Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w10 8/15 k. 20
  • Ingabe Uyakhumbula?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyakhumbula?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Bewazi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Ibhalsamu LaseGileyadi—Amafutha Elaphayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Asephula Isithembiso Sawo
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
w10 8/15 k. 20

Ingabe Uyakhumbula?

Ukujabulele yini ukufunda omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Bona ukuthi ungayiphendula yini le mibuzo elandelayo:

• Yini eyokusiza ukuba ukhulise izingane zibe abantu abavuthiwe?

‘Yibekele isibonelo’ ingane yakho sokuziphatha ngendlela ebonisa ukuvuthwa. (Joh. 13:15) Ungalindeli okungaphezu kwamandla ayo; njengoba ikhula ungalindela ukuba ithuthuke endabeni yokuhlanzeka, ukugcina isikhathi nasemsebenzini wesikole. Nikeza iziyalezo eziqondile ukuze uqeqeshe ingane yakho ukuba ikwazi ukuthwala imithwalo yayo yemfanelo.—5/1, amakhasi 19-20.

• Kungani uNkulunkulu engazange amjezise u-Aroni ngokwenza ithole legolide?

U-Aroni wephula umthetho kaNkulunkulu ophathelene nokukhonza izithombe. (Eks. 20:3-5) Kodwa uMose wamnxusela kuNkulunkulu futhi ukunxusa kwakhe kwaba “namandla amakhulu.” (Jak. 5:16) U-Aroni wayenomlando wokwethembeka. Nakuba abantu bagqugquzela u-Aroni ukuba enze ithole, kamuva wabonisa ukuthi inhliziyo yakhe yayingahambisani nabo, ngoba wahlanganyela namadodana kaLevi ekubeni ngasohlangothini lukaJehova. (Eks. 32:25-29)—5/15, ikhasi 21.

• Yayikuphi i-Ofiri, iBhayibheli elithi yayinegolide?

USolomoni wakha imikhumbi e-Eziyoni-gebheri ukuze ilande igolide e-Ofiri. (1 AmaKh. 9:26-28) Lelo chweba lalingenhla kweGulf of Aqaba eduze kwendawo namuhla eyaziwa ngokuthi i-Elat neyaziwa ngokuthi i-Aqaba, oLwandle Olubomvu. Ngakho, kungenzeka ukuthi i-Ofiri yayise-Arabhiya eduze koLwandle Olubomvu noma ngasogwini lwalo oluse-Afrika noma oluseNdiya.—6/1, ikhasi 15.

• Ibhekiselaphi inkulumo ethi “ibhalsamu eGileyadi”? (Jer. 8:22)

Amafutha ebhalsamu ayenephunga elimnandi, futhi ayenamfuka ephuma ezitshalweni nasezihlahleni ezihlukahlukene, ayetholakala eGileyadi esempumalanga yoMfula iJordani nakwezinye izindawo. Njengoba ayelapha, ayegcotshwa emanxebeni. Isimo esidabukisayo sika-Israyeli kwakufanele simshukumisele ukuba afune ikhambi, kodwa akazange. (Jer. 8:9)—6/1, amakhasi 21-22.

• Yini engasiza umKristu ukuba abhekane nobuhlungu bokuphinga komngane wakhe womshado?

Uma umngane ongenacala eye wazama ukuphila ngezimiso zeBhayibheli, akudingeki azizwe enecala ngokungathembeki kophingile. UNkulunkulu uyazi ukuthi uyayidinga induduzo nesikhuthazo. Angase asebenzise amanye amaKristu ukuba akududuze.—6/15, amakhasi 30-31.

• Yini ongayenza ukuze usize umuntu ogulayo?

Yiba isilaleli esihle. (UmSh. 3:1, 7) Yiba nozwela futhi ucabangele. (Roma 12:15) Yiba owakhayo futhi umsize. (Kol. 4:6; 1 Joh. 3:18) Xhumana naye njalo. (IzAga 17:17)—7/1, amakhasi 10-13.

• Sazi kanjani ukuthi uNkulunkulu akazange abe nesiqalo?

UMose wakubonisa lokhu emthandazweni. (IHu. 90:2) Ngenxa yalokho, uJehova unalesi siqu esiyingqayizivele esithi ‘iNkosi engunaphakade.’ (1 Thim. 1:17)—7/1, ikhasi 28.

• Ungalugxilisa kanjani uthando lokufunda ezinganeni zakho?

Isimo esinothando nesibonelo sakho njengomzali siyasiza ekugxiliseni uthando lokufunda. Yenza nokuba izincwadi zihlale zikhona. Funda ngokuzwakalayo. Zikhuthaze ukuba zibe nengxenye futhi nixoxe ngalokho enikufundayo. Cela izingane zakho zikufundele futhi uzikhuthaze ukuba zibuze imibuzo.—7/15, ikhasi 26.

• Kungani uJesu engaphuthumanga kumngane wakhe ogulayo uLazaru futhi amphulukise?

Ngesikhathi uJesu efika, uLazaru wayesenezinsuku ezine eshonile. Ukulinda kwakhe kwamenza wanikeza ubufakazi obungcono ngoYise. Ngenxa yalokho, abaningi baba amakholwa. (Joh. 11:45)—8/1, amakhasi 14-15.

• Zaziyini ‘izindawo eziphakemeyo’?

Ezimweni eziningi, zisuke zibhekisela ezindaweni ezivulekile eziseziqongweni zamagquma noma ezinye izindawo zokukhulekela kwamanga. Ngezinye izikhathi kwakwakhiwa ama-altare, kugxunyekwe izinsika noma izigxobo ezingcwele kufakwe neminye imihlobiso yenkolo ukuze kwenzelwe khona imikhuba uNkulunkulu ayeyilahla. (Num. 33:52)—8/1, ikhasi 23.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela