kushiwo emavesini 7-10?
․․․․․
Ubona sengathi sasinjani isimo ngesikhathi u-Adamu no-Eva bexoshwa ensimini yase-Edene, njengoba kuchazwe emavesini 22-24?
․․․․․
CWANINGISISA.
Amehlo ka-Eva amholela kanjani ekoneni? (Phinda ufunde ivesi 6.)
․․․․․
Kungani isithelo saba ‘ngokuthile okulangazelelekayo’ ku-Eva? (Phinda ufunde amavesi 4 no-5.)
․․․․․
Yini okungenzeka yabangela u-Adamu ukuba ahlanganyele no-Eva ekoneni? (Phinda ufunde ivesi 6.)
․․․․․
Isono sasiyobuthinta kabi kanjani ubuhlobo phakathi kwabesilisa nabesifazane ezizukulwaneni ezaziyolandela? (Phinda ufunde ivesi 16.)
․․․․․
Kwaba sobala kanjani ukuthi ubuhlobo buka-Adamu no-Eva baba muncu ngemva kokona? (Phinda ufunde ivesi 12.)
․․․․․
UJehova wayilungisa kanjani ngokushesha le nkinga ukuze injongo yakhe iphumelele? (Phinda ufunde ivesi 15.)
․․․․․
SEBENZISA OKUFUNDILE. BHALA LOKHO OKUFUNDILE MAYELANA . . .
Nezingozi zomoya wokuzibusa.
․․․․․
Nendlela amehlo angazithuthukisa ngayo izifiso ezimbi.
․․․․․
Nobuze bokusola abanye ngamaphutha ethu.
․․․․․
YINI EKUHLABE UMXHWELE KAKHULU NGALOKHU KULANDISA, FUTHI NGANI? ․․․․․