UJesu—Lokho Abantu Abakushoyo Ngaye
“Akungabazeki ukuthi uJesu waseNazaretha . . . ungumuntu ovelele kunabo bonke emlandweni.”—UH. G. Wells, isazi-mlando saseNgilandi.
“UKristu uzimele . . . yedwa uma eqhathaniswa nawo wonke amaqhawe emlandweni.”—UPhilip Schaff, isazi semfundiso yenkolo saseSwitzerland.
UBANI ofanelekela ukubizwa ngomuntu omkhulu kunabo bonke owake waphila? Bungalinganiswa kanjani ubukhulu bomuntu? Ngokukhalipha kwakhe kwezempi? Ngamandla akhe angokomzimba? Ngokuhlakanipha kwakhe? Noma kufanele kulinganiswe ngezinga amazwi akhe nezenzo okuthonya ngalo abantu nangesibonelo asibekayo?
Phawula lokho izazi-mlando, ososayensi, izazi, abalobi, abaholi bezombangazwe nabanye—bangesikhathi esidlule namanje—abaye bakusho ngendoda yaseNazaretha, uJesu Kristu:
“Kodwa bekungadingeka kusontwe amaqiniso ngendlela emangalisayo, ukuze kuphikwe umuntu onethonya elikhulu—hhayi nje kulezi zinkulungwane zeminyaka ezimbili kuphela kodwa kuwo wonke umlando wesintu.”—UReynolds Price, umlobi nesazi seBhayibheli saseMelika.
“Indoda eyayiqotho ngokuphelele yanikela ukuphila kwayo njengomhlatshelo ukuze kusizakale abanye, kuhlanganise nezitha zayo futhi yaba isihlengo sezwe. Kwakuyisenzo esingenaphutha.”—UMohandas K. Gandhi, umholi wezombangazwe nezenkolo waseNdiya.
“Lapho ngisengumntwana ngafundiswa ngeBhayibheli nange-Talmud. NgingumJuda, kodwa ingihlaba umxhwele indaba yalo mNazaretha.”—U-Albert Einstein, usosayensi owazalelwa eJalimane.
“Kimi, uJesu Kristu ungumuntu ohamba phambili kunabo bonke emlandweni wonke, kokubili njengeNdodana kaNkulunkulu nanjengeNdodana Yomuntu. Yonke into ayisho noma ayenza inosizo kithi namuhla, futhi lokho kuyinto ongenakuyisho nganoma imuphi omunye umuntu, ophilayo noma osewafa.”—USholem Asch, umlobi wezincwadi owazalelwa ePoland ocashunwe kwethi Christian Herald; omalukeke bakule ncwadi ngokwayo.
“Eminyakeni engu-35 yokuphila kwami, ngangikholelwa ekutheni ukuphila akunanjongo. Eminyakeni emihlanu edlule ngaqala ukuba nokholo. Ngakholelwa emfundisweni kaJesu Kristu futhi ukuphila kwami konke kwavele kwashintsha.”—UMhlonishwa uLeo Tolstoy, umlobi nesazi sefilosofi saseRussia.
“Ukuphila [kukaJesu] kunethonya kunanoma yikuphi okunye kule mbulunga futhi imiphumela yethonya lakho isaqhubeka yanda.”—UKenneth Scott Latourette, isazi-mlando nomlobi waseMelika.
“Ingabe umlando wokushumayela uyinganekwane? Lutho neze, awuyona neze inganekwane. Kunalokho, umlando kaSocrates ongangatshazwa muntu, awuqinisekisiwe uma uqhathaniswa nokaJesu Kristu.”—UJean-Jacques Rousseau, isazi sefilosofi saseFrance.
Kuyacaca ukuthi uma kukhona umuntu okufanele ukuba abe yisibonelo ekuphileni, lowo muntu uJesu Kristu. UPawulu, indoda efundile yangekhulu lokuqala eyakhethwa uJesu ukuba ibe ngumlandeli wakhe futhi ikhulume ngaye ezizweni, usinxusa ukuba “sigxilise amehlo ethu” kuJesu. (Hebheru 12:2; IzEnzo 9:3) Yini uJesu angasifundisa yona ngendlela okufanele siphile ngayo? Kungakuzuzisa kanjani ukuphila kwakhe?