Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 8/1 k. 31
  • Ingabe Bewazi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Bewazi?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Sizohamba Nani
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Umoya Ufakazelana Nomoya Wethu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • ‘Sifuna Ukuhamba Nani’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 8/1 k. 31

Ingabe Bewazi?

Babengobani ababhali abaphikisa uJesu?

Phakathi nenkonzo yakhe, uJesu wayehlangana nababhali, hhayi eJerusalema kuphela, kodwa nasemizini emincane. Ngaphandle kweJerusalema—ngisho nasemiphakathini yamaJuda ngaphandle kwePalestina—la madoda ayeyizikhulu ezincane ezifundele uMthetho, amanye awo okungenzeka ukuthi ayekopisha umthetho noma engabahluleli bendawo.—Marku 2:6; 9:14; Luka 5:17-21.

EJerusalema, ababhali babesebenzelana eduze nohulumeni wamaJuda. (Mathewu 16:21) I-Anchor Bible Dictionary ithi indima yabo “ibonakala sengathi yayiwukusebenza nabapristi, kokubili ezindabeni zomthetho nasekuqikeleleni ukuthi umthetho namasiko obuJuda ayagcinwa nasemsebenzini weSanhedrini wansuku zonke.” Njengabafundisi abavelele boMthetho, empeleni abanye balaba babhali babengamalungu eSanhedrini noma enkantolo ephakeme yamaJuda. Babekhonza nabapristi abakhulu nabaFarisi.

Ngokuvamile, ababhali bachazwa njengabaphikisi bakaJesu benkolo. Kodwa bakhona abangazange bamphikise. Ngokwesibonelo, omunye umbhali watshela uJesu: “Ngizokulandela nomaphi lapho usuzoya khona.” UJesu wathi komunye: “Awukude nombuso kaNkulunkulu.”—Mathewu 8:19; Marku 12:28-34.

Kwakusho ukuthini ngomuntu ukuba ngogcotshiweyo?

Ezikhathini zeBhayibheli eMpumalanga Ephakathi, ukugcoba ikhanda lomuntu ngamafutha kwakuwuphawu lokubonisa ukuthi umazisa kakhulu noma lokwamukela isivakashi. Ngokuvamile, kwakusetshenziswa amafutha omnqumo axutshwe namakha. AmaHebheru ayethela amafutha ekhanda lomuntu noma amgcobe ngawo lapho emiswa esikhundleni esithile esikhethekile sokuphatha. Ngokwesibonelo, u-Aroni wagcotshwa ngamafutha ngenkathi emiswa ukuba akhonze njengompristi ophakeme. (Levitikusi 8:12) Endabeni yeNkosi uDavide, “uSamuweli wathatha uphondo lwamafutha wamgcoba . . . , umoya kaJehova waqala ukusebenza phezu kukaDavide kusukela ngalolo suku kuqhubeke.”—1 Samuweli 16:13.

NgesiHebheru, igama elithi ma·shachʹ lisho lokhu kugcoba futhi kususelwe kulo elithi ma·shiʹach noma Mesiya. Elithi khriʹo liyigama lesiGreki elifana nalo elisuselwe kwelithi khri·stosʹ noma Kristu. Ngakho-ke, u-Aroni noDavide bangabizwa ngokuthi mesiya noma ogcotshiwe. UMose naye ubizwa ngokuthi ukristu noma ogcotshiwe, ngomqondo wokuthi uNkulunkulu wambeka ukuba abe yinxusa laKhe.—Hebheru 11:24-26.

UJesu waseNazaretha wamiswa nguNkulunkulu ngokwakhe emnika isikhundla esiphakeme. Kunokugcotshwa ngamafutha angokoqobo, uJesu wagcotshwa ngomoya ongcwele kaNkulunkulu. (Mathewu 3:16) NjengoGcotshiweyo kaJehova okhethiweyo, uJesu ubizwa kufanele ngokuthi unguMesiya noma uKristu.—Luka 4:18.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela