Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 9/03 k. 1
  • Incwadi Yegatsha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Incwadi Yegatsha
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibiko Evelele Yonyaka Odlule
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2005
  • Isibonakaliso Sothando, Ukholo Nokulalela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Imibiko Evelele Yonyaka Odlule
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2004
  • Ukuvakashela Indawo Yokunyathelisa Emangalisayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
km 9/03 k. 1

Incwadi Yegatsha

Bamemezeli BoMbuso Abathandekayo,

“UNkulunkulu waqhubeka ekhulisa.” (1 Kor. 3:6) Yeka ukuthi ngonyaka wenkonzo ka-2003 kuye kwajabulisa kanjani ukubona ukwanda ensimini enakekelwa yigatsha laseNingizimu Afrika.

U-April wayeyinyanga evelele! ENingizimu Afrika kwabikwa amanani amasha aphakeme abamemezeli abangu-73 456 nezifundo zeBhayibheli ezingu-97 066; eNamibia kwabikwa izifundo zeBhayibheli ezingu-1 725, amahora angu-26 216, omagazini abangu-18 811, nezimpindelo ezingu-9 130; eLesotho kwabikwa abamemezeli abangu-2 942 nezifundo zeBhayibheli ezingu-4 220; eBotswana kwabikwa abamemezeli abangu-1 288. Abazalwane baseSwazini naseSt. Helena bayatuswa ngokusebenza kwabo kanzima.

UJehova uyawubusisa umsebenzi owenziwa kubantu abayizithulu. Ibandla lokuqala loLimi Lwezandla lamiswa ngo-July 1 eGoli futhi lizonakekela abayizithulu ezindaweni eziningi zaseGauteng. Amaqembu oLimi Lwezandla eKapa, eThekwini, eWindhoek naseGaborone nawo aqhubeka kahle.

Kwathi kuphela u-July, kwase kunikezelwe amaHholo OMbuso amasha angu-35 kanti amaningi ayesakhiwa. Siyayibonga inkonzo ebalulekile eyenziwa amaKomiti Okwakha Ezifunda angu-25 nezisebenzi zokuzithandela eziningi.

Ukuze kunyatheliswe izincwadi ezizohanjiswa kule nsimu eyandayo, iNdawo Yokunyathelisa eRoodekrans iyandiswa. Izinkontileka ziyaqhubeka nomsebenzi futhi lokhu kwandiswa kufanele kuphele ekuqaleni kuka-2004. Kuhlelwe ukuba umshini wokunyathelisa omkhulu futhi ophambili ufike ngo-April 2004. Lo mshini uzonyathelisa omagazini abangu-25 ngomzuzwana. Kuzofakwa nemishini emisha yokuhlanganisa izincwadi ngo-2004.

Njengoba siqala unyaka wenkonzo ka-2004, sithandaza kanye nani ukuba uJehova ‘aqhubeke ekhulisa.’

Abafowenu,

IHhovisi Legatsha LaseNingizimu Afrika

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela