Ukuzalwa Okusha—Kubaluleke Kangakanani?
KUYO yonke ingxoxo yakhe noNikhodemu, uJesu wagcizelela ukuthi ukuzalwa okusha, noma ukuzalwa kabusha, kubaluleke kakhulu. Wakucacisa kanjani lokho?
Phawula indlela uJesu agcizelela ngayo ukubaluleka kokuzalwa okusha lapho exoxa noNikhodemu. Wathi: “Ngaphandle kokuba umuntu aphinde azalwe, akanakuwubona umbuso kaNkulunkulu.” (Johane 3:3) Amazwi athi “ngaphandle kokuba” nelithi “akanakuwubona” agcizelela ukubaluleka kokuzalwa okusha. Ngokwesibonelo: Uma othile ethi, “Ngaphandle kokuba ilanga liphume, ngeke ibe khona imini,” usho ukuthi ilanga liyadingeka nakanjani ukuze kube nemini. Ngendlela efanayo, uJesu wathi ukuzalwa kabusha kuyadingeka ukuze umuntu abone umbuso kaNkulunkulu.
Ekugcineni, njengokungathi wayefuna ukuqeda konke ukungabaza ngale ndaba, uJesu wathi: “Kumelwe niphinde nizalwe.” (Johane 3:7) Ngokusobala, ngokusho kukaJesu, ukuzalwa kabusha kuyimfuneko ‘yokungena embusweni kaNkulunkulu.’—Johane 3:5.
Njengoba uJesu ayebheka ukuzalwa kabusha njengendaba ebalulekile, amaKristu kufanele aqiniseke ukuthi ayiqonda kahle le ndaba. Ngokwesibonelo, ucabanga ukuthi umKristu angazikhethela ukuthi ufuna ukuzalwa kabusha?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]
“Ngaphandle kokuba ilanga liphume, ngeke ibe khona imini”