Gwema Iziphazamiso Kulolu “Suku Lwezindaba Ezinhle”
AMADODA amane anochoko ayecabanga ngayezokwenza. Akukho muntu owayewanike ukudla esangweni lomuzi. Abantu baseSamariya babebulawa indlala ngenxa yokuthi abaseSiriya babevimbezele umuzi. Kwakungeke kuwasize ngalutho ukungena emzini ngoba ukudla kwakubiza. Kakade kwase kubikiwe ukuthi kunabantu asebedle inyama yomuntu.—2 AmaKh. 6:24-29.
La madoda anochoko acabanga: ‘Kunganjani siye ekamu laseSiriya? Phambili nasemuva kuyefana.’ Ahamba ngobusuku elibangise khona. Lapho efika, kwakukhala ibhungane. Amabutho abaqaphi ayengekho. Kwakukhona amahhashi nezimbongolo kukhulekiwe, kodwa lutho amabutho. La madoda alunguza kwelinye lamatende. Lalingenamuntu, kodwa kwakunenala yokudla neziphuzo. Azitika. La madoda abona negolide, isiliva, izingubo kanye nezinye izinto eziyigugu, azithatha ayozifihla abuya ezolanda ezinye. Lonke ikamu lalishiywe lodwa. Ngokuyisimangaliso, uJehova wayebangele ukuba abaseSiriya bezwe umsindo webutho lempi. Bezitshela ukuthi bayahlaselwa, abaseSiriya babaleka ngezinyawo. Konke okwakulapho kwashiywa kunjengoba!
Njengoba la madoda anochoko ephansi phezulu efihla izinto eziyigugu, abe esekhumbula ukuthi abantu eSamariya babulawa indlala, unembeza wawo wathinteka. Abe esethi komunye nomunye: “Akulungile lokhu esikwenzayo. Lolu suku usuku lwezindaba ezinhle!” La madoda abe esephuthuma eSamariya eyobika lokho akutholile.—2 AmaKh. 7:1-11.
Nathi siphila esikhathini esingabizwa ngokuthi “usuku lwezindaba ezinhle.” Ebhekisela esicini esivelele ‘sesibonakaliso sesiphelo sesimiso sezinto,’ uJesu wathi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” (Math. 24:3, 14) Leli qiniso kufanele lisithinte kanjani?
Izinkathazo Zomuntu Siqu Zingasisinda
Esajatshuliswe yilokho ayekutholile, amadoda anochoko abakhohlwa okwesikhashana abaseSamariya. Agxila kulokho ayengazitholela khona. Kungenzeka yini okufanayo nakithi? ‘Ukusweleka kokudla’ kuyingxenye yesibonakaliso esiyinhlanganisela esiwuphawu lwesikhathi sesiphelo sesimiso sezinto. (Luka 21:7, 11) UJesu waxwayisa abafundi bakhe: “Qaphelani ukuba izinhliziyo zenu zingalokothi zisindwe ukuminza nokuphuza kakhulu nezinkathazo zokuphila.” (Luka 21:34) NjengamaKristu, kufanele siqaphele ukuba singavumeli izinkathazo zomuntu siqu zokuphila kwansuku zonke zisenze silahlekelwe umbono wokuthi siphila ‘osukwini lwezindaba ezinhle.’
UmKristu okuthiwa uBlessing akazange avumele izinkathazo zomuntu siqu ukuba zimcindezele. Waqeda esikoleni esevele ephayona, futhi ngokuhamba kwesikhathi washada nomzalwane okhonza eBethel futhi bamukelwa ukuba baqhubeke bekhonza emkhayeni waseBethel eBenin. Uthi: “Isabelo sami sihilela ukuhlanza izindlu futhi ngisijabulela kakhulu.” Manje uBlessing useneminyaka engu-12 esenkonzweni yesikhathi esigcwele futhi uyajabula ngokuthi uye wagxila ‘osukwini lwezindaba ezinhle’ esiphila kulo njengamanje.
Qaphela Iziphazamiso Ezidla Isikhathi
Lapho uJesu ethuma abafundi abangu-70, wathi: “Ngempela, ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi zimbalwa. Ngakho-ke ncengani iNkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.” (Luka 10:2) Njengoba nje ukwephuza ukuqala ukuvuna kungadala umonakalo esivunweni, nokungawunaki umsebenzi wokushumayela kungaholela ekufeni kwabaningi. Ngakho uJesu wanezela: “Ekubingeleleni endleleni ningangi muntu.” (Luka 10:4) Igama lesiGreki elithi “bingelela” lingasho okungaphezu nje kokuthi “sawubona.” Lingase lihlanganise nokwangana nokuxoxa isikhathi eside okungenzeka lapho sihlangana nomngane. Ngakho, uJesu wayeyala abalandeli bakhe ukuba bagweme iziphazamiso ezingadingekile futhi basisebenzise kahle isikhathi sabo. Isigijimi okwakumelwe basishumayele sasiphuthuma.
Cabanga ngesikhathi esingadliwa iziphazamiso. Ezindaweni eziningi sekuyiminyaka ithelevishini iyinto edla isikhathi ukuzedlula zonke. Nokho, kuthiwani ngomakhalekhukhwini nama-computer? Inhlolo-vo eyenziwa kubantu abayinkulungwane eBrithani yabonisa ukuthi “umuntu ovamile waseBrithani uchitha imizuzu engu-88 ngosuku ekhuluma ocingweni, engu-62 ekhuluma ngomakhalekhukhwini, engu-53 esebenzisa i-e-mail nengu-22 ebhala imiyalezo kumakhalekhukhwini.” Ingqikithi yale mizuzu isiphinda kabili isikhathi esisetshenziswa iphayona elisizayo enkonzweni usuku ngalunye! Injani eyakho imikhuba yokusebenzisa lezi zinto?
UErnst noHildegard Seliger babekunakisisa ukuthi basisebenzisa kanjani isikhathi sabo. Bebobabili babechithe iminyaka engaphezu kuka-40 emakamu okuhlushwa amaNazi nasemajele amaKhomanisi. Ngemva kokukhululwa kwabo, bakhonza njengamaphayona avamile baze bayiqeda inkambo yabo yasemhlabeni.
Abantu abaningi babefuna ukuxhumana nabakwaSeliger. Lo mbhangqwana wawungachitha isikhathi esiningi ufunda futhi ubhala izincwadi. Nokho, wenza ukuba izinto ezingokomoya zize kuqala ekuphileni kwawo.
Yiqiniso, sonke siyakujabulela ukuxhumana njalo nabantu esibathandayo, futhi alikho iphutha kulokho. Ukwenza izinto ezihlukile ezikhethwe kahle kuyazuzisa. Noma kunjalo, kufanele siqaphe ukuthi singaphazanyiswa izinto ezidla isikhathi phakathi nalolu suku lokushumayela izindaba ezinhle.
Zishumayele Ngokugcwele Izindaba Ezinhle
Yeka ukuthi kuyisibusiso kangakanani ukuphila phakathi ‘nosuku lwezindaba ezinhle’! Masingaphazamiseki, njengoba kwenzeka ekuqaleni emadodeni amane anochoko. Khumbula ukuthi aphetha kanje: “Akulungile lokhu esikwenzayo.” Ngokufanayo, akulungile nangathi ukuba sivumele iminako yomuntu siqu noma iziphazamiso ezidla isikhathi ukuba zisivimbele ekuhlanganyeleni ngokugcwele enkonzweni.
Kule ndaba, sinesibonelo esihle sokusilandela. Ecabanga ngeminyaka yokuqala engu-20 ayeseyichithe enkonzweni, umphostoli uPawulu wathi: “Ngizishumayele ngokuphelele izindaba ezinhle ngoKristu.” (Roma 15:19) UPawulu akazange avumele lutho ukuba ludambise intshiseko yakhe. Masishiseke njengaye njengoba simemezela isigijimi soMbuso kulolu “suku lwezindaba ezinhle.”
[Isithombe ekhasini 28]
UBlessing akazange avumele iminako yomuntu siqu ukuba iphazamise inkonzo yakhe yesikhathi esigcwele
[Isithombe ekhasini 29]
AbakwaSeliger babenakisisa ukuthi basisebenzisa kanjani isikhathi sabo