Ukuzalwa Okusha—Ingabe Kuyisinqumo Somuntu Siqu?
KUVELA kubani ukuzalwa okusha? Lapho beyala izilaleli ukuba zibe amaKristu azelwe kabusha, abanye abefundisi bacaphuna amazwi kaJesu: “Kumelwe niphinde nizalwe.” (Johane 3:7) Labo befundisi basebenzisa la mazwi njengomyalo, empeleni bathi, “Zalwani kabusha!” Kanjalo bafundisa ukuthi ikholwa ngalinye lingamlalela uJesu futhi lithathe izinyathelo ezifanele zokuzalwa kabusha. Ngokwalowo mbono, umuntu angazikhethela ukuzalwa kabusha. Kodwa ingabe lowo mbono uyavumelana nalokho uJesu akutshela uNikhodemu?
Ukufundisisa amazwi kaJesu kubonisa ukuthi wayengafundisi ukuthi kukumuntu ukuzikhethela ukuthi ufuna ukuzalwa kabusha yini noma cha. Kungani sisho kanjalo? Inkulumo yesiGreki ehunyushwe ngokuthi “aphinde azalwe” ingahunyushwa nangokuthi “kufanele azalwe ngokwaphezulu.”a Ngakho, ngokwale ndlela ehlukile yokuhumusha, ukuzalwa kabusha kuvela “phezulu”—okuwukuthi, “ezulwini,” noma “kuBaba.” (Johane 19:11; umbhalo waphansi; Jakobe 1:17) Yebo, kubangelwa uNkulunkulu.—1 Johane 3:9.
Uma sicabangela inkulumo ethi “ngokwaphezulu,” akunzima ukuqonda ukuthi kungani umuntu engenakuzenza yena ukuba azalwe kabusha. Cabanga ngokuzalwa kwakho ngokwemvelo. Ingabe nguwe owakhetha izimo ezaholela ekuzalweni kwakho? Cha! Wazalwa ngoba nguyihlo owabangela ukuzalwa kwakho? Ngokufanayo, singazalwa kabusha kuphela uma uNkulunkulu, uBaba wethu wasezulwini, ebangela ukuzalwa kwethu kabusha. (Johane 1:13) Ngakho, umphostoli uPetru usho kufanele ukuthi: “Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, ngoba ngokwesihe sakhe esikhulu wasipha ukuzalwa okusha.”—1 Petru 1:3.
Ingabe Kungumyalo?
Kodwa abanye bangase bazibuze, ‘Uma kuyiqiniso ukuthi akekho onganquma ukuthi uzozalwa kabusha, kungani uJesu akhipha umyalo othi: “Kumelwe niphinde nizalwe”?’ Lowo umbuzo onengqondo. Phela, uma amazwi kaJesu ewumyalo ngempela, ubeyobe esiyala ukuba senze okuthile okungaphezu kwamandla ethu. Lokho akuzwakali kunengqondo. Pho, kufanele siwaqonde kanjani amazwi athi kumelwe “niphinde nizalwe”?
Ukuhlolisisa leyo nkulumo ngolimi lwayo lokuqala kubonisa ukuthi ayizange ihunyushwe ngendlela ephoqayo. Kunalokho, leyo nkulumo ihunyushwe njengamazwi anikeza incazelo. Ngamanye amazwi, lapho uJesu ethi kumelwe “niphinde nizalwe,” wayeveza iqiniso, enganikezi umyalo. Wathi: “Kudingeka ukuba nizalwe ngokwaphezulu.”—Johane 3:7, Modern Young’s Literal Translation.
Ukuze senze isibonelo esiqhathanisa umyalo namazwi aveza iqiniso, cabangela lokhu. Cabanga ngedolobha elinezikole eziningi. Esinye sazo siyisikole esifundisa izingane zohlanga oluthile ezihlala endaweni eqhelelene nedolobha. Ngolunye usuku, insizwa engeyona eyalolu hlanga itshela uthisha-nhloko waleso sikole ukuthi, “Ngifuna ukubhalisa esikoleni sakho.” Uthisha-nhloko uthi kuyo, “Ukuze ubhalise, kufanele ube ngowalolu hlanga.” Iqiniso liwukuthi amazwi kathisha-nhloko awawona umyalo. Akakhiphi umyalo wokuthi, “Iba ngowalolu hlanga!” Uthisha-nhloko umane uveza iqiniso—eliyimfanelo yokubhalisa kuleso sikole. Ngokufanayo, lapho uJesu ethi: “Kumelwe niphinde nizalwe,” wayemane eveza iqiniso—eliyimfanelo ‘yokungena embusweni kaNkulunkulu.’
Iphuzu lokugcina ngenhla—uMbuso kaNkulunkulu—lihlobene nesinye isici sokuzalwa okusha. Liphakamisa umbuzo othi, Iyini injongo yakho? Ukwazi impendulo yalowo mbuzo kuyisihluthulelo sokukuqonda ngokunembile okushiwo ukuzalwa kabusha.
[Umbhalo waphansi]
a Kunezinguqulo eziningi zeBhayibheli ezihumusha uJohane 3:3 ngale ndlela. Ngokwesibonelo, incwadi ethi A Literal Translation of the Bible ithi: “Uma umuntu engazalwa ngokwaphezulu, akakwazi ukubona umbuso kaNkulunkulu.”
[Isithombe ekhasini 6]
Ukuzalwa okusha kufana kanjani nokuzalwa ngokwemvelo?