Ezentsha Yethu
Ukuvuswa KukaLazaru
Iziyalezo: Funda le ndaba endaweni ethule. Njengoba ufunda imiBhalo, zibone ngeso lengqondo uhilelekile kuleso senzakalo. Sibone ngeso lengqondo. Yizwa amazwi. Zizwe ngendlela abalingiswa abasemqoka abazizwa ngayo.
HLAZIYA ISIGCAWU.—FUNDA UJOHANE 11:1-45.
Imuphi umuzwa owubona kuMarta uma ufunda ivesi 21 nakuMariya uma ufunda ivesi 32?
․․․․․
Yini oyibona ngeso lengqondo njengoba ucabanga ngemizwa enamandla kaJesu echazwe emavesini 33 no-35?
․․․․․
Zama ukucabanga ukuthi bekungaba njani ukubhekana nalokho okulotshwe emavesini 43 no-44—ngokombono kaLazaru nowalabo ababekhona.
ZINDLA NGOKUJULILE.
Ukuya eBhethaniya kwakuwuhambo lwezinsuku ezimbili ukusuka lapho uJesu ayekhona. Pho, kungani uJesu anquma ukuzindela? (Phinda ufunde ivesi 6.)
․․․․․
IBhayibheli libonisa kanjani ukuthi uMariya noMarta babezithanda izinto ezingokomoya? (Luka 10:38, 39; Johane 11:24)
․․․․․
Kungani uJesu avusa abantu nakuba babezophinde bafe? (Marku 1:41, 42; Johane 5:28, 29; 11:45)
․․․․․
SEBENZISA OKUFUNDILE. BHALA LOKHO OKUFUNDILE MAYELANA . . .
Namandla kaJesu nokuzimisela kwakhe ukuvusa abafileyo.
․․․․․
Nokujula kozwela lukaJesu ngabasosizini.
․․․․․
UBANI OBUNGATHANDA UKUMBONA NOMA UKUHLANGANA NAYE OVUKWENI?
․․․․․
YINI EKUHLABE UMXHWELE KAKHULU NGALOKHU KULANDISA, FUTHI NGANI?
․․․․․