Ezentsha Yethu
Melela Izinkolelo Zakho!
Iziyalezo: Yenza lesi sivivinyo endaweni ethule. Njengoba ufunda imiBhalo, zibone uhilelekile kuleso senzakalo. Sibone ngeso lengqondo. Yizwa amazwi. Zizwe ngendlela abalingiswa abazizwa ngayo. Yenza le ndaba iphile.
Abalingiswa abayinhloko: UJeremiya, u-Ebhedi-meleki neNkosi uZedekiya
Indaba efingqiwe: UJeremiya ubhekana nokuphikiswa okukhulu lapho ememezela isigijimi sikaNkulunkulu esithi abantu bakwaJuda kufanele bazinikele kumaKhaledi.
1 HLAZIYA ISIGCAWU.—FUNDA UJEREMIYA 38:1-5.
Ucabanga ukuthi uJeremiya wayezizwa kanjani ngesikhathi ekhuluma nabantu bakwaJuda?
․․․․․
Yimuphi umuzwa owuthola ephimbweni likaJeremiya njengoba ayememezela isixwayiso sikaJehova?
․․․․․
CWANINGISISA.
Yiziphi izinkolelo eziqinile okumelwe ukuba uJeremiya wayenazo ezamsiza ukuba akhiphe lezo zimemezelo ngesibindi?
․․․․․
2 HLAZIYA ISIGCAWU.—FUNDA UJEREMIYA 38:6-13.
Usebenzisa amehlo akho engqondo, chaza umthombo—ububanzi, ukujula nendlela owawunuka ngayo.
․․․․․
Ucabanga ukuthi uJeremiya wayecabangani njengoba ‘ayeqala ukubisha odakeni’? (Phinda ufunde ivesi 6.)
․․․․․
CWANINGISISA.
Usebenzisa amathuluzi okucwaninga onawo, thola okuthile obungakwazi ngemithombo yangezikhathi zeBhayibheli.
․․․․․
Yini okungenzeka u-Ebhedi-meleki wayeyikholelwa ngokuqinile eyamenza wafuna ukusindisa uJeremiya? (Phinda ufunde amavesi 7-9.)
․․․․․
Kungani uZedekiya ayethonyeka kalula kangaka njengoba aqale athonywa ababusi kamuva wathonywa u-Ebhedi-meleki? (Phinda ufunde amavesi 5 no-10.) Lokhu kusitshela ukuthi wayengumuntu onjani? Ingabe kusitshela ukuthi wayezimelela izinkolelo zakhe?
․․․․․
Obani kulokhu kulandisa abazimelela ngokuqinile izinkolelo zabo, futhi ubani owehluleka? Kungani uphendula kanjalo?
․․․․․
3 SEBENZISA OKUFUNDILE. BHALA LOKHO OKUFUNDILE MAYELANA . . .
Nokuba nesibindi.
․․․․․
Nokumelela izinkolelo zakho.
․․․․․
Neqiniso lokuthi uJehova uyabavikela labo ababonisa isibindi, bamlalele.
․․․․․
Nokuthi ukuzimelela ngokuqinile izinkolelo zakho kungakusiza kanjani ukuba wenze okulungile lapho ubhekene nesimo esicindezelayo?
․․․․․
4 YINI EKUHLABE UMXHWELE KAKHULU NGALOKHU KULANDISA, FUTHI NGANI?
․․․․․
UMA UNGENALO IBHAYIBHELI, LICELE KOFAKAZI BAKAJEHOVA NOMA UFUNDE EZINYE IZINCWADI EZISEKELWE KULO KUYI-INTERNET, KULELI KHELI: www.watchtower.org