Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 3/1 k. 15
  • “Ngibazi Kahle Ubuhlungu Ababuzwayo”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ngibazi Kahle Ubuhlungu Ababuzwayo”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Mina Jehova UNkulunkulu Wenu Ngingcwele”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Funda Izindlela ZikaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Isihlahla Esivuthayo
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • UMose—Indlela Ukuphila Kwakhe Okukuthinta Ngayo
    I-Phaphama!—2004
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 3/1 k. 15

Sondela KuNkulunkulu

“Ngibazi Kahle Ubuhlungu Ababuzwayo”

Eksodusi 3:1-10

“UNGCWELE, ungcwele, ungcwele uJehova.” (Isaya 6:3) Lawo mazwi aphefumulelwe abonisa ukuthi uJehova uNkulunkulu uhlanzekile futhi umsulwa ngomqondo ophelele. Ungase ubuze, ‘Ingabe ubungcwele bakhe bumenza angabi nandaba noma angangeneki? Ingabe uNkulunkulu onjalo ongcwele uyangikhathalela ngempela—mina muntu onesono, ongaphelele?’ Ake sihlole amazwi aqinisekisayo uNkulunkulu awasho kuMose, alotshwe ku-Eksodusi 3:1-10.

Lapho eluse izimvu ngelinye ilanga, uMose wabona umbono ongavamile—isihlahla somunga sasivutha kodwa “singashi.” (Ivesi 2) Emangele, wasondela ukuze abukisise. Ngengelosi, uJehova wakhuluma noMose ephakathi komlilo: “Ungasondeli lapha. Khumula izimbadada zakho ezinyaweni zakho, ngoba indawo omi kuyo ingumhlabathi ongcwele.” (Ivesi 5) Ake ucabange—ngenxa yokuthi isihlahla esivuthayo sasimelela ukuba khona kukaNkulunkulu ongcwele, lowo mhlabathi waba ngcwele!

UNkulunkulu ongcwele wayenesizathu sokukhuluma noMose. UNkulunkulu wathi: “Ngokuqinisekile ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngikuzwile ukukhala kwabo ngenxa yalabo ababacindezela ngomsebenzi; ngoba ngibazi kahle ubuhlungu ababuzwayo.” (Ivesi 7) UNkulunkulu wayelubona usizi lwabantu bakhe; futhi wayekuzwa ukunxusa kwabo. Usizi lwabo lwaba olwakhe. Phawula ukuthi uNkulunkulu wathi: “Ngibazi kahle ubuhlungu ababuzwayo.” Ngokuphathelene namazwi athi “Ngibazi kahle,” incwadi ethile ithi: “Le nkulumo ibonisa umuzwa womuntu siqu, isisa nozwela.” Amazwi uJehova awasho kuMose embula uNkulunkulu owayekhathazeke kakhulu nokhathalelayo.

UNkulunkulu wayezokwenzani? Akazange nje abukele enesihawu noma alalele ngozwela. Washukumiseleka ukuba athathe isinyathelo. Wanquma ukukhulula abantu bakhe eGibhithe nokubayisa “ezweni eligeleza ubisi noju.” (Ivesi 8) Ukuze enze lokho, uJehova wathuma uMose, ethi: ‘Khipha abantu bami eGibhithe.’ (Ivesi 10) Ngokwenza lowo msebenzi ngokwethembeka, uMose wakhipha ama-Israyeli eGibhithe ngo-1513 B.C.E.

UJehova akakashintshi. Abakhulekeli bakhe namuhla bangaqiniseka ngokuthi uyazibona izinkinga zabo futhi uyakuzwa ukukhalela kwabo usizo. Ubazi kahle ubuhlungu ababhekana nabo. Kodwa uJehova akagcini nje ngokuba nozwela ngezinceku zakhe ezizinikele. Lo Nkulunkulu onesisa ushukumiseleka ukuba athathe isinyathelo ngoba ‘uyazikhathalela.’—1 Petru 5:7.

Uzwela lukaNkulunkulu lusinika isizathu sethemba. Ngosizo lwakhe, thina bantu abangaphelele singafinyelela izinga elithile lobungcwele futhi samukeleke kuye. (1 Petru 1:15, 16) Owesifazane othile ongumKristu owayecindezelekile futhi edumazekile wathola induduzo endabeni kaMose nesihlahla somunga. Uthi: “Uma uJehova engenza ngisho nomhlabathi ube ngcwele, khona-ke kungenzeka kusenethenjana ngami. Lelo qiniso liye langisiza kakhulu.”

Ingabe ushukumiseleka ukuba ufunde okwengeziwe ngoNkulunkulu ongcwele, uJehova? Ungaba nobuhlobo obuseduze naye, ngoba uJehova “uyakwazi ukwakheka kwethu, ekhumbula ukuthi siluthuli.”—IHubo 103:14.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela