Ungawelela Yini EMakedoniya?
NGESIKHATHI eseTrowa, umuzi onechweba, e-Asia Minor, umphostoli uPawulu wabona embonweni indoda yaseMakedoniya imncenga: “Welela eMakedoniya usisize.” Ngemva nje kwalo mbono, yena nabangane bakhe bafinyelela “isiphetho sokuthi uNkulunkulu [wayebabizele] ukumemezela izindaba ezinhle” kwabaseMakedoniya. Waba yini umphumela? Emzini oyinhloko waseFilipi oseMakedoniya, uLidiya nomkhaya wakhe baba amakholwa. Abanye kuleso sifundazwe samaRoma saseMakedoniya nabo baba amakholwa.—IzE. 16:9-15.
Umoya ofanayo wentshiseko uyabonakala namuhla koFakazi BakaJehova. Ngokuzithandela, abaningi baye bathuthela lapho kunendingeko enkulu khona yabamemezeli boMbuso ngezindleko zabo. Ngokwesibonelo, uLisa wayefuna ukugxilisa ukuphila kwakhe ngokwengeziwe enkonzweni. Wasuka eCanada wathuthela eKenya. UTrevor no-Emily, nabo abadabuka eCanada, baya eMalawi benomgomo wokwandisa inkonzo yabo. Lapho uPaul noMaggie baseNgilandi bethatha umhlalaphansi, babheka lokhu njengethuba elihle kakhulu lokwenza okwengeziwe enkonzweni kaJehova futhi balibangisa eMpumalanga Afrika. Ingabe unawo umoya wokuzidela? Ungakucabangela yini ukuthutha? Uma kunjalo, iziphi izimiso zeBhayibheli nokusikisela okuwusizo okungakwenza uphumelele?
Zihlole
Enye into okudingeka uyicabangele izisusa zakho. UJesu wathi umyalo omkhulu kunayo yonke yilo: ‘Thanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho.’ Ngakho, izizathu zokukhonza ensimini yakwelinye izwe kufanele zibe ukuthanda uNkulunkulu nesifiso sokufeza umyalo wokwenza abafundi. UJesu waqhubeka: “Owesibili, onjengawo, yilo, ‘Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.’” Ukuthanda umakhelwane kubonakala ngesifiso esiqotho sokufuna ukumsiza. (Math. 22:36-39; 28:19, 20) Ngokuvamile, ukukhonza kwelinye izwe kudinga usebenze ngokuzikhandla futhi ube nomoya wokuzidela. Akulona iholidi. Kumelwe ushukunyiswe uthando. URemco noSuzanne baseNetherlands, manje abakhonza eNamibia, bakufingqa ngale ndlela, “Uthando yilo olusenza sihlale lapha.”
UWillie, ongumbonisi wesifunda eNamibia, uyaphawula: “Labo abaye bahlala ensimini yakwelinye izwe abayanga belindele ukuba abazalwane bendawo babanakekele. Beza benombono wokukhonza nabazalwane bendawo, babasize emsebenzini wokushumayela.”
Ngemva kokuhlola izisusa zakho, zibuze: ‘Imaphi amakhono enginawo azoba usizo ensimini yakwelinye izwe? Ingabe ngiyisikhonzi esiphumelelayo? Iziphi izilimi engikwazi ukuzikhuluma? Ingabe ngizimisele ukufunda olusha?’ Xoxa ngakho ngokujulile nomkhaya wakho. Bonisana nabadala bebandla lakini. Thandaza ngale ndaba kuJehova. Lokho kuzihlola ngobuqotho kufanele kukusize ubone ukuthi unawo ngempela yini amandla nokuzimisela kokukhonza ensimini yakwelinye izwe.—Bheka ibhokisi elithi “Zazi Kahle.”
Indawo Ongakhonza Kuyo
Embonweni uPawulu wabizelwa eMakedoniya. Namuhla uJehova akasebenzisi amandla angaphezu kwawemvelo ukuze asiqondise. Kodwa ngalo magazini nangezinye izincwadi, abantu bakaNkulunkulu bazi ngamasimu amaningi anendingeko enkulu. Ngakho, qala ngokwenza uhlu lwezindawo ezinjalo. Uma ungakakulungeli ukufunda ulimi olusha noma ungahlose kuhlala isikhathi eside ezweni ocabangela ukuya kulo, cabangela ukukhonza lapho kukhulunywa khona ulimi lwakho. Yibe usuhlola izinto ezinjengezimfuneko zokuthola i-visa, izinto zokuhamba, ukulondeka, izindleko zokuphila nesimo sezulu. Ungase ukuthole kuwusizo ukuxoxa nalabo asebekwenzile lokhu. Thandaza ngakho konke lokhu. Khumbula ukuthi “umoya ongcwele wawubanqabele” uPawulu nabangane bakhe “ukuba bakhulume izwi esifundeni sase-Asiya.” Nakuba bazama ukuya eBhithiniya, “umoya kaJesu awuzange ubavumele” ukuba baye lapho. Ngokufanayo, kungase kuthathe isikhathi esithile ukunquma indawo ongaba usizo ngempela kuyo.—IzE. 16:6-10.
Mhlawumbe usuzibonile izindawo ezimbalwa ongaya kuzo. Uma ucabanga ukuyokhonza kwelinye izwe, bhalela amahhovisi amagatsha oFakazi BakaJehova asemazweni owacabangelayo. Yisho amalungelo enkonzo onawo kanye nanoma imiphi imibuzo onayo, njengezindleko zokuphila, uhlobo lwendawo yokuhlala ongase ukwazi ukuluthola, izikhungo zezempilo namathuba okuthola umsebenzi wokuziphilisa. Yibe usunika ikomiti yenkonzo yebandla lenu leyo ncwadi noma izincwadi. Iyofaka incwadi yayo yokutusa bese izithumela ngokuqondile emahhovisi amagatsha owashilo. Izimpendulo zawo cishe zizokusiza ukuba unqume indawo lapho oyoba usizo khona kakhulu.
UWillie, ocashunwe ekuqaleni, wathi: “Ngokuvamile labo abaye benza kahle kakhulu yilabo abaqala ngokuvakashela lelo zwe futhi babheke izindawo abanomuzwa wokuthi bayojabula khona. Omunye umbhangqwana wabona ukuthi kwakuyoba nzima ukuhlala endaweni ecezile. Ngakho wahlala edolobheni elincane elalinesidingo kodwa owawuyokwazi khona ukujabulela izinga lokuphila elaliyowenza ujabule.”
Ukubhekana Nezinselele Ezintsha
Akungabazeki ukuthi ukuthuthela kude nasekhaya uye endaweni entsha kuyoba nezinselele ezithile. ULisa, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Isizungu singaba inkinga enkulu.” Yini emsizayo? Ukuhlala eseduze nebandla lendawo ekhaya lakhe elisha. Wazibekela umgomo wokufunda amagama abo bonke abantu. Ukuze enze lokhu, wayesheshe afike emihlanganweni futhi ahlale ngemva kwayo axoxe nabazalwane nodade. Washumayela nabanye enkonzweni, wamemela abaningi emzini wakhe futhi wenza abangane abasha. Uthi: “Angizisoli ngokuzidela engakwenza. UJehova uye wangibusisa ngempela.”
Ngemva kokuba bekhulise izingane, uPaul noMaggie bathutha endlini abase beneminyaka engu-30 behlala kuyo. UPaul uthi: “Kuyamangaza ukuthi kwaba lula ukuhlukana nezinto zethu. Ukushiya umndeni kwakuyinselele ngempela, kunzima kunalokho esasikulindele. Sakhala saze saba nesibibithwane endizeni. Kulula kakhulu ukucabanga, ‘Ngeke sikwazi ukwenza lokhu.’ Kodwa sathembela kuJehova. Ukuthola abangane abasha kukunikeza amandla okuqhubeka.”
UGreg noCrystal bakhetha ukuthutha eCanada baye eNamibia ngoba babekhuluma isiNgisi, ulimi olusemthethweni eNamibia. Nokho, kamuva babona ukuthi kuyoba usizo kakhulu uma befunda nolunye ulimi lomdabu. “Ngezinye izikhathi sasidumazeka kakhulu. Nokho, lapho sesifunde ulimi lomdabu saqala ukuqonda amasiko endawo. Ukusondelana nabazalwane bendawo kwasisiza ukuba sijwayele kule ndawo.”
Ukuba nesimo sengqondo esinjalo sokuthobeka nokuzimisela kungaba nethonya elihle nakubazalwane bendawo. UJenny uyajabula lapho ekhumbula imikhaya eyathuthela e-Ireland, indawo akhulela kuyo. Uthi: “Babenomoya wokungenisa izihambi. Babezokhonza ngempela hhayi ukuzokhonzwa. Babeshiseka kakhulu futhi bejabule kangangokuba nami ngafisa ukukwenza.” Manje yena nomyeni wakhe bakhonza njengezithunywa zevangeli eGambia.
Isibusiso SikaJehova ‘Siyacebisa’
Yeka ukuthi uPawulu waba nesikhathi esimnandi kanjani eMakedoniya! Ngemva kweminyaka engaba yishumi, wabhalela abazalwane baseFilipi: “Ngaso sonke isikhathi ngibonga uNkulunkulu wami njalo lapho nginikhumbula.”—Fil. 1:3.
UTrevor no-Emily, abakhonza eMalawi ngaphambi kokumenyelwa e-Watchtower Bible School of Gilead, bazizwa ngendlela efanayo. Bathi: “Ngezinye izikhathi sasizibuza ukuthi sasenze isinqumo esihle yini, kodwa sasijabule. Sasisondelene futhi sasibona isibusiso sikaJehova.” UGreg noCrystal, okukhulunywe ngabo ekuqaleni, bathi: “Ayikho enye into esifuna ukuyenza ngaphandle kwalokhu.”
Kuyavunywa ukuthi akubona bonke abantu abazimo zabo ezibavumelayo ukuba bakhonze kwelinye izwe. Abanye bangenza ngcono ngokuthuthela kwenye indawo enendingeko enkulu yabamemezeli kodwa esezweni lakubo. Abanye bangalwela ukufinyelela imigomo yokukhonza kwamanye amabandla aseduze nasekhaya. Into ebalulekile iwukwenza konke ongakwenza enkonzweni kaJehova. (Kol. 3:23) Ngaleyo ndlela, la mazwi aphefumulelwe ayogcwaliseka kuwe: “Isibusiso sikaJehova—yiso esicebisayo, futhi akenezeli ubuhlungu kanye naso.”—IzAga 10:22.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 5]
Zazi Kahle
Ukuze uzihlole ngenjongo yokubona ukuthi ungakwazi yini ukukhonza kwelinye izwe, cabangela le mibuzo elandelayo futhi uzihlole ngobuqotho nangosizo lomthandazo. Ukwaziswa okukomagazini abadlule be-Nqabayokulinda kungakusiza ukuba wenze lokhu.
• Ingabe ngingumuntu ongokomoya?—“Izinyathelo Eziholela Enjabulweni” (October 15, 1997, ikhasi 6)
• Ingabe ngiyisikhonzi esiphumelelayo?—“Indlela Yokuphumelela Enkonzweni Yobuphayona” (May 15, 1989, ikhasi 21)
• Ngingakwazi yini ukuhlala kude nomkhaya kanye nabangane bami?—“Ukubhekana Nokukhumbula Ekhaya Enkonzweni KaNkulunkulu” (May 15, 1994, ikhasi 28)
• Ngingakwazi yini ukufunda ulimi olusha?—“Ukuhlanganyela Nebandla Elikhuluma Olunye Ulimi” (March 15, 2006, ikhasi 17)
• Nginayo yini imali yokuthuthela kwelinye izwe?—“Ungakhonza Yini Ensimini Yakwelinye Izwe?” (October 15, 1999, ikhasi 23)
[Isithombe ekhasini 6]
Isimo sengqondo sokuthobeka nokuzimisela singaba nethonya elihle kubazalwane bendawo
[Isithombe ekhasini 7]
Labo abeze ngenjongo yokuzokhonza yibo abaphumelelayo