Incwadi Yegatsha
Bamemezeli BoMbuso Abathandekayo,
“UNkulunkulu waqhubeka ekhulisa.” (1 Kor. 3:6) Yeka ukuthi ngonyaka wenkonzo ka-2003 kuye kwajabulisa kanjani ukubona ukwanda ensimini enakekelwa yigatsha laseNingizimu Afrika.
U-April wayeyinyanga evelele! ENingizimu Afrika kwabikwa amanani amasha aphakeme abamemezeli abangu-73 456 nezifundo zeBhayibheli ezingu-97 066; eNamibia kwabikwa izifundo zeBhayibheli ezingu-1 725, amahora angu-26 216, omagazini abangu-18 811, nezimpindelo ezingu-9 130; eLesotho kwabikwa abamemezeli abangu-2 942 nezifundo zeBhayibheli ezingu-4 220; eBotswana kwabikwa abamemezeli abangu-1 288. Abazalwane baseSwazini naseSt. Helena bayatuswa ngokusebenza kwabo kanzima.
UJehova uyawubusisa umsebenzi owenziwa kubantu abayizithulu. Ibandla lokuqala loLimi Lwezandla lamiswa ngo-July 1 eGoli futhi lizonakekela abayizithulu ezindaweni eziningi zaseGauteng. Amaqembu oLimi Lwezandla eKapa, eThekwini, eWindhoek naseGaborone nawo aqhubeka kahle.
Kwathi kuphela u-July, kwase kunikezelwe amaHholo OMbuso amasha angu-35 kanti amaningi ayesakhiwa. Siyayibonga inkonzo ebalulekile eyenziwa amaKomiti Okwakha Ezifunda angu-25 nezisebenzi zokuzithandela eziningi.
Ukuze kunyatheliswe izincwadi ezizohanjiswa kule nsimu eyandayo, iNdawo Yokunyathelisa eRoodekrans iyandiswa. Izinkontileka ziyaqhubeka nomsebenzi futhi lokhu kwandiswa kufanele kuphele ekuqaleni kuka-2004. Kuhlelwe ukuba umshini wokunyathelisa omkhulu futhi ophambili ufike ngo-April 2004. Lo mshini uzonyathelisa omagazini abangu-25 ngomzuzwana. Kuzofakwa nemishini emisha yokuhlanganisa izincwadi ngo-2004.
Njengoba siqala unyaka wenkonzo ka-2004, sithandaza kanye nani ukuba uJehova ‘aqhubeke ekhulisa.’
Abafowenu,
IHhovisi Legatsha LaseNingizimu Afrika