Ezentsha Yethu
Indoda Eyayinokholo Ezithembisweni ZikaNkulunkulu
Iziyalezo: Funda le ndaba endaweni ethule. Njengoba ufunda imiBhalo, zibone ngeso lengqondo uhilelekile kuleso senzakalo. Sibone ngeso lengqondo. Yizwa amazwi. Zizwe ngendlela abalingiswa abasemqoka abazizwa ngayo.
HLAZIYA ISIGCAWU.—FUNDA UGENESISE 12:1-4; 18:1-15; 21:1-5; 22:15-18.
Chaza indlela okungenzeka ukuthi u-Abrahama wazizwa ngayo lapho ezwa isithembiso sikaNkulunkulu sokuthi wayeyoba ukhokho ‘wenzalo’ eyayiyozuzisa umhlaba wonke.
․․․․․
Ngamehlo engqondo, uwabona enjani amadoda amathathu ayemvakashele njengoba kuchazwe kuGenesise 18:2?
․․․․․
Ngamehlo engqondo, yini oyibona yenzeka kuGenesise 18:6-8? (Khumbula ukuthi u-Abrahama wayesecela eminyakeni eyikhulu ngaleso sikhathi.)
․․․․․
ZINDLA NGOKUJULILE.
Kwadlula isikhathi esingakanani ngemva kokuba uJehova ethembise u-Abrahama indodana nesikhathi u-Isaka azalwa ngaso? (Phinda ufunde uGenesise 12:4 no-21:5.)
․․․․․
Iziphi iziqinisekiso uJehova ayelokhu ezinika u-Abrahama ngesikhathi esalindile? (Funda uGenesise 12:7; 13:14-17; 15:1-5, 12-21; 17:1, 2, 7, 8, 15, 16.)
․․․․․
UJehova wamenzelani u-Abrahama lapho ebonisa ukungaqiniseki ukuthi angaba nendodana? (Phinda ufunde uGenesise 15:3-5, 12-21.)
․․․․․
UJehova wayembula kanjani kancane kancane imininingwane ethile “ngenzalo”?
․․․․․
SEBENZISA OKUFUNDILE. BHALA LOKHO OKUFUNDILE MAYELANA . . .
Nesidingo sokuba nokholo ezithembisweni zikaNkulunkulu.
․․․․․
Nendlela uJehova embula ngayo intando yakhe kancane kancane.
․․․․․
YINI EKUHLABE UMXHWELE KAKHULU NGALOKHU KULANDISA, FUTHI NGANI?
․․․․․