Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini
Ingabe Sadalelwa?
Abanye bathi usuku lwethu lokufa selwanqunywa. Abanye bagomela ngokuthi nguNkulunkulu ngokwakhe onqumayo ukuthi kufanele sife nini. Ngaphezu kwalokho, abantu abanjalo babheka izehlakalo ezibalulekile ekuphileni njengezingenakugwemeka. Ingabe uzibheka ngaleyo ndlela izinto?
Ungase uzibuze imibuzo elandelayo: ‘Uma kuyiqiniso ukuthi akukho esingakwenza ukuze sishintshe ukudalelwa kwethu, uma umphumela wokuthile usunqunywe nguNkulunkulu noma ukudalelwa, kusiza ngani-ke ukuthandaza? Uma sesinqunyelwe kakade, kungani kufanele sithathe izinyathelo zokuzivikela? Kungani kufanele ubophe ibhande lapho uhamba ngemoto? Futhi kungani kufanele ungaphuzi lapho uzoshayela?’
IBhayibheli alikusekeli nhlobo ukuziphatha ngokunganaki okunjalo. Kunokuba lithi yonke into idalelwe, iBhayibheli layala ama-Israyeli ukuba akuqaphele ukuphepha. Ngokwesibonelo, ayalwa ukuba akhe uthango oluzungeza uphahla lwezindlu zawo. Injongo yalo yayiwukuvimbela ukuba othile angawi ngephutha ophahleni. Kodwa kungani uNkulunkulu ayengakhipha umyalo onjalo uma umuntu ayedalelwe ukuba awe ophahleni afe?—Duteronomi 22:8.
Kuthiwani ngalabo abafa ngenxa yezinhlekelele zemvelo noma ezinye izehlakalo ezesabekayo abangenakuzilawula? Ingabe “banosuku lokufa” olunqunyiwe? Cha, umlobi weBhayibheli iNkosi uSolomoni uyasiqinisekisa ukuthi “isikhathi nesenzakalo esingalindelekile [sisehlela sonke].” (UmShumayeli 9:11) Ngakho kungakhathaliseki ukuthi kwenzeka into engavamile kangakanani, izenzakalo ezesabekayo azinqunyiwe.
Kodwa abanye banomuzwa wokuthi la mazwi kaSolomoni aphikisana nalokho akusho ngaphambili: “Kukhona isikhathi esimisiwe sayo yonke into, yebo isikhathi sazo zonke izindaba phansi kwamazulu: isikhathi sokuzalwa nesikhathi sokufa.” (UmShumayeli 3:1, 2) Kodwa ingabe uSolomoni wayewusekela ngempela lo mbono wokudalelwa? Ake siwahlolisise lawo mazwi.
USolomoni wayengasho ukuthi ukuzalwa nokufa kunqunyiwe. Kunalokho, iphuzu lakhe liwukuthi ukuzalwa nokufa, njengezinye izinto eziningi ekuphileni, kwenzeka njalo. Ngokuqinisekile, ukuphila kuba nezinto ezinhle nezimbi. USolomoni uthi: “Kukhona . . . isikhathi sokukhala nesikhathi sokuhleka.” USolomoni ubonisa ukuthi ukuvama kwezimo ezinjalo nezinhlekelele ezingalindelwe kuyinto evamile ekuphileni, ‘kuzo zonke izindaba phansi kwamazulu.’ (UmShumayeli 3:1-8; 9:11, 12) Ngakho-ke, isiphetho sakhe siwukuthi, akufanele sikhathazeke kakhulu ngezinto zansuku zonke size sikhohlwe uMdali wethu.—UmShumayeli 12:1, 13.
Nakuba uMdali wethu ekuqonda ukuphila nokufa ngokuphelele, akasinqumeli kusengaphambili. IBhayibheli lisifundisa ukuthi uNkulunkulu usinika sonke ithuba lokuphila phakade. Kodwa uNkulunkulu akasiphoqi ukuba samukele lesi sipho. Kunalokho, iZwi lakhe lithi: “Nanoma ubani othandayo makathathe amanzi okuphila ngesihle.”—IsAmbulo 22:17.
Yebo, kumelwe sifune “ukuthatha amanzi okuphila.” Khona-ke, ikusasa lethu alinqunywa ukudalelwa. Izinqumo zethu, isimo sengqondo, nezenzo zinomthelela omkhulu ekusaseni lethu.