Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 7/1 k. 3
  • Ingabe Ungakwazi Ukuqonda IBhayibheli?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ungakwazi Ukuqonda IBhayibheli?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe UMlobi Walo Uyafuna Siliqonde?
  • 3. Yamukela Usizo Lwabanye
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • 1. Cela Umlobi Walo Akusize
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Ingozi Yokungaliqondi Kahle IBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 7/1 k. 3

Ingabe Ungakwazi Ukuqonda IBhayibheli?

“Njalo ngeSonto ekhaya sasifunda iBhayibheli. Ngangingakujabuleli kangako lokho. Yiqiniso, ngangikholelwa ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu, kodwa izinto eziningi engangizifunda kwakunzima ukuziqonda.”—USteven, eBrithani.

“Lapho ngineminyaka engu-17 ubudala, ngazama ukufunda iBhayibheli kodwa ngakuthola kunzima ukuliqonda, ngakho ngavele ngayeka.” —UValvanera, eSpain.

“Ngake ngalifunda iBhayibheli ngoba ngicabanga ukuthi kufanele ngilifunde ngoba ngingumKatolika. Kwangithatha iminyaka emithathu ukuliqeda! Kodwa kuncane kakhulu engakuqonda.”—UJo-Anne, e-Australia.

IBhayibheli liyincwadi ethandwa kakhulu emhlabeni futhi litholakala ngezilimi ezihlukahlukene. Lithengiswa ukudlula zonke izincwadi futhi litholakala ngamakhasethi, ama-CD, ama-DVD nokunye. Yize kunjalo, abaningi abaneBhayibheli bakuthola kunzima ukuliqonda. Ingabe nawe unenkinga efanayo?

Ingabe UMlobi Walo Uyafuna Siliqonde?

IBhayibheli lithi: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu.” (2 Thimothewu 3:16) Yebo, uJehova uNkulunkulu unguMlobi weBhayibheli. Ingabe uyafuna siliqonde iZwi lakhe noma wénza ngamabomu ukuba lingaqondwa yibo bonke abantu, liqondwe abambalwa kuphela, njengabefundisi nezazi zeBhayibheli?

Cabangela la mavesi alandelayo aseBhayibhelini:

“Lo myalo engikuyala ngawo namuhla awulukhuni neze kuwe, futhi awukude.”—Duteronomi 30:11.

“Ukwambulwa kwamazwi akho kunikeza ukukhanya, kwenza abangenalwazi baqonde.”—IHubo 119:130.

“Ngalo kanye lelo hora [uJesu] wachichima injabulo ngomoya ongcwele wathi: ‘Ngikudumisa obala, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngoba uzifihle ngokucophelela lezi zinto kwabahlakaniphileyo nakongqondongqondo, wazambulela izingane.’”—Luka 10:21.

Yebo, uMlobi weBhayibheli uyafuna ukuba uqonde iZwi lakhe! Nokho, iqiniso liwukuthi abantu abaningi abaqotho bakuthola kunzima ukuyiqonda le ncwadi. Yini engasiza? Izihloko ezilandelayo zinokusikisela okuthathu okungakusiza ukuba uliqonde.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela