Ingabe Uyakhumbula?
Ukujabulele yini ukufunda omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Bona ukuthi ungayiphendula yini le mibuzo elandelayo:
• UNkulunkulu angakwenza ucebe ngamuphi umqondo?
Esikhathini esidlule, uJehova wabusisa abantu abathile, njengo-Abrahama noSolomoni, ngengcebo yezinto ezibonakalayo. Kodwa ingcebo amaKristu ayidinga kakhulu naleyo uNkulunkulu angasiza umuntu ukuba ayithole ihlanganisa ukholo, ukuthula, ukwaneliswa nenjabulo.—9/1, amakhasi 3-7.
• Isiphi isifundo esingasifunda ekusindiseni kukaJesu uPetru njengoba ayecwila olwandle? (Math. 14:28-31)
Uma sibona umfowethu entula ukholo, singelula isandla sethu ngokomfanekiso futhi simsize ukuba aphinde abe nokholo olwengeziwe.—9/15, ikhasi 8.
• UJehova wazidela kangakanani ukuze asikhulule?
UJehova wakhuthazelela ukubona iNdodana yakhe ihlushwa futhi idelelwa. Njengoba kwafanekiselwa ukuzimisela kuka-Abrahama ukunikela ngendodana yakhe, uJehova wakhuthazelela ukubona iNdodana yakhe ibulawa njengesigebengu.—9/15, amakhasi 28-29.
• Kungani iCodex YaseVatican iyigugu?
Iwumbhalo wesandla wesiGreki owabhalwa eminyakeni engaphansi kwengu-300 kuqedwe iBhayibheli. Iqukethe cishe imiBhalo ephelele YesiHebheru nemiBhalo YamaKristu YesiGreki. Ingelinye lamathuluzi elisetshenziswa izazi ekunqumeni lokho okwakusembhalweni wokuqala weBhayibheli.—10/1, amakhasi 18-20.
• Isiphi isifundo esisithola encwadini yezAga 24:27 ‘ngokwakha indlu’?
Indoda efuna ukushada kufanele izilungiselele lowo mthwalo wemfanelo. Lokhu kuhlanganisa ukulungela ukondla umkhaya ngokwenyama nokuwuhola ezintweni ezingokomoya.—10/15, ikhasi 12.
• Kungani kungafanele ukubiza oFakazi BakaJehova ngokuthi bayinkolo yamaProthestani?
UbuProthestani bavela ngekhulu le-16 eYurophu emzamweni wokuguqula izimfundiso zeSonto LamaRoma Katolika. Igama elithi “amaProthestani” lisetshenziswa kulabo abanamathela emigomweni yokufinyelela iziNguquko. OFakazi BakaJehova abavumelani nokuthi uPapa unegunya emhlabeni wonke, futhi basekela igunya leBhayibheli ngenhliziyo yabo yonke, nokho bayazenqaba izimfundiso eziningi nemikhuba engasekelwe emiBhalweni evamile ezinkolweni zamaProthestani.—11/1, ikhasi 19.
• Ingabe umuntu kudingeka afunde isiHebheru nesiGreki ukuze aqonde iBhayibheli?
Cha. Ukuba nolwazi lwalezo zilimi ngokwako akumenzi umuntu asiqonde kangcono isigijimi esiseBhayibhelini. Umuntu oye wafunda lezo zilimi usancike ezichazamazwini nasezincwadini zohlelo lolimi. Iqiniso lokuthi uNkulunkulu waphefumulela ukuba kulondolozwe amazwi ayesehunyushiwe kuphela eNceku yakhe enkulu kunazo zonke libonisa ukuthi umuntu angasebenzisa futhi afunde iqiniso leBhayibheli ezinguqulweni zeBhayibheli zezilimi ezisuke zikhona ngaleso sikhathi.—11/1, amakhasi 20-23.
• UJehova noJesu basibekela kanjani isibonelo semikhuba emihle?
Nakuba enesikhundla esiphakeme, uJehova uphatha abantu ngomusa nangenhlonipho. Lapho ekhuluma no-Abrahama noMose wasebenzisa igama lesiHebheru elivame ukuhunyushwa ngokuthi “ngiyacela.” (Gen. 13:14; Eks. 4:6) UNkulunkulu futhi uyabalalela abantu. (Gen. 18:23-32) UJesu naye wabalalela, futhi wayekulungele futhi ezimisele ukusiza labo ababeseduze kwakhe, ngokuvamile wayeze ababize nangamagama abo.—11/15, ikhasi 25.
• Kungani amaKristu eqiniso ekugwema ukugubha uNyaka Omusha WamaShayina?
UNyaka Omusha WamaShayina uwumkhosi obalulekile ekhalendeni lase-Asia. Lo mkhosi uvame ukuhilela ukuzama ukuqinisekisa ukuthi uthola inhlanhla nokubonisa inhlonipho ngemimoya. AmaKristu ayabazisa futhi ayabahlonipha abazali bawo, kodwa awahlanganyeli emadilini agxile ekuzihlanganiseni namadlozi ukuze awavikele noma ekuceleni umusa konkulunkulu umuzi ngamunye obakhulekelayo.—12/1, amakhasi 20-23.